22/10/2025
Ake Sibukeze ubufakazi buka-Witness 'A' bezinsuku ezimbili 20th-21st/10/2025 kwiKhomishana kaMadlanga:
1. Ngo-April 2024, kwabulawa u-Armard Swart, uNjiniyela wenkampani i-Q Tech endaweni yase-Vereeniging, ebulawa ngokusolwa ukuthi uyi-whistleblower edalula inkonhlakalo yangaphakathi kwaTransnet.
2.🎥Ngayizolo, ngaphambi kokuba kubulawe uSwart, ICCTV footage iveza iMercedes Viano ka-Michael P**e Tau izulazula ngaseSangweni lapho kusebenza khona uSwart. UP**e wayengu warrant officer iminyaka engu-30, wayeka waba inkabi.
3.🚘Ngosuku olulandelayo, i-Hyndai i20 emhlophe, enabalisa abane(4) yafika ngaseSangweni emsebenzini kaSwart, yamthola ehlezi emotweni yakhe ngaphandle kwamasango, yavulela amashodi angu 23, wafela lapho.
4.🕐📲Emizuzwini embalwa, uTau wathumela umyalezo ku-Katiso Molefe eqinisekisa ukuthi umsebenzi ufeziwe.
5.🔎👮🏿♂️Amaphoyisa athola lemoto ebihamba ababulali isemzini ka-Kekana, kwatholakala namafoni ebesetshenziswa u-Tau ukuhlela ukubulala.
6.🌆🚔Lapho sebeboshwa abasolwa, kwatholakala amanye amafoni, izibhamu: 1 riffle namaPistoli amabili. NeRimu lemoto kaP**e konke lokhu kugcinwe abeForensic.
7.🤯Ngenkathi amaphoyisa eyobopha uKatiso 'KT' Molefe, athola amadokodo ahlobene namathenda akwa-Transnet, neSK Group.
8.⚠️Major General Richard Shibiri wazama ukuphazamisa uphenyo, watshela ufakazi A no B ukuthi labantu ababoshiwe 'bayingozi kabi'.
9.😠Ufakazi A wathola ucingo oluvela kuColonel Mokoena owamazisa ukuthi uGeneral Shadrack Sibiya akeneme ngokuboshwa kwaMolefe futhi ufuna imininingwane ngokuboshwa kwakhe.
10.😶Ufakazi A wathola ucingo ku-Anonymous owamtshela ukuthi u-Molefe uphethe bonke oGeneral emaphoyiseni.
11.💰🏛️Kwenziwa izinhlelo ngaphakathi emaphoyiseni ukuqinisekisa ukuthi uTau noMolefe bathola ibheyili, ngokugwazela umshushisi nomahluleli.
12.🧠Ufakazi A uveze nokuthi bayazi ukuthi njengoba uMolefe ekhishwe ngebheyili kaR400k kuleli cala lokubulawa kwaDj Sumbody, uMolefe uphinde wakhipha enye imali engango R2.5 million ukugwazela izikhulu ezehlukene ukuqinisekisa ibheyili uyayithola.
13.🕵🏿♂️Kuvele nokuthi uVusi 'Cat' Matlala, uJulius Malema noKatiso Molefe bayazana.
Ikhomishana iyaqhubeka kusasa
Bantu News
Equality Matters