Ligwafm101.3

Ligwafm101.3 Gert Sibande's Hottest Frequency

18/11/2025
19/08/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Wangishiya athi mina angisebenzi futhi ngibuya ekhaya elihluphekayo.

Ngingowesifazane Ona 31 weminyaka ngikhule ngithandana nomunye ubhuti ukusukela eskoleni kuthe kulonyaka ondlule aqala ukusebenza washintsa umuntu wagcina akhuluma amagama kimi "ANGISEBANZI FUTHI NGIBUYA EKHAYA ELIHLUPHEKAYO" manje ngoJune uthole ingozi yemoto akakhoni ukwenza lutho.

Sekafonela mina uthi ucela ngimsize kulesimo akuso, yebo ngimxolele mina kodwa ngizibuza ukuthi ukumsiza kwami usekudinga manje njengoba angasakwazi kwenza lutho? Ekubeni kwathi makumhambela kahle wakhuluma amazwi abuhlungu kimi futhi nengingakaze ngawacabanga ukuthi azophuma emlonyeni wakhe.

Namike sengicela usizo kini ngenzenjani ngimsize noma ngivele ngimkhumbuze ukuthi wathini kimi?

12/08/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Ngingowesilisa Ona 38 years futhi ngishadile kanti umuntu engishade naye wakhuliswa yistepmother, yena uneminyaka engu 34 kanti istepmother sakhe sona sina 40 years.

Balaleli kunento engingayithandi lomama ayenzayo yazi uyathanda ukuvakasha lakithi ena lendlu esihlala kuyo inezindawo ezimbili zokugeza kukhona esetshenziswa yiwo wonke umuntu kanti enye isekamelweni lethu.

Manje lomama yena makafuna ukugeza ufuna yona lesekamelweni lethu. Ngithe ngikhuluma nomuntu wami wathi ngimyeke. Lomuntu njalo uphuma engagqokanga.

Okunye uyathanda ukubuya ahlale nathi egumbini lethu lokulala mangithi ngibonisa umuntu wami uyathukuthela uthi kusho ukuthi angimufuni umama wakhe.

Kodwa lomama wakhe makeze lakithi izinto azenzayo ziyangihlula mina. Sizani balaleli ngoba lento mina ngiyibona ngenye indlela futhii ezogcina isixabanisa. Mhlawumbe lomama uzifunela mina ngoba uyazi ukuthi lengani akayizali emagameni akhe sizani ingabe ngibona Kabi uma ngiyibona ngalendlela? 🤷🤷🤷

29/07/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Ngingowesilisa Ona 37 years sengilobolile kanti mina nomuntu wami sihlala sobabili Kanti futhi ekhaya kubo kuduzane nalasihlala khona.

Umuntu wami uyasebenza nami ngiyasebenza kanti yena uye asebenze nasebusuku kanti mina angisebezi ebusuku.

Nayi indaba yami umuntu wami unosisi wakhe ongishiya ngonyaka owodwa, njalo uma umuntu wami engena ebusuku usesi wakhe uyavakasha lapho esihlala khona.

Siqcine mina naye silala kwaze kwaba injwayelo manje yena losisi wakhe usekhulelwe kanti naye umuntu wami ukhulelwe futhi ngingasho nje ukuthi bobabili bakhuleliswe yimina, manje yena usisi kamuntu wami uthi ngitshele umuntu wami ukuthi naye ukhulelwiswe ngimi.

Ngiyikhuluma njani into enjena ngisenkingeni balaleli labantu bayezwana kakhulu kuthi.

Manje ngzothi ngiyamazisa kanti sengiyabaxabanisa ngicela ningilekelela bakwethu ngingaphuma njani kulesimo ngiyazi ukuthi naningekho kodwa ngalingeka sizani ngisenkingeni. 🙆🙆

27/07/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Ngingowesilisa iwu 34 iminyaka yami kanti ngiphila nokukhubazeka ngoba ngalimala engozini yemoto. Kukhona usisi engizwana naye futhi nengamthola emva kokulimala kwami yena akase wangishiya kodwa waba nami kubo bonke lobunzima.

Manje ekhaya sebathi uhlezi nami ngoba uyazi ukuthi kukhona imali ekumele ngiyithole, futhi bonke bathi izothi lemali mayiphela angishiye.

Ncedani balaleli ngeziluleko ngizobona njani ukuthi baqinisile ngoba ngikhuluma nje lomuntu uyanginakekela kakhulu kunabo laba abenza ngisole futhi ngididekile ngempela cela ningibonise kunasi isimo, ngenzenjani?

21/07/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Ngingowesilisa ngineminyaka engu 22 kulonyaka, angisana mama washona ubaba yena sewathatha omunye unkosikazi kantike mina ngihlala kugogo ngoba ubaba wathi kimi makube kukhona izinto engizidingayo ngikhulume nomkakhe.

Sonke lesikhathi vele bengikade ngenza kanjalo, manje ukusukela ngoDecember ngihlangabezana nenkinga ngiseskoleni mangithi ngikhuluma naye umkababa phecelezi (umamncane) ngicela izinto wathi ngikhulume nobaba mangikhuluma nobaba nayw wathi ngikhulume nomkakhe angisazi ukuthi kumele ngikhulume nobani manje.

Sebedlala inkomba-nkombane nami sengididekile ukuthi sengiyosizakala kanjani manje. Balaleli mhlawumbe ngokubona kwenu basangidinga nje labantu ezimpilweni zabo noma ngiphume nami kubo ngiziphilele.

Okubuhlungu ukuthi ezakhe izingane ahlala nazo ziphila kamnandi kodwa mina ngiyahlupheka konke engikufunayo kungokwesikole kodwa usizo angilutholi kubo sizani ngenzenjani?

20/07/2025

Sawubona BMW eMkhumbini weLigwa abalaleli kanye nabalandeli beLigwa FM.

Ngingowesifazane oshadile futhi ngisesemncane kanti umyeni wami ungumuntu othanda kakhulu unkulunkulu futhi lapha esikhonza khona unesikhundla.

Nasike inkinga yami ukuthi njalo mekamile phambile uthanda ukuthi ebandleni SUKUMA MKAMI BAKUBONE aphinde athi umkami omuhle futhi angifuni lutho ngaye, aqhubeke athi ngamkhetha phakathi kwabaningi.

Izinto azikhuluma ebandleni akusiyona le ayenzayo, mina engikwaziyo ukuthi endlini akusinjalo lamagama awakhuluma phambi kwabantu awalona neze iqiniso. Angikhumbuli athi kimi sthandwa sami kodwa phambi kwabantu uyasho.

Mina ngishilo ukuthi angaphindi angisukumise phambi kwabantu akhulume into angayenzi, manje sesiyalwake uthi mina angilaleli. Mlaleli kusizani ukuthi ukubizwa ngamagama phambi kwabantu kodwa masibabili angilutho kuye?

Ingabe kuyiphutha na ukuthi ngimtshele angaphindi angisukumise ebandleni sizani.

Address

123 Littledale Street Casim Park
Ermelo
2350

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ligwafm101.3 posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ligwafm101.3:

Share

Category