Umlazi Online

Umlazi Online Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Umlazi Online, Media/News Company, Umlazi, Durban.

Umlazi’s go-to platform for news, stories and updates | 18 Million+ monthly views and growing | Advertise with us | Have a news tip or a story? | Send it our way! | WhatsApp 067 228 0803

Kufunwa umnikazi we-ID etholakale ngasebhishiUmlandeli woUmlazi Online ucela ukufuniswa umnikazi kamazisi otholakale eBa...
31/08/2026

Kufunwa umnikazi we-ID etholakale ngasebhishi

Umlandeli woUmlazi Online ucela ukufuniswa umnikazi kamazisi otholakale eBay Terrace uma uya ngase-Ushaka Marine.

Lo mazisi ubhalwe ukuthi ungokaSilindile Thembelihle Mkhize. Uma kukhona umuntu omaziyo, sicela amtshele ukuthi afonele le namba 0791230730 ukuze ezotholiselwa ngomazisi wakhe.

Kuhlelwe inkulumongxoxo yokudingida ngezinto ezikhathaza umphakathi waseMlaziIMarch and March izoba nenkulungxoxo lapho ...
31/08/2026

Kuhlelwe inkulumongxoxo yokudingida ngezinto ezikhathaza umphakathi waseMlazi

IMarch and March izoba nenkulungxoxo lapho okuzobe kubhungwa khona ngezinkinga ezikhathaza umphakathi waseMlazi.

Le nkulumongxoxo ebizwa nge-Umlazi Sector-Based National Dialogue izobe iseMangosuthu University of Technology ngoMgqibelo ozayo (umhla ka-12).

UKhulekani Makhathini ohola iMarch and March eMlazi uthi le nkulumongxoxo ibaluleke kakhulu. Uqhuba uthi umuntu ofisa ukuba yingxenye yale dialogue kudingeka ukuthi angene kule link engezansi, agcwalise ifomu.

“Ukuze uNational Dialogue uyisaphothe kumele kube nabantu abagcwalisile abangu-300. So siyacela ukuthi abantu baseMlazi bangene bagcwalise ama-form; and ngomhla ka-12 baphume futhi ngobuningi babo beze eMangosuthu,” kusho yena.

“Kuyobe kuxoxwa kakhulu ngezinto ezihlupha umphakathi…izinto umphakathi waseMlazi - nezindawo ezakhele uMlazi - abafisa zilungiswe ugavamenti. I-transport ihlelelwe abantu asebekhulile aba-over 55 nabantu abakhubazekile okwamanje,” uphethe kanje.

https://docs.google.com/forms/d/e/1FAIpQLSfSkvUz8pmMyKSSwt-jUraaJhDnhDyX6G3FHKH0Dngm2RKd6Q/viewform

Owesifazane wakwaCC ucela ukufuniswa indodakazi yakhe eyanyamalala ngoNovembaOwesifazane waseMlazi kwaCC ucela ukufunisw...
31/08/2026

Owesifazane wakwaCC ucela ukufuniswa indodakazi yakhe eyanyamalala ngoNovemba

Owesifazane waseMlazi kwaCC ucela ukufuniswa indodakazi yakhe (esesithombeni) eyahamba ngoNovemba nyakenye wangabuya. Igama layo uNokukhanya Gumede.

UNokukhanya uneminyaka engu-25 kanti akaphilile kahle ngokomqondo. Kuthiwa umngani wakhe ajwayele ukuya kuyena, uZama, uthi naye kade amgcina.

Umama kaNokukhanya uthi usemfune waze wancama kangangokuthi akasazi manje ukuthi kufanele enze njani. Uveze nokuthi walubika udaba emaphoyiseni, kwavulwa idokodo lomuntu olahlekile.

Umlazi Online uthole ukuthi kukhona abathi uke abonakale kwaM nakwaN uNokukhanya. Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi ngaye afonele le namba 073 376 8368.

Ugcine utholakele umndeni wengane yakwaQ eshayiswe yimotoUgcine utholakele umndeni womfana omncane ogama lakhe uBanele N...
30/08/2026

Ugcine utholakele umndeni wengane yakwaQ eshayiswe yimoto

Ugcine utholakele umndeni womfana omncane ogama lakhe uBanele Ndlovu esibike ngaye phambilini namhlanje ukuthi ushayiswe yimoto ngaseKing Zwelithini Stadium eMlazi.

Ngemva kokwenzeka kwale ngozi umshayeli umile, wehla emotweni wathatha lo mfanyana wamphuthumisa esibhedlela ePrince Mshiyeni ngomoya womuntu. Akabange esalinda nanokuthi kufike i-ambulensi.

Uma kufikwa esibhedlela uvulele lo mfanyana ifayela maqede wamhlalisa esenza imizamo yokuthola abazali bakhe.

Ube esexhumana noUmlazi Online wacela usizo lokumfunisa umndeni kaBanele. Akupholanga maseko silushicilelile udaba watholakala umndeni womntwana.

Kuthungathwa umndeni wekhehla elihlala eLindelani Ntuzuma CKufunwa umndeni kaZimpompo Shinga (osesithombeni) ohlala eLin...
30/08/2026

Kuthungathwa umndeni wekhehla elihlala eLindelani Ntuzuma C

Kufunwa umndeni kaZimpompo Shinga (osesithombeni) ohlala eLindelani Ntuzuma C enyakatho yeTheku. Kukholakala ukuthi umshana wakhe uhlala eMlazi yize kungaziwa ukuthi kusiphi isigceme.

Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi lo mndeni kamkhulu noma umshana wakhe lo ohlala eMlazi axhumane noNomusa Cele kwethi 063 039 4833. Kuyaphuthuma.

Ubhekwe ngabomvu oweLamontville Golden Arrows neSundownsSebeqalile ukuthutheleka enkundleni iKing Zwelithini Stadium eMl...
30/08/2026

Ubhekwe ngabomvu oweLamontville Golden Arrows neSundowns

Sebeqalile ukuthutheleka enkundleni iKing Zwelithini Stadium eMlazi abathandi bakanobhutshuzwayo ngaphambi komdlalo womlenze wesibili wowandulela amanqamu weMTN8. Lo mdlalo Onele ngabomvu uzoqala ngehora lesithathu.

Kufunwa intombazane enyamalale nosana olunezinyanga ezintathu luzelweOwesifazane oqashe eMlazi kwaV onguYolanda Gawulana...
30/08/2026

Kufunwa intombazane enyamalale nosana olunezinyanga ezintathu luzelwe

Owesifazane oqashe eMlazi kwaV onguYolanda Gawulana ucela ukufuniswa udadewabo ogama lakhe uKwanele Gawulana (osesithombeni) oneminyaka engu-18 ohambe izolo ekuseni wangabuya.

Kuthiwa ugcine ukubonakala ngakaJeena ngasegaraji kwaShembe khona izolo. Uhambe nosana lwakhe olunezinyanga ezintathu ekubeni kwayena akakaqedi nanezinyanga ezintathu efikile eMlazi evela e-Eastern Cape nokuyilapho adabuka khona.

Udadewabo kaYolanda, uKwanele, utshele Umlazi Online ukuthi uYolanda wafikela kuyena ezinyangeni cishe ezimbili ezedlule evela e-EC. Uthi okumxakayo manje ukuthi uze ubonaka egudla ngakoJeena nje wazi bani ngalapho ngoba kwayena uKwanele akazi muntu kulezo zindawo.

“Ngikhathazwa nakakhulu ukuthi ingane yakhe-ke izoba yini la ikhona ngoba zonke izidingo zayo zibhekelelwa yimina. Kwayena ubhekwe yimina njengosisi omdala. Sikhuluma nje kade ngisezinhlelweni zokuthi ngiyoyenzela ikhadi lomgomo njengoba afika la eThekwini engaliphethe,” kusho uKwanele.

Uqhube wathi uYolanda usembhlokhile kuWhatsApp nakuFacebook ngakho-ke akasanayo indlela yokuxhumana naye. Uthi ngokwakhe ufisa aphucwe ingane-ke bese eyaqhubeka nezindlela zakhe uma kuyiyona leyo impilo ayikhethayo.

Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi olungasiza ekutheni atholakale ashayele le nombolo 076 265 7795.

Akakatholakali umfana waseNanda owathunjwa ngaphandle kwesitolo eMlaziAkakatholakali uSakhile Mngadi waseNanda Ohlange o...
29/08/2026

Akakatholakali umfana waseNanda owathunjwa ngaphandle kwesitolo eMlazi

Akakatholakali uSakhile Mngadi waseNanda Ohlange okuthiwa wathunjwa ekhonjwe ngesibhamu eMlazi ngoMsombuluko odlule (ngomhla ka-17).

Ngokusho kwabangani bakhe, babeye eMlazi nokuyilapho okwaba khona ukuhilizisana ngamazwi phakathi kwakhe nomuntu odayisa e-tuck shop kwa-E kuleli lokishi.

Kwathi ngemva kwalokho wathelekelwa abantu ababehamba ngePolo bamlayisha emotweni ekhonjwe ngesibhamu. Akaze aphinde abonakale kusukela ngalelo langa. Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi ngaye abike kule nombolo 086 1234 333.

Intsha ihlonyiswe ngolwazi lwezemisebenzi eNgonyameni Inkampani yaseNgonyameni egxile kwezolimo, i-AGRIGLAM, isingathe u...
29/08/2026

Intsha ihlonyiswe ngolwazi lwezemisebenzi eNgonyameni

Inkampani yaseNgonyameni egxile kwezolimo, i-AGRIGLAM, isingathe umcimbi wokufundisa ngemisebenzi iCareer Guidance Exhibition eNomavinbela High School kule ndawo namhlanje.

Kade kukhona ochwepheshwe abasemkhakheni ehlukahlukene yezempilo, ezemfundo kanye nezamabhizinisi. Umsunguli we-AGRIGLAM, uSphindile Xulu, uthi intsha yendawo ayiwuvali umlomo ngolwazi eluzuzile kulo mcimbi.

29/08/2026

Umndeni waseHarding ucela ukufuniswa owesifazane owayehlala eMlazi

Umndeni waseHarding ucela ukufuniswa uLungie Miya abamgcina ngo-1990. Wayehlala emzini wakaMiya eMlazi kwaH. Kuthiwa kwakuyishibhi khona.

Uzalwa uGilbert Miya kanti umama wakhe uGoodness Ngcobo yena-ke owayehlala KwaMashu. UNontuthuko Jakweni uthi ucela uLungie abathinte ngokushesha. Kumayelana nomama wakhe. Inamba angayifonela ithi 065 965 0962.

Address

Umlazi
Durban
4031

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Umlazi Online posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share