19/10/2026
ITheku lijutshe ithimba lezimo eziphuthumayo kulandela isexwayiso sesimo sezulu
UMasipala weTheku usubeke ithimba lezoPhiko lweziNhlekelele, ezeMililo kanye nezimo eziphuthumayo njengoba uphiko lweSouth African Weather Services (SAWS) lukhiphe isexwayiso sesimo sezulu esibi namuhla eThekwini.
Ngokwesitatimende esikhishwe uMasipala weTheku, abakwaSAWS bakhiphe isexwayiso sika-Level 4 mayelana nokuduma kwezulu okunamandla, kusukela ngo-13h00 kuze kube u-23h59, kanye nesexwayiso sika-Level 2 mayelana nomoya olimazayo kusukela ngo-11h00 kuze kube ngu-06h59 ngoLwesibili, zingama-20 kuMfumfu 2026.
Iziphepho ezinamandla, umbani omningi, isichotho esingase sibe khona, kanye neziphepho ngaseningizimu esingaba 8km/h okungalimaza ingqalasizinda, kudale izikhukhula kanye nobungozi bokushayela emigqaqweni.
Abasebenzi bezimo eziphuthumayo balindile, kanti uphiko lwamaphoyisa kaMasipala weTheku luzoqapha izindawo ezikhahlamezwa yizikhukhula ukuze kulawuleke ukuhamba kwezimoto, kuvalwe nemigwaqo engaphephile.
UMasipala weTheku uthi:
•Gwema uhambo olungadingekile futhi uhlale endlini lapho kungenzeka khona;
•Ungalokothi ushayele noma uhambe emigwaqweni egcwele amanzi noma emanzini agelezayo;
•Vikela izinto zangaphandle ezixegayo futhi ususe izinto ezibalulekile ngaphezu kwamazinga ezikhukhula alindelekile;
•Yibakude namabhishi, imifula kanye nogu;
•Hlala ngaphakathi endlini kude namafasitela ngesikhathi sombani futhi ukhiphe izinto ezisebenza ngogesi.
Izakhamuzi kufanele zithembele eziteshini ezisemthethweni ukuze uthole izibuyekezo. Esimeni esiphuthumayo thintana nabezimo eziphuthumayo eThekwini ku-031 361 0000.