14/06/2026
From: Nkosinathi P Shange’ Post
𝐔𝐌𝐋𝐀𝐍𝐃𝐎 𝐊𝐀 𝐒𝐇𝐄𝐌𝐁𝐄 𝐍𝐎 𝐌𝐅𝐔𝐍𝐃𝐈𝐒𝐈 𝐉𝐎𝐇𝐀𝐍𝐍𝐄𝐒 𝐌𝐋𝐀𝐍𝐆𝐄𝐍𝐈.
UShembe wafika kubantu bakwa Mlangeni e - Piriti, e - Free State, eshumayela. U - Johannes Mlangeni wayengu - Mweseli. Waphenduka walandela uShembe owambhabhadisa emfuleni, i - Namakazi. Emvakwalokho, waba ngu Mshumayeli ka Shembe. Babehamba ndawonye beshumayela ezindaweni eziningi ngoba umsebenzi wawukhula.
Wasuka ke uShembe e - Harrismith (eNtabazwe) Free State, weza eNatal. Kwaphela unyaka uShembe efikile, kwathi ngonyaka olandelayo wehla u - Johannes Mlangeni, weza eThekwini evakashele uShembe. Kwathi uma esefuna ukuphindela emuva, wanqaba uShembe. U - Johannes Mlangeni, wavuma ukuhlala noShembe bashumayela ndawonye. U - Johannes Mlangeni, waba ngumsizi ka Shembe, waba isandla sika Shembe sokudla, waba namandla negunya lokuphatha izindaba namafa ka Shembe.
Uma uShembe ethenga indawo, u - Johannes Mlangeni wayethunywa ukuba ayokhokha, bese kwenziwa yonke imicikilisho yokudayiselana. U - Johannes Mlangeni wayaziwa yiwo wonke umuntu. Ngisho imali yentela uma iqoqwa, nguye u - Johannes Mlangeni owayebhekene nalokho. Uma kunamacala ezinkantolo, kwakuba nguye u - Johannes Mlangeni oya lapho, afike amele uShembe neBandla lamaNazaretha.
𝐈𝐧𝐝𝐚𝐛𝐚 𝐤𝐚 𝐌𝐟𝐮𝐧𝐝𝐢𝐬𝐢 𝐉𝐨𝐡𝐚𝐧𝐧𝐞𝐬 𝐌𝐥𝐚𝐧𝐠𝐞𝐧𝐢 𝐢𝐤𝐮𝐦𝐪𝐮𝐥𝐮 𝐰𝐞𝐬𝐢𝐛𝐢𝐥𝐢, 𝐤𝐰𝐢 𝐧𝐜𝐰𝐚𝐝𝐢: 𝐈𝐧𝐝𝐚𝐛𝐚 𝐤𝐚 𝐈𝐬𝐚𝐢𝐚𝐡 𝐒𝐡𝐞𝐦𝐛𝐞.
Encwadini yefa lika Shembe (Will) likhona futhi igama lika Johannes Mlangeni lapho, uShembe wamabela.
𝐈𝐧𝐜𝐰𝐚𝐝𝐢 𝐲𝐞𝐟𝐚 𝐥𝐢𝐤𝐚 𝐒𝐡𝐞𝐦𝐛𝐞, 𝐤𝐮𝐥𝐨𝐭𝐬𝐡𝐢𝐰𝐞 𝐧𝐠𝐚𝐲𝐨 𝐤𝐰𝐢 𝐧𝐜𝐰𝐚𝐝𝐢: 𝐈𝐬𝐢𝐤𝐡𝐨𝐧𝐳𝐢 𝐬𝐞𝐧𝐡𝐥𝐮𝐩𝐡𝐞𝐤𝐨, 𝐞𝐥𝐨𝐭𝐬𝐡𝐰𝐞 𝐧𝐠𝐮 𝐀𝐝𝐯. 𝐓.𝐇 𝐌𝐧𝐲𝐚𝐧𝐝𝐮.
𝐔𝐃𝐔𝐌𝐎 𝐌𝐀𝐋𝐔𝐁𝐄 𝐊𝐔𝐘𝐄 𝐎𝐖𝐄𝐍𝐙𝐀 𝐈𝐙𝐔𝐋𝐔 𝐍𝐎𝐌𝐇𝐋𝐀𝐁𝐀.