GMP Records

GMP Records Artist development, Record label.

04/10/2026
30/09/2026

UMNELISENI - I-TAZZ.

Akusdudla akusdudla sengoma kulentwana yakwaMaphumulo ngeke ngidlale ngani bafwethu ngisho ungavakasha lapha ku Youtube noma iluphi uhlobo lwezitolo za online uzowthola umsebenzi kaMneliseni uzofike ubheme ukholwe, Kukhona eyayithi Gcaba Brothers evutha umlilo.

Akuye umfana okhonze ama feat abantu ibaqwaqwada iyodw lentwna inekhono lengane iza nomsebenzi omusha ozophuma ngolwesihlanu izolandela nepromo uzobhema ukholwe kusetshenziwe nakulonyaka.

30/09/2026

UMADLEGIJIMA - ISINQUMO.

Hawu bengithi uBanyazile useyacula hhayi kanti lensizwa uMadlegijima udabuka eJozini hheyi iyafana oBhanyazile lensizwa.

Ike yashisa izikhona ngengoma ethi Ngifuna Yona ehamba nestriker somaskandi uShenge, Ubuyile ke kulonyaka nganasi Isinqumo lomsebenzi usuyatholaka online.

30/09/2026

INQAMA YETHU - OMAFIKIZOLO.

Anginyanyi intshebe yayo kuthi ngishise ngespilithi, Sukaaaaa kwase konakele isifikile futhi inkunzi yenu Inqama Yethu kolonyaka iza ne extended play anama feat impela azokumamgaza wena linda back cover kodwa ngolwesihlanu ebusuku uyaphuma lomsebenzi.

Iphi Melmoth ayisukume yonke manje ngeke ngisasho ukuthi kuyiphi indawo ungalinge ukuphuthe lomsebenzi sibuyise lowashuni wethu lo esasusa ngawo izidumo samisa yonke into endimeni.

Indlamlenze group & foundation | Gcwalisa music development workshop pictures.
23/09/2026

Indlamlenze group & foundation | Gcwalisa music development workshop pictures.

Inkosi uMalusi Zondi Royal chancellor ehambusana noKhozi fm, Bebehambele Kwamashu hostel okuyisigodlo sasembelebeleni uk...
23/09/2026

Inkosi uMalusi Zondi Royal chancellor ehambusana noKhozi fm, Bebehambele Kwamashu hostel okuyisigodlo sasembelebeleni ukukhumbula iLembe njengoba kuwusuku lwesikhumbuzo sayo kusasa, Wakhuza nesihlava sokubulawa kwabantu besfazane uthembise ukuthuthukisa ama hostela nabantu abamnyama.

07/09/2026

NND INTERNATIONAL - LOVE BACK.

Sukaaa! Sukaaa! Nala lamagagu madoda "Kwelakithi kwanongoma asizizo incelebane" Nawa amaNND niyazike nani athandwa kanjani ngomculo wawo oxoxa nabantu nofundisa ngobunsizwa nesizilu.

Insizwa ezinogazi esezizakhele igama emculweni lezi basebenzile nezihlabani eziningi singabala Umthandeni Sk, Mashelala nabanye lomsebenzi wabo omusha ngiyacabanga uzophuma ngolwesihlanu anginaso isiqiniseko mawuphuma nje ngicela sibeseke uzobe ubukeka kanje lapha online.

Address

200 Musa Road
Durban
4360

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when GMP Records posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to GMP Records:

Shortcuts

Share

Category