08/11/2025
INIKEZELWE NGOKUSEMTHETHWENI INKUNDLA YEZEMIDLALO EWARD 15
IMeya yomkhandlu uKhansela Mxolisi Mthethwa namuhla uhole ithimba lamakhansela eyonikezela ngenkundla yezemidlalo ekhandwe eMachibini emncelene wase Ward 15 kanye no 10.
Ethula inkulumo yakhe uMhlonishwa ubeke umlando walenkundla ukuthi yaqalwa nini, kanti yaphazamiseka ngesikhathi se Covid-19 kwathi namhla isisemaphethelweni kwahlasela izikhukhula okwenze kwaba nzima ukubeka inkece yokuyilungisa ngoba umnyango wezemidlalo kanye namaciko wase uhoshe imfe ekubambisaneni noMkhandlu ukwakha lenkundla lokho okwenze uMkhandlu usale wodwa utabalase ukugcina lenkundla iphelile.
IMeya iphinde yanxusa izinhlaka zomphakathi ukuba kube izona eziqapha lenkundla futhi ziyisebenzise ngokucophelela. Lenkundla izosetshenziswa ama Ward amaningi kusukela ku 10, 14, 15, kanye no 16. Kusukela namuhla nje isivuliwe yanikwa nomphakathi. Kulindeleke ukuthi kube nendumezulu yemidlalo nge Sonto kuyo lenkundla.
゚viralシfypシ゚viralシ