Insimbi Online News

Insimbi Online News Insimbi Online News reports & publish NEWS. Sisiza izihlobo ezidukelene, abaxhashazwa emisebenzini, nokunye okuningi. Sibika ngokubi nokuhle! SiyiNsimbiNation.
(3)

Sihamba phambili eSouth Coast of KZN. Asigobi. Insimbi T-shirts Long Sleeve - R220

08/09/2026

Ngingowesifazane ona26 imnyaka nginama siblings awu3 imina omdala ubhuti oyedwa namantombazane awu2 ,sikhuliswe umama wethu but impilo yaqala yashintsha ngenza uMatric NGO 2017 umah walimala engozin yemoto waphela umsebenzi ngoba ingalo yakhe yayingasasebenz till today .

Impilo yaqala kuba nzima kwakuncono umah esasebenza even though wayengasebenz umsebenzi otheni but wayezama njengabo bonke omama.Mina no Bhuti wam sabangaphandle umah ushadile sihlala naye no Baba wethu (stepfather) syazama naso ngayo yonke indlela ukumisa ikhaya kulalwe kudliwe but uyaz nawe kunzima kakhulu if uwedwa osebenzayo yonkinto ibheke wena.

uBhuti wam usafunda he's doing grade 10 kodwa akulung eskolen nje kunzima yena uyasthanda iskole but akulung okubuhlungu kunakho konke akanalutho impahla yokugqoka kuyabheda ubaba wakhe ukhona kodwa akamnakile mna angsenandaba ke nam Yaz sengmdala vele ngahamba ekhaya ngayozama amatoho ngsebenz estolo seyngubo ngyazama nam ngendlela engzama ngayo but salary ayikho enough angkwaz kukwenza konke.

Bengicela usizo ngyanicela noma uban uma unezimpahla zabantu beslisa ongazisebenzisi size 28/30,small ,medium Icathulo u7 no 8 ngiyacela ningsize nimuphe kunzima nam angsaz ngenze njani Kubuhlungu ngob ubhuti wam wokuqala wokugcina ๐Ÿ’”๐Ÿฅน

Uma kukhona ongamsiza noma ngomsebenz ongawuding uMatric ngyacela asisize noma owani noma ngabe yin๐Ÿ˜ญ๐Ÿ™๐Ÿฝuwumuntu ogood nakwi zinto zezandla uwumfana okhuthele ngiyacela umezokwaz nje kuzimela akwaz kuzenzela izinto ngoba ngyabona ukuthi iskole akuvum khona usemdala kakhulu for le grade aseyphinde kawu3 sengze ngbone ukuth shuth akusithina sonke esiyophumelela ngemfundo.

Nam ngyafisa ngsho kumenzel security but angkwaz imali ayhlangani kuningi engbhekene Nakho nam okunye engeke ngkukhulume Lana ๐Ÿ’”ngyacela noma uban onosizo ngzoshiya inumber yam ya WhatsApp angsiye nomuntu omningi Ku Facebook ๐Ÿ˜ญโค๏ธ๐Ÿ™๐ŸฝNgiyanicela

0781315058 (WhatsApp)
0773719257(calls)

Ekhaya kuseShowe

08/09/2026

Sixoxa no-Anele Cwele, a 22 year old talented musician and umdwebi okukhipha unjengoba unjalo! ๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ๐Ÿ”ฅ

Umzimkhulu Municipality - NMZ

08/09/2026

Athini amazwi akhulunywa wumzali wakho ahlaba inhliziyo, waze wangabaza nokuthi ngempela uyakuzala? Good morning ๐Ÿฅด๐Ÿ˜Š

07/09/2026

Laphana ePort Shepstone kuloSpar osesigiqini muhlika usuka ngaseCivic Centre, u-Alex Bonginkosi Ntuli ulahlekelwe yiwallet ebrownish enelicense, ID, bank cards nokunye okuningana.

Iyasola iwe uma ephuma emotweni ezongena kwaTruworths okuyona icomplex yaseSpar osesigodini. Imali akanankinga nayo, uma engathola okuphakathi angabonga. Uma uwuthola siyacela uvele la kumacomment sikuxhume ngendlela yokuthi sizowuthola kanjani noma unike isecurity khona eSpar....kodwa usazise. Siyabonga.

Sawubona Admin ukhuluma noSibongile owaziwa ngeli kaSarah. Sinenkinga usisi wami uBulelwa uhambe last week esuka lana eD...
07/09/2026

Sawubona Admin ukhuluma noSibongile owaziwa ngeli kaSarah. Sinenkinga usisi wami uBulelwa uhambe last week esuka lana eDurban wathi uya kwaJali esokeni lakhe, manje unezingane engihlala nazo ziwu 2 intombazane nomfana. Akayifakile imali yezingani akalubambi ucingo lwami nolwamama wethu iyaringa kanye kukhulume umlungu. Sicela usizo kombonayo athinte lezi namba 0693144636 kanye nalena: 0786138849 sibekezele kwanele

07/09/2026

Kona uma ijob advert idinga 250 people, bese ku-applye more than 5000....kusuke kungeke kujike ukuthi izikhala ziwu-250. Uma senibiziwe kwathiwa bhalani assessment, nisuke ningeke futhi niyiphase nonke. Abanye bathola itotal, abanye 9/10, abanye 8/10 kanjalo kanjalo....kube khona ngisho abathola 0/10. Wena uwumqashi u1ngathatha omuphi? ๐Ÿ˜Š

Also, le yokuthi uthi usifakile isicelo somsebenzi bese uthi ungakezwa nokuthi uhlelo lokuqasha seluphelile yini, usuthuka umqashi nabaqashiwe.....iyokufaka enkingeni ngelinye ilanga. Yisocial media le, kuhle ukugwema into enobuhlongandlebe more especially if usanentshisekelo yokufuna impilo engcono.

Insimbi Yezinkulumo Ezakhayo! ๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ๐Ÿ”ฅ

Cela ungi postela kwiNsimbi.Ward 06 Mpheme camp site kungene abantu bathatha amasondo e truck ( intandane) awu-6  ebusun...
07/09/2026

Cela ungi postela kwiNsimbi.

Ward 06 Mpheme camp site kungene abantu bathatha amasondo e truck ( intandane) awu-6 ebusunku kuzosa kube namhlanje. Sicela ongaba nolwazi abikela amaphoyisa ase harding.For more information

Contact Miss Khumalo (site manager)
083 666 3771

07/09/2026

ANC Ward 08 Councillor Candidate oya esigxobeni, uProsper umfokaPhungula. Uyena yedwa obuyayo kumaKhansela abephethe ngeterm edlule! โšซ๏ธ๐ŸŸข๐ŸŸก๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ

07/09/2026

ANC Ward 07 Councillor Candidate oya esigxobeni, wu-Alex Nofar umfokaNtuli! โšซ๏ธ๐ŸŸข๐ŸŸก๐Ÿ‘Œ๐Ÿพ

07/09/2026

ANC Ward 09 Councillor Candidate oya esigxobeni, wu-Azile umfokaMbuthuma! โšซ๏ธ๐ŸŸข๐ŸŸก

Address

Shepstone Road
Harding

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Insimbi Online News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Insimbi Online News:

Shortcuts

Share