15/02/2026
Ukubekezela kuya khokhela ngempela🌛
Umthwebili uLeonardo Sens wase Brazil uchithe iminyaka emithathu ezama ukuthola isthombe esisodwa esicace bha, senyanga igqondene ngqo nezingalo zesichuse se Christ The Redeemer esise Rio De Janeiro khona ezweni lase Brazil.
uLeonardo uchithe iminyaka efunda ukunyakaza kwe nyanga, esebenzisa ama app okuqondanisa iskhathi okuzokwenzeka ngaso lesi simangaliso.. Uthenge i-camera enombhobho ongu 600 mm ukuthwebula lesi sthombe.
Wehluleka ngo Nyaka wama 2021, amafu afihla inyanga nangonyaka wama 2022 ngalo ngqo usuku ayelu dinga.
Kwaze kwalamula umhlaka 4 June 2023.
ULeonardo welungiselela imishini yakhe e- Icarai Beach ibangana elingango 7miles ukuqhela kulesi schuse esikhulukazi. Wahlala walinda. Amafu afihla inyanga futhi ngo Mgqibelo, Kodwa wabuya futhi nge sonto nokwabe sekuyisikhathi esikahle impela. Yonke into yayi qondene ngqo.
Ngalesikhathi inyanga yehlela ngemumva kwesichuse somfanekiso ka Chrestu yaye yagamanxa ezingalweni zakhe sakuyithwala. Emva kwemnyaka emithathu ehluleka, uLeonardo wagcina ekwazile ukuthwebula isthombe ayesidinga..