21/08/2025
"Ngaphoqwa ukuthi ngivume into engekho"
"Ngiyintombazane eyaphoqwa ukuthi ngibophise omunye ubaba esasikhonza naye ebandleni. Ngingasho ukuthi kunomunye usisi wasebandleni owalwa izimpi zakhe nalobaba wasebenzisa mina. Nangempela izinhloso zalosisi zagcina zifezekile.
Kunosisi ebandleni engikhonza kulo owatshela umfundisi kanye nabazali bami ukuthi mina ngidlwenguliwe, esho engisukela ngingakaze ngidlwengulwe ngathi noma ngichaza ukuthi akaze ngidlwengulwe mina kodwa kwathiwa nginamanga ngidlwenguliwe.
