24/10/2021
YINI EYENZA ABANTU ABANYAMA BABE HLWEMPU KODWA BENAMADLOZI NOMA BEKHOLELWA EKUTHENI IDLOZI LIKHONA FUTHI LIYASIZA?
Lona umbuzo abaningi abazibuza wona kakhulu kazi labo abangakholelwa ekutheni idlozi likhona yibona abajwayele ukuwubuza ngoba bebona engathi siyahlupheka nawo amadlozi ethu ekhona. Njengombhali ngiyaqinisekisa ukuthi idlozi noma ithonga likhona kakhulu kazi kithi babntu abanyama. Lapha sizoyikhela phezulu indaba yethu ekuphenduleni lombuzo ngoba ziningi izinto ezenza abantu bangalungelwa lutho kodwa bebe bekholelwa emadlozi, sizothinta izihloko ezincane ezahlukene noma ngingeke ngizibhale zonke ngoba ziningi kakhulu izinto esenza kube nzima kithi ndlu kaDingane benoSenzangakhona.
NB Lapha ngibhala izinto eziwumbono wami nengizifunde kubantu abadala Kanye nasenkolweni engikuyo yobu Nazaretha.
IZIHLOKO EZIQUKETHWE
1. UKUSEBENZISA UMSAMU OKUNGAWONA OWAKHO NOMA ISBONGO OKUNGAWONA ESAKHO.
2.ABANTU ABAKIPITILE NOMA ABAZALI ABANGAQHOYISENE
3.UKUNGAGEZWA KOMUZI UMA KUKHONA INTOMBAZANE ETHOLELE INGANE EKHAYA.
4.UKUNGAKHISHWA KWEZINGANE KOMALUME UMA ABAZALI SEBEGCAGCILE.
5.INGANE EYAPHUPHUMA NOMA EYAKHISHWA NGENHLOSO
6.INHLAMBULUKO
1. UKUSEBENZISA UMSAMU OKUNGAWONA OWAKHO NOMA ISBONGO OKUNGAWONA ESAKHO.
Lapha uma sibheka isbongo sibheka umsamu kahle kahle ayi isbongo esiku mazisi. Kubalulekile ukuth uma uzelwe uwazi umsamu oqondile okumele uwusebenzise khona kuzolunga izinto zakho, abantu abaningi basebenzisa imsamu engafanele baze benze imcimbii noma imsebenzi ngaphansi kwaleso sbongo abanye base bagcagce ngaphansi kwaleso sibongo kanti akufanele umuntu asisebenzise leso sibongo. Lokho uma kwenzekile basebenzisa isibongo esingafanele kubulala wena kuze kwehlele nasesizukulwaneni sakho utholukuthi siyahlaba ekhaya kodwa kungenzeki lutho kanti konakala leh emuva kumkhulu noma kuKhokho ingakho kubalulekile ukuthi umuntu azifune azixake ngemvelaphi yakhe abuze kubantu basekhaya abadala ukuthi baze babe lah bafika kanjani.
Khona okunye okwenziwa abantu kakhulu lokhu kokuthi ingane izalwe koMalume abazali bengashadile bese beyithatha bayifake esbongweni sikayise ebe engenzanga lutho ubaba wayo ukuyikhokhela noma kuyihlawula, mifika ingane lapho izibandakanye nomsamu wakubo kuze kufike lah ifaka khona isphandla sakubo igane noma iganwe ngaphansi kwaso leso sbongo bese yona iqhubeka ivuse leso sibongo kwesinye iskhath kuyaye kungaveli ngaleso skhath kuvele esizukulwaneni ukuth kumkhulu noma kuKhokho kwake kwenzeka into enjalo, ingakho ubona ekhaya niyahlaba nenza konke kodwa izinto azilungi kungaba into ekanjalo eyenzeka phambili noma eyenzeka kuwe noma Kubaba noma kuMama.
Njengoba bengishilo ukuth ngizokhela kweliphezulu ngisadlulela kwesinye ishloko
2. ABANTU ABAKIPITILE NOMA ABAZALI ABANGAQHOYISENE
Ukuhlala nomuntu ube ungamqhoyisile uyindoda noma ukipite naye ungakhiphanga lutho kubo kakhulu kazi nizohlala emzini onedlozi, liyaye lidinwe idlozi lapho ngoba ukuhlala kwenu akuhlambulukile ngoba anifikanga esigabeni sokuba umfazi nendoda, uma nembatha ndawonye niyalincolisa idlozi ekhaya, idlozi lifuna into ehlambulukile ekhaya ingakho uzothi wenza izinto ekhaya zingenzeki ngoba wena uhlalise umuntu ekhaya ungamphelelisanga Waze wamzalisa izingane. Nezingane lezo enizozizala lapho uma uke wazifaka isphandla sakulowo muzi wakini ngeke zilungelwe lutho nazo uzothi uyenza kube mnyama kakhulu kuzo ngoba wena wagcolisa umsamu Kanye nekhaya ngokuletha umuntu phakathi kwekhaya ndlela engahlambulukile, nesizukulwane esizophuma lapho sizobhedelwa izinto ngenxa yesenzo sakho. Kubalulekile ukuqhoyiisa unkosikazi uma kukuthi wawusukhokhe konke ekhweni lapho, uma ungaka khiphi lutho zama ukuqala ulobole kancane kancane khona uzokwazi ukwenza izinto ezihlanzekile ekhaya.
3. UKUNGAGEZWA KOMUZI UMA KUKHONA INTOMBAZANE ETHOLELE INGANE EKHAYA.
Izidalwa ziyacunuka uma kukhona owesfazane otholele ingane ekhaya langagezwa igceke ngembuzi ngoba umsamu uyaye uncole, nithi nenza imsebenzi izinto zivaleke kakhulu kanti izidalwa zincolile azigeziwe lokho kubange ukuth izinto zingahambi kahle ekhaya. Kubalulekile ukuth uma uzalele ekhaya noma ingane yakho izalele ekhaya ucele lowo oyimithisile ukuth ageze igceke, uma lowo oyimithisile esebalekile yona intombazane mele iligeze noma wena mzali wayo uligeze ngoba uwena obheke ikhaya.
4. UKUNGAKHISHWA KWEZINGANE KOMALUME UMA ABAZALI SEBEGCAGCILE.
Uma nithole izingane ngaphambi kokuba nigcagce noma nishade kubalulekile ukuthi zikhishwe koMalume ngembuzi ngoba uma ningazikhiphanga bese nazithatha nazohlala nazo, izinto zalezo ngane ngeke zihambe kahle kumele ziyakhishwa koMalume. Uma zigcina zingakhishwanga zaze zazala izingane kubhede esizukulwaneni zalezo ngane.
5. INGANE EYAPHUPHUMA NOMA EYAKHISHWA NGENHLOSO
Uma kukhona ingane eyamuphuphuma noma eyakhishwa izinto zivamise ukubheda kulabo abathintekayo, kuyenzeka ingane yakho noma kube izingane ozalwa nazo uma zingalungiselwanga izinto zazo ngokwesiko izinto ziyaye zingahambi kahle inhlanhla yenu ihamba ivaleke. Kubalulekile uma ingane yaphuphuma umama wayo kumele agezwe ngembuzi, bese eyabelethiswa leyo ngane, iqanjwe igama bese ithengelwa izingubo, okokugcina ukuyenzela isthebe. Kumuntu lyikhiphile ingane kumele aqale axolise kuyo nase Thongweni ngesenzo sakhe bese enza konke lokhu engikusho ngenxa okufana nokwengane ephuphumile.
Niyibheke impela leh yezingane ezaphuphuma nezakhishwa ziyayivala impumelelo ekhaya.
6. INHLAMBULUKO
Inhlambuluko iyiqedile imndeni emningi okubi ngayo iyabulala futhu kanti nempumelelo iyayivala ekhaya. Kubalulekile ukuth uma nixabene ekhaya nithelelane amanzi ngoba uma nike nabamba amagqubu iyovuka leyonto hlawumpe omunye eseshonile noma senishonile nobabili, ivuke ezinganeni zenu nakwi sizukulwane senu. Inhlambuluko uma ingenziwanga iletha ububha ekhaya ngoba amathongo asuke engahlezi kahle lah ekhona ngenxa yokuxabana kwabalabo abathile ekhaya ligcine lingasaniletheli izinhlanhla ekhaya. Iskhath esiningi Futh uma kukhona ababe xabene phambilini ekhaya koKhokho noma komkhulu nibona ngokuthi nani enikhona ngaleso skhath nihlale ngokuxaba njalo nje kumele nizame kuthola ukuth ngabe obani abahamba bengathelelene amanzi bese niyabenzela inhlambuluko khona kuzolunga izinto ekhaya.
Ngisacela kugcina kulezi hloko eziwu6 okwamanje ezinye zikhona ekhasini lami ungalivakashela ufike uzifunde ezithinta lombuzo owenza singaphumeleli singabantu abamnyama kodwa sibe sikhokholelwa ekutheni idlozi likhona. Ngiyacela ni-Like iPage lami, niShare nakwabanye khona bezosizakala kulezi nkinga ezisi khungethe siyindlu empisholo.
Ngicela ni-Like nali iPage lami Nkosikhona khuzwayo bese nili Share nakwabanye khona bezosizakala kulezi nkinga ezisi khungethe siyindlu empisholo