Ukhamba Newspaper

Ukhamba Newspaper Media

Umholi weqembu I-MK Party (MKP), uJacob Zuma useyalele indodakazi yakhe u Duduzile-Sambudla Zuma ukuthi ixolise ngemuva ...
11/02/2025

Umholi weqembu I-MK Party (MKP), uJacob Zuma useyalele indodakazi yakhe u Duduzile-Sambudla Zuma ukuthi ixolise ngemuva kokuthi ishiye engalazi kuNobhala-Jikelele weqembu, uFloyd Shivambu ezinkundleni zokuxhumana.

U-Duduzile usetshelwe ukuthi axolise esidlangalaleni noma aqondiswe izigwegwe.

Ezitatimendeni eziwuxhaxha azibhale enkundleni yezokuxhumana u-X, uDuduzile ukhwele wadilika kuShivambu emchaza njengomuntu ongenamsebenzi futhi “oyinto embi kakhulu eyake yenzeka kuMKP.”

U-Sambudla-Zuma uphinde wayalelwa ukuthi axolise ezinhlakeni zonke zeqembu, kuzo ekubalwa ne Southern Caucus of the Pan African Parliament.

“Lokhu kuxolisa kumele kwenziwe ngokushesha. Emva kwalokhu, kuzoqalwa uhlelo lwangaphakathi lokuqondiswa kwezigwegwe ngokuhambisana nomthethosisekelo weqembu loMkhonto weSizwe, indlela yokuziphatha kanye nayo yonke imigomo efanele,” kusho iqembu

Uphume igazi ngoMlomo kwaqhuma imthambo yegazi kobephuze incika Ufele phambi kozakwabo bengakwazi ukumsiza uMfana (19)wa...
11/02/2025

Uphume igazi ngoMlomo kwaqhuma imthambo yegazi kobephuze incika

Ufele phambi kozakwabo bengakwazi ukumsiza uMfana (19)wase Mlazi kwa BB ekubikwe ukuthi ufe ngesikhathi eqeda nje ukuphuza incika okuwumuthi wokukhwehlela ohlanganiswe neDrink i Sprite kuya ngokuthi uthande yiphi iDrink nanotshwala uyaysebenzisa kubo kuthe eseyphuzile waphuma igazi ngoMlomo qede waqhuma imthambo yegazi konke lokhu kwenzeke phambi kozakwabo bebuka. Ngokusho komngani uthi bebenakho ukuyiphuza uncika kabili ngelanga emvakwalokho bese bezela usuku lonke bebhocobale indlela ababhocobala ngayo ngeke usinike esingaboni kuvele kube mnandi engathi uyaphupha. Umndeni kamufi awufunanga ukuphefumula mayelana nalesigameko kodwa uveze ukuthi ukulala ekhaya wakugcina ngoLwesibili wangeviki eledlule.

Owesifazane waseQwaqwa usola inkampani ethengisa izimoto i-I-Auto Pedigree yaseQwaQwa ngokumdayisela iveni iToyota Hilux...
10/02/2025

Owesifazane waseQwaqwa usola inkampani ethengisa izimoto i-I-Auto Pedigree yaseQwaQwa ngokumdayisela iveni iToyota Hilux double cab ka-R525,000 ngoSepthemba 2023, okuvele ukuthi iyimoto,"eyiwele"

UNtumediseng Selatela uthi ngesikhathi eyolanda i-disc yemoto emnyangweni wezokuThutha ngemuva kwezinyanga ezimbili watshelwa ukuthi lemoto eyomunye umuntu eKZN.

"Engikufunayo nje ukuthi inkampani ithathe imoto yayo bese ingibuyisela u-R9,500 ebengiwukhokhela nyanga zonke kulezi zinyanga ezingu-15 ezedlule, kodwa bayanqaba ukusamukela lesi sicelo," kusho uSelatela

[ADVERT] Uma ufisa ukusebenza emkhakheni wezempilo kanjalo nowezokuphepha emsebenzini, Bhalisa e-HATFIELD CITY COLLEGE u...
15/01/2025

[ADVERT] Uma ufisa ukusebenza emkhakheni wezempilo kanjalo nowezokuphepha emsebenzini, Bhalisa e-HATFIELD CITY COLLEGE ufundele ukuba yi-HEALTH PROMOTIONAL OFFICER🩹🩺 noma i-OCCUPATIONAL HEALTH & SAFETY OFFICER⛑️

Akhona namanye ama'course akwa BUSINESS STUDIES asezingeni le-DIPLOMA🧑‍🎓
Batholakala eThekwini:

📍Number 40 Dr A.B Xuma Street,
18th floor Commercial City Building.
☎️ 031 305 0834
📱 067 402 6768

Hatfield City College 📚 💡

[Mtuba]Uma usuka ngaseNkodibe ubheke ngakoMfekayi kubikwa ingozi kwaKwiliza niqaphele.Source : Mablingo Zikhali
11/10/2024

[Mtuba]

Uma usuka ngaseNkodibe ubheke ngakoMfekayi kubikwa ingozi kwaKwiliza niqaphele.

Source : Mablingo Zikhali

‼️Kuzoshunqa uthuli eBaQulusini zidlana imilala. UMhlonishwa uMashobane ubiza isiFunda sakhe kunaMayoral Games ngoMgqibe...
11/10/2024

‼️Kuzoshunqa uthuli eBaQulusini zidlana imilala. UMhlonishwa uMashobane ubiza isiFunda sakhe kunaMayoral Games ngoMgqibelo..

[JUST IN] Sekushone abantu abangu 8, ekubalwa kubo nezingane zesikole ezingu 7 namhlanje ekuseni  ngesikhathi kutholana ...
11/10/2024

[JUST IN] Sekushone abantu abangu 8, ekubalwa kubo nezingane zesikole ezingu 7 namhlanje ekuseni ngesikhathi kutholana phezulu iloli elithwala impahla kanye nemoto ethwala izingane zesokole emgwaqeni u N2 olibhekise eNingizimu yesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Uyanxenxwa ukuba uwugweme lomzila okwesikhashana.

Source : Gagasi Fm

Amathikithi aseyatholakala
31/08/2024

Amathikithi aseyatholakala

31/08/2024
Grammy Award winner and South Africa's renowned poet, Jessica Mbangeni has died. The family has issued a statement infor...
31/08/2024

Grammy Award winner and South Africa's renowned poet, Jessica Mbangeni has died. The family has issued a statement informing the public that Mbangeni is no more

Owesifazane udayiselwe i KFC ebolile enezimpethu e Richards BayUkhishwe isisu ubusuku bonke u Phumzile Khoza wase Richar...
24/08/2024

Owesifazane udayiselwe i KFC ebolile enezimpethu e Richards Bay

Ukhishwe isisu ubusuku bonke u Phumzile Khoza wase Richard Bay odayiselwe inyama yase KFC ebolile enezimpethu... lowesifazane uthi mayelandisa uthenge ibhakede le 9 pieces we KFC izolo ntambama ubese udla amaqatha ambalwa endleleni eya ekhaya uthe mayefika endlini walifaka e frijini lelibhakede ngoba ubese suthi nokuthe eselele ebusuku wezwa sekubuhlungu isisu saqala samkhipha simshuka kwaze kwasa uthe ma eyibheka ekuseni lenyama eyivula phakathi igcwele izimpethu..uthi ubese ephuthuma kulesitolo wabakhombisa uthi bavele bangayingena indaba yakhe nokuthe ngokuhamba kwesikhathi bambuyisela imali athenge ngayo ukhala ngempakamo kubaphathi bakhona.

‼️INGQOPHAMLANDO IMEYA QUEEN XULU  YAKHA IZINDLU ZANGASESE IZINYANGA EZINTATHU VO OBESEKUPHELE IMINYAKA ELI-12 ZINGAKHEK...
24/05/2024

‼️INGQOPHAMLANDO IMEYA QUEEN XULU YAKHA IZINDLU ZANGASESE IZINYANGA EZINTATHU VO OBESEKUPHELE IMINYAKA ELI-12 ZINGAKHEKI‼️

BAKUDE ukukhohlwa bahwebi baserenki yamabhasi namatekisi eMlalazi iMeya ehola uMasipala uMlalazi ibakhela izindlu zangasese zikanokusho ubuholi bangaphambilini obese kuphele iminyaka eli-12 bezicela kodwa zingakhiwa. Lezi zindlu zangasese zethulwe khona namhlanje ngoLwesine emphakathini. Omunye wabahweni, uMnu Sfiso Mbhense uthi bayobukhohlwa befile ubuholi beMeya uXulu, obenza izinto zenzeke njengoba bebike usizi lomphakathi lokuzikhulula esidlangalaleni kwiMenenja yoMkhandlu uMnu Njabulo Shandu, yalusukumela phezulu udaba lwabo okuthe kuphela izinyanga ezimbili babona sekunomnyakazo. Ivula lezi zindlu zangasese eziyishumi sezizonke okukhona neyabakhubazekile, iMeya uXulu inxuse umphakathi ukuthi uzigcine zisesimweni lezi zindlu futhi zihlanzekile.
📌EMlalazi sisebenza ngokuzikhandla ukuzimisela nangobuqotho

Address

05 Mankwanyaneni Road Opposite Buhlebemvelo Store
Empangeni
3880

Opening Hours

Monday 07:00 - 17:00
Tuesday 07:00 - 17:00
Wednesday 07:00 - 17:00
Thursday 07:00 - 17:00
Friday 07:00 - 16:00
Saturday 07:00 - 12:00

Telephone

+27764856644

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ukhamba Newspaper posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ukhamba Newspaper:

Share