Incebo Newsroom

Incebo Newsroom Providing fresh news of what's happening, involving politics, sports and other life aspects

26/08/2021

AMAPHOYISA ASE- EASTERN CAPE ATHUNGATHA INTOMBAZANYANE ELAHLEKILE

Amaphoyisa athungatha intombazane eneminyaka engu-12 ubudala okwaqala ukubonakala ukuthi idukile mhla ka-21 August 2021, okuthiwa yaycina ukubonakala bude buduze nasekhaya kubo eliseKhans Ground, eMissionvale.

Okhulumela amaphoyisa uSandra Van Rensburg uthe ludingakala kakhulu usizo lomphakathi ekutheni kutholakale intombazane elahlekile, engu- Gerchlene Samson.

"Kubikwa ukuthi ngomhla ka-21 August ngabo-9 ekuseni uGerchlene wabika kumama wakhe ukuthi usayovakashela uninakhulu wakhe, ongahlali kude.

"Ngezinkathi zabo- 10, khona ekuseni belu, umama wakhe wafika emzini kaninakhulu bamitshela ukuthi uGerchlene uhbile waphindela kubo. Kodwa akafikanga kubo. Bazamile ukumuthungatha yonke indawo, ngisho nakubangani, kwanhlanga zimuka nomoya," kuchaza uVan Rensburg.

UGerchlene kuthiwa wagcina ukubonakala egqoke isikibha esi- pink esinemibhalo emnyama, yibhulukwe kanye namaphaqa aluhlaza okwesibhakabhaka.

Kucelwa ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kutholakale uGerchlene Samson ukuba athinte uTimothy Minyayo kwinombolo ethi 071 4751731, noma axhumane namaphoyisa endawo ngokushesha.

31/07/2021

UMCIMBI WOKUKLOMELISA UBUYA NGEZINKANI

Emuva kweminyaka eyisishiyagalolunye (9) kwama ukwenziwa komcimbi wokuklomelisa abezindaba, i-North West Media Awards, abahleli bawo bathi uyabuya.

Umsunguli walo mcimbi, u-Ananias Ndlovu, ekhuluma eRustenburg Golf Estate uthe babuye ngezinkani.

"Lento sayiqala ngo-2011 kodwa saba nezinkinga ngabaxhasi," kusho u-Ananias.

Kulokhu bazilungiselele ngokwanele. U-Ananias uthe inselelo enkulu abake babhekana nayo kwabe kungeyokushoda kwezinsiza zokusebenza (resources).

"Siyazi ukuthi i-North West yisifundazwe sasemaphandleni. Siyazi ukuthi ukuze ababiki bezindaba bezokhona ukuthola konke okwenzekayo, kumele bacele ukugitsheliswa ezimotweni ezidlulayo, okanye babambe ibhasi noma itekisi," kuchaza yena.

Lolu qweqwe lwentatheli luthe umphakathi wokusakazwa kwezindaba ubusabhekene nezinkinga ezazivele zikhona kusukela eminyakeni engu-20 edlule.

Ngalo mcimbi kuhlelwe ukuklonyeliswa ngawo izintatheli, abafundi bezindaba, abethuli bezinhlelo, izinhlelo zezindaba zasekhaya, abathwebuli, imisakazo yasemphakathini, abethuli bezemidlalo, izinhlelo zokusakazwa kanye namaphephandaba omphakathi.

26/07/2021

UDLAME LWAMATEKISI: ABAFUNDI BASEKAPA BAPHUTHWE USUKU LWABO LOKUYA ESIKOLENI

Umphathi weZemfundo esifundazweni sase-Western Cape uDebbie Schafer uthi ukhathazekile ngodlame oluqhubekayo kulesiya sifundazwe.

Lolu dlame lungase lufadalalise kakhulu ikusasa labafundi. Izikole ezweni lonke zivuliwe namuhla ngoMsombuluko, nakuba kusasenalolu thuthuva oluqhubekayo.

USchafer unxuse bonke abezinhlaka ezithintekayo ukuba baqede le mpi.

"Nangaphandle kokuthi kukhahlamezeka umnotho wakuleli zwe osuvele ukhahlamezekile ngenxa yezinxushunxushu zasezweni lonke, nivimbela nezingane ukuba zingayi esikoleni.

