KUYINTOKOZO enkulu ukuba ngithole lelithuba lokuthi ngizodlulisa amazwi okunemukela lapha endaweni yasoLundi kuloluhlelo olukhulu kangaka lwe SALGA KZN TECH GAMES.
Loluhlobo lwemidlalo lusha ceke luxhumeke kakhulu kwezobuchwepheshe kanye nokusetshenziswa kwama Computer nokunye okuwubuxhakaxhaka besimanje. Kuyiqiniso ukuthi kulesi sikhathi esiphila kuso okuningi kwakho makwenziwa kusetshenziswa khona lokhu okuthinta ezobuchwepheshe.
Ngisho ungazama kanjani ukukubalekela lokhu uzokufica kumakhalekhukhwini wakho, uyebhange ukufice, kumtapo wolwazi nakho kahle kahle yonke indawo sekuphilwa ngabo ubuchwepheshe.
Kuyasithokozisa ke nathi njengomasipala wasOndini ukuthi uma uSALGA ucabanga ukuhlela lolusuku wabuka indawo yasOlundi ukuthi konke lokhu kwenzelwe lapha. Sikweseka kakhulu lokhu futhi siyafuna ukukubona kuqhubeka kwenzeke ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho khona izikole zakhona zingenazo izinsiza kufunda nokufundisa. Lokhu kusinikeza ithemba elukhulu elithi nathi ezindaweni zasemakhaya ngeke kusafana nayizolo.
Bakwethu angisho ukuthi leMpelasonto esiphuma kuyo ibinzima kakhulu ikazi abantu balapha Olundi sizilile sigubezelwe yifu elimnyama ngokudlula koMtwana wakwaPhindangene otshalwe ngoMgqibelo.
Umoya woMtwana wakwaPhindangene engathi ungaphumula ngokuthula uphinde wehlise umoya wothando nokuhambisa intuthuko emiphakathini yethu.
Sisekuzo ezobuchwepheshe bakwethu nani ningofakazi bokuthi okuningi nje uma ngimgenza umzekelo ngokutshalwa kweNkosi yesizwe sakwaButhelezi uNdunankulu kaZulu abanye benu bebehleli emakhaya bebukela kuma app abo kuma Live Streaming ngokuhluka kwawo ngenhloso yokubuka konke obekwenzeka esandleni ngaphandle kokuthi ubekhona lapho endaweni obekwenzeka khona lowo mcimbi noma umbuthano.
Ezobuchwepheshe sezihambe ibanga elide ekushintsheni izimpilo zabantu indlela yokuphila nokonga imali nesikhathi. Ngilubona loluhlelo luzolekelela kakhulu abantu abasha abazokwazi ukuba nolwazi noma nesithombe sokuthi ukuze lobu buchwephesh
Mane will play alongside with Ronaldo its been confirmed