
10/04/2025
Cishe isimibili iminyaka umsakazo womphakathi wase Ntuzuma ungatholakali emoyeni ngemumva kokuba otsotsi bagqekeza kulomsakazo beba imishini yokusakaza. Abaphathi balomsakazo bazame ngakho konke okusemandleni ukuthola indawo yokubeka lomsakazo kulomphakathi kodwa lutho ukuthola indawo kuqhamuka amakhansela akwezinye izindawo ukulekelela lomsakazo ngendawo yokusebenzela njengoba lapho kwakukhona lomsakazo izinga lezokuphepha lingekho.
Inkinga abaphathi ababhekana nayo ukuthatha lomsakazo bawuyise kwenye indawo izolimaza ingqikithi kanye nezizathu zokusungulwa kwalomsakazo njengoba kuzomele ushintshwe ngisho negama. S**e safaka ngaphambilini lapha ephejini lethu ukuba abalaleli bethu beze negama elisha lalomsakazo kepha isibalo sabaningi baveze ukungenami neze ngalesi sinqumo okuholele ukuba izinhlelo zokuthuthwa kwalomsakazo zihoxiswe.
Esingakusho njengamanje ukuthi lomsakazo awukuzokuphela nabaphathi basaqhubeka nokulwa impi yokuba lomsakazo ubuye emoyeni uqhubeke nokulekelela amakhono asafufusa nokunika abathandi nabalaleli balomsakazo ithuba lokuba nezwi.
Kwabathumele izingoma zabo kuma emails ethu ningadikibali uma singaphenduli siyazithola izingoma zenu sizifaka nasohlwini lwezingoma ezizodlala kulo msakazo. Siphinde sithembize abathandi nabalaleli balomsakazo ukuba abaphathi balomsakazo basaqhubeka nokuzama indlela yokubuyisa lomsakazo kulendawo.
Siyabonga ukusibekezelela.
'isizwe