Mzansi Sport&Art Media

Mzansi Sport&Art Media team UIL

Mzansi Sport & Art Media
We bring you the heartbeat of South Africa through Sport & Art.
⚽ SA Sports: Breaking news, match updates, highlights & fan debates
🎤 KZN Artists: Rising talents, music, dance & culture from Mzansi
🔥

Amaphoyisa aseRichards Bay asesendaweni yesigameko sokudubula esenzeke esakhiweni sikahulumeni e-Arboretum ngoLwesine ek...
17/09/2026

Amaphoyisa aseRichards Bay asesendaweni yesigameko sokudubula esenzeke esakhiweni sikahulumeni e-Arboretum ngoLwesine ekuseni.
Imininingwane ngalesi sigameko isalokhu ingacaci, kodwa kubikwa ukuthi oyedwa umuntu ushonile.

Abafana sebengene esitolo sobucwebe e-American Swiss esisePrince Buthelezi Mall esanda kuvulwa e-Empangeni akucaci ukuth...
16/09/2026

Abafana sebengene esitolo sobucwebe e-American Swiss esisePrince Buthelezi Mall esanda kuvulwa e-Empangeni akucaci ukuthi kuthathweni okwamanje sizobuya nodaba oluphelele. Lesigameko senzeke namuhla ebusuku. Amaphoyisa aphenya isigameko.

14/09/2026

Umndeni usaqhubeka nokufuna u-Aisha Gracious, osekunamasonto amabili elahlekile eKempton Park.

U-Aisha akekho phakathi kwabantu abasanda kutholwa.

Noma ngubani oke wambona noma onolwazi olungasiza ngokuthi ukuphi, uyacelwa ukuba axhumane nomndeni noma ne-SAPS ngokushesha.

09/09/2026

09/09/2026
09/09/2026

Thank you National And KZN Provincial libraries

09/09/2026

Umsebenzi wami ngyabonga

KUZOHLONISHWA ISIHLABANI SOMCULO KAMASIKANDI ESHOWE Isihlabani  somculo  kaMaskandi, uMfiliseni Magubane, uzohlonishwa e...
04/09/2026

KUZOHLONISHWA ISIHLABANI SOMCULO KAMASIKANDI ESHOWE

Isihlabani somculo kaMaskandi, uMfiliseni Magubane, uzohlonishwa emcimbini omkhulu ozoba seShowe mhla ziyi-10 kuMfumfu 2026.

Lomcimbi uzobe uqhakambisa igalelo likaMagubane emculweni wesintu, ikakhulukazi uMaskandi, kanye neqhaza alibambile ekwethuleni lomculo kubantu bakwamanye amazwe.Abahleli balomcimbi bathi ukuhlonishwa kwakhe kuhloswe ngakho ukubungaza umsebenzi wakhe wesikhathi eside kanye negalelo lakhe ekulondolozeni amasiko nomculo wesintu.

Lomcimbi uza nje iyinyanga yamagugu, egujwa eNingizimu Afrika minyaka yonke ngoMandulo. Lenyanga inikeza abantu ithuba lokugubha nokwazisa amasiko, izilimi, umculo, imidanso kanye namagugu ahlukahlukene akha ubunjalo bezwe.

UMaskandi unendawo ebalulekile emasikweni aKwaZulu-Natali. Lomculo awugcini nje ngokuba wukuzijabulisa, kodwa uphinde ube yindlela yokuxoxa izindaba, ukuveza imibono yomphakathi nokudlulisa umlando namasiko ezizukulwaneni ngezizukulwane.

UMagubane ubalwa nabaculi abaye bafaka isandla ekugcineni lomculo uphila, ngesikhathi bewudlulisela nakubantu abangaphandle kweNingizimu Afrika.

UNobhala-Jikelele weMKP, uSibonelo Nomvalo, uthi bayiqaphe ngelokhozi inhlangano eyengamele ukhetho (IEC) ukuqinisekisa ...
04/09/2026

UNobhala-Jikelele weMKP, uSibonelo Nomvalo, uthi bayiqaphe ngelokhozi inhlangano eyengamele ukhetho (IEC) ukuqinisekisa ukuthi ayenzeleli i-ANC, uthe njengoba i-ANC yehlulekile ukubhalisa ama-candidate ayo ngesikhathi esibekiwe, i-MK ilindele ukuthi i-IEC inamathele esinqumweni sayo njengoba yamemezela ukuthi ngeke isalivula okwesibili leli thuba.

ZIBUYISELWE KUBAZALI IZINGANE EZASHUSHUMBISWA ZASIWA EMALAWIIzingane ezimbili ezathathwa eNingizimu Afrika zayiswa eMala...
04/09/2026

ZIBUYISELWE KUBAZALI IZINGANE EZASHUSHUMBISWA ZASIWA EMALAWI

Izingane ezimbili ezathathwa eNingizimu Afrika zayiswa eMalawi ngezinsolo zokushushumbiswa seziphinde zahlanganiswa nemindeni yazo.

UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uDina P**e, uthe umnyango wakhe uzosebenzisana ne-Interpol kanye nezinye izinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luyaphenywa ngendlela efanele.

UP**e uthe ukubuyiswa kwalezi zingane ezweni lakubo nasemindenini yazo kuyisinyathelo esibalulekile ekululameni kwazo nasekubuyiseleni amalungelo azo njengezingane.

Uphinde wagcizelela ukuthi lolu daba akumele lubhekwe njengecala labantu abalahlekile kuphela, njengoba izimo ezibikiwe zikhomba ezinsolweni zokushushumbiswa nokuxhashazwa kwezingane.

Uthe lolu daba ludinga ukungenelela okuphelele kwezinhlaka zokuvikela izingane kanye nezomthetho.

Address

Empangeni

Telephone

+27733779176

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mzansi Sport&Art Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Mzansi Sport&Art Media:

Shortcuts

Share