"Balahlekelwe ngokuningi ngonyaka odlule. Akungabazeki futhi nokuthi phakathi kwenu kunabazali babantwana, nengikholwa ukuthi nonke niyasazi isimo esibhekene nomnyango wezemfundo njengamanje," kusho uSchafer.

"Sonke kumele sicabangele ukuphepha kanye nekusasa labantwana bethu, udlame nokulwa okukhona kumele kuphele."

Kubikwa ukuthi udlame ematekisini luphakathi kwenhlangano yamatekisi ase Cata nawase Codeta. Kuthiwa kubangwa umzila ohlanganisa iBellville neMbekweni.

22/07/2021

"ZICISHE ZANGIBULALISA IZINWELE ZOKUFAKELWA"

UNkululeko Bhobhotyana (26), waseSamora Machel, eKapa, ubonga amaphoyisa ngokusindisa impilo yakhe.

Lokhu kulandela ngesikhathi bemuphephisa kwiqulu labantu ebebefuna ukumushisa, ngokweba izinwele zokufakelwa zabesifazane.

Uthi kwafika umngani wakhe kuye ephethe lezi zinwele. "Angimubuzanga ukuthi wayezithathephi, mina ngajatshuliswa ukuthi sizozidayisa sithole into yokubhema," kusho uNkululeko.

"Sisafuna umthengi kanjalo, sizithele equlwini labantu abasibuze ukuthi sizithathephi izinwele, nokuyilapho sigcine sesishaywa. Umngani wami ukhonile ukubaleka, kwasala mina.

"Angikaze ngithandaze ngalolu hlobo empilweni yami, ngicela abantu bengangibulali njengoba bese bengishaye bangithela nango-paraffin ukuze ngizoshiswa. Besengibona ukuthi sekuphelile ngami abantu bethi bakhathele ukuphiliswa kabuhlungu."

Uqhube wathi ubone inhlansi yokuphila makuvela amaphoyisa.

"Ukube awafikanga amaphoyisa ngabe ngifile. Angisafuni ukuphinde ngizimatanise nobugebengu, ngifunde isifundo ngoba ngiyazi ngeke ngibe nenhlanhla ngokuzayo."

Amaphoyisa ase Samora Machel akuqinisekisile ukuthi kunomlisa osizwe ngukuvela kwawo, futhi alikho icala elisavuliwe okwamanje.

19/07/2021

UMLILO USUKHIPHE IZIDUMBU EZINTATHU

Abantu abathathu bashonile emuva kokuqubuka komlilo emijondolo yase-Plastic View, eTshwane.

Imikhukhu engaba ngu-400 ishe yangqongqa, nokulapho abantu abangu-25 bephuthunyiswe esibhedlela, abanye bethintekile nje kodwa abanye belimele kakhulu. Kubikwa ukuthi labo abakhahlamezekile bagcinwe esontweni lendawo, ukuze bezokhona ukulungiselwa isimo sabo senhlalo.

Oyedwa wabahlali (20) uchazele elinye lamaphephandaba ukuthi umlilo uqubuke emuva kokuthi umlisa mumbe ezama ukupheka ebe edle amanzi amponjwana. Uqhube wathi umlisa ufikelwe ubuthongo esaphekile, nalapho kuvele kwaqhuma khona isitofu se-paraffin.

"Abahlali bazame ukucima umlilo, kwasho ukuthi sebesemuva kwesikhathi njengoba bese ungasalawuleki.

"Abantu bebephuma ngesamagundane, besele ngabakugqokile kuphela," kuchaza umhlali ongafunanga negama lakhe.

Kubikwa ukuthi kubathathe isikhathi ukunaka abalimele njengoba kunzima ukungena kwe- ambulance emikhukhwini.

Okhulumela iTshwane Emergency Services, uCharles Mabaso uthe: "Sifikile endaweni yesigameko, ngebhadi sithole abathathu sebeshonile kwathi abanye sabaphuthumisa esibhedlela."

17/07/2021

IMALI YAMI NGEYAMI- KWESTA

Umrepha waseNingizimu Afrika, uKwesta uthi akanandaba ukuthi abantu bathini, ikakhulukazi ngezimali zakhe.

Lokhu ukusho emuva kokuvela kwemibiko yokuthi akanamali, wagcina ethatha isinqumo sokuphumela obala ngalokhu.

"Bengingawanaki wonke la mahlebezi kukhulunywa ngami ukuthi mina anginamali, ngoba anginandaba ukuthi ubani uthini ngezimali zami. Ngiyabavumela abantu ukuthi becabange noma yini okanye besho konke abakuthandayo. Akusiyo-nje inkulumo esengingaze ngiyisingathe nomunye umuntu ngoba imali yami yimali yami," kusho yena etshela elinye lamaphephandaba.

Uqhube wathi usekhathele abantu belokhu bethi akanamali futhi ukholwa ukuthi kunomuntu omuhlosile ngale nto. Uthe kuke kwaqubuka okuthile ngaye emuva kokususwa kwengoma ka-Ayanda Jiya kuzona zonke iziqu zomculo.

"Ngangipikwe kweyodwa ingoma kwi-album ka-Ayanda kodwa kwajika yonke into yaba ngami, nokwenza ngigcine sengingena emaphokothweni ami.

"Kangihlangene nokwenzeka ku-Ayanda mina. Angazi kungani abantu behlanganisa nengikwenza ngezimali zami, futhi kangiyazi nenhloso yakho konke lokhu."

UKwesta, ogama lakhe lempela nguSenzo Vilakazi, uphethe ngokuthi ekugcineni kosuku okwenzeka ngezimali zakhe akusilo idoko eligayelwe omunye umuntu.

"Anginamsebenzi nokuthi abantu bathi ngicebile noma angicebanga," kusho yena.

10/07/2021

KUBOSHWE USOMATEKISI NGOKUTHOLAKALA NEZIDAKAMIZWA

Umshayeli wetekisi (29) uvalelwe ngoLwesihlanu, ngase_Harrismith, emuva kokutholwa enezitshalo ezincane zesidakamizwa esibizwa nge-khat.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa ebehlola izimoto ezidlulayo njengenjwayelo ngesikhathi ebamba itekisi i-quantum ebhaliswe ngezinombolo zaseGoli, okuthiwa beyisuka khona kwandongaziyaduma ilibangise eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa uCol. Thandi Mbambo uthe abakwasidlodlo bathole amabhokisi amathathu avaliwe.

"Kuthe mabebuza ngawo, umshayeli wathi uphathiswe ngumuntu oseGoli ukuba awashiye eThekwini," kusho uMbambo.

Uqhube wathi amaphoyisa mayevula amabhokisi, athole ngezitshalo ezincane zesidakamizwa i-khat, ezingaba ngu- 327. Baphinde bathola nezidakamizwa ze-khat ezingenza imali engu- R327 000 uma uzoyidayisa emgwaqeni.

Umsolwa kulindeleke abingelele inkantolo yemantshi yase-Harrismith ngoMsombuluko mhla ka 12 July.

10/07/2021

OWESIFAZANE UBULAWELE EMOTWENI

Amaphoyisa aseMpumalanga athungatha ababulali bowesifazane (33), eMachadodorp mhla ka-2 July.

UBrigadier Leonard Hlathi uthe amaphoyisa abikelwa ngemoto epake eceleni komgwaqo enomuntu wesifazane obonakala eseshonile. "Abe esephuthuma khona amaphoyisa, nalapho athole imoto ephuzi yohlobo lwe- Polo Vivo enomuntu wesifazane obeshone ngokudutshulwa.

"Umufi udalulwe njengoNompumelelo Patricia Malaza. Ngokomndeni wakhe kubikwa ukuthi ubesebenza ebhange lase Sabie, kanti uhlaselwe elibangise kubhuti wakhe ohlala eCarolina. Kusaphenywa kabanzi ngalolu daba njengoba sekuvulwe icala lokubulala. Ayikaziwa imbangela yesigameko okwamanje, futhi akuthathwanga lutho emotweni njengoba amaphoyisa ethi isikhwama semali besikhona kanye ne-laptop," kuchaza uHlathi.

Ongaba nolwazi ukuze kutholakale abenze lokhu, ucelwa ukuba athinte amaphoyisa endawo.

08/07/2021

UVELA ENKANTOLO UMLISA KWELOKUSOCONGA UMKAKHE

Umlisa osolwa ngokubulala umkakhe ngesihluku uzovela kafushane enkantolo yaseMbumbulu, ngemuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ebesikhiyelwe emzini wakhe.

Isidumbu sikaNkkz Philisiwe Mvubu (46) sitholakale sinamanxeba okugwazwa KwaMakhutha ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi umsolwa (38) nomufi bebeshadile, behlala nengane ena-10 ubudala. Ngelanga lesigameko, umsolwa wathuma ingane esitolo ngenhloso yokusale enzakalisa umufi. Ngokubuya komtwana esitolo, kuvela ukuthi igijime yabikela omakhelwane ngegazi elibone esivalweni somnyango.

Umsolwa ebesengasabonwa nangokhalo uma sekufika amaphoyisa atheleke ngokuthintwa umphakathi. Kodwa, ugcine ngokuboshwa sebemuthola eWembezi ngentambama yangoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal uThembeka Mbele ukuqinisekisile ukuboshwa kukamsolwa obhekene necala lokubulala.

07/07/2021

KUBOSHWE IZITHANDANI NGECALA LOKUBULALA

USabelo Tshaka (35) wase-Elliotdale uvulelwe icala lokubulala intombi yakhe, uZoleka Funeko (34).

Uthweswe icala kanye nomunye athandana naye ophinde abe ngumama wezingane zakhe ezimbili, uThobeka Sawulisi (38).

Kubikwa ukuthi uFuneko wagcina ukubonakala mhla ka-13 June elibangise eMthatha, lapho ebesebenza khona. Umndeni ubike ngokunyamalala kwakhe emuva kokuba umqashi wakhe ebabuze ukuthi kungani uFuneko engasezi emsebenzini.

"Izihlobo, abangani, kanjalo nabaseshi bazame ukushayela ucingo lwakhe olubanjwe ngumuntu wesifazane obezwakala ukuthi akusiye uFuneko, wathi useGauteng eholidini ucela ukungaphazanyiswa," kusho okhulumela i-NPA uLuxolo Tyali.

Uphenyo lwamaphoyisa lwakhomba uTshaka njengomuntu onolwazi ngokunyamalala kukaFuneko, nalapho awakhombisa khona ukuthi isidumbu wasigqiba kuphi. "Kubikwa ukuthi owaphendula ucingo lukamufi, ngumama wezingane zikaTshaka, uSawulisi." kuqhuba uTyali.

Bobabili bavalelwe kuze kube bafaka isicelo sebheyili mhla ka-13 July.

06/07/2021

KUBOSHWE UMLISA OTHOLAKALE NEZINTAMBO ZIKAGESI ZOKWEBIWA

Uboshiwe umsolwa wase- Eastern Cape otholwe enezintambo zikagesi zokuntshontshwa, ezingenza imali engango- R2.5 million.

UKapteni Yolisa Mgolodela uthe amaphoyisa akwaCala azithele kumlisa obonakale esolisa, ehamba ngemoto yakwa Nissan i-NP200 emhlophe kanti ulayishe izintambo zikagesi. "Kusolakala ukuthi ngokubona kukamlisa ukuthi amaphoyisa asezithendeni, uzame ukubaleka ngayo imoto le kodwa wathola ingozi eshayisana nenye imoto. Nalapho uzamile ukwehla abaleke ngezinyawo kodwa amaphoyisa akwazi ukusheshe emubambe.

"Inkampani efaka izintambo kulendawo, iSentech, yake yabika ngokulahleka kwezintambo zikagesi. Kukholakala ukuthi zitholakele zonke."

UMgolodela uphethe ngokuthi umsolwa uvulelwe icala, kanti kulindeleke avele enkantolo yemantshi yakwaCala khona maduze.

06/07/2021

UMSHANA (17) UGWAZE WABULALA UMALUME

Amaphoyisa abophe umfanyana okukholakala ukuthi ngoMsombuluko ugwaze wabulala umalume wakhe emzini abahlala kuwo, eRatanang Village eMpumalanga.

Ngokwamaphoyisa, lo mfanyana ube nengxabano nomalume wakhe ona-52 ubudala, okunguye obemubhekile. "Kubikwa ukuthi kube nengxabano phakathi kwabo ephele ngokuthi umfana agwaze isingenhla sikamalume wakhe ephindelela, nokugcine ngokuthi ashone," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi.

Uqhube wathi ngokufika kwamaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bafice umlisa eginqike phansi, egcwele igazi emzimbeni, nokuyilapho kuqinisekiswe khona ukushona kwakhe.

Umsolwa ongumfana osemncane ubese eyavalelwa ngecala lokubulala, uzobingelela imantshi maduzane.

Address

Glenwood

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Incebo Newsroom posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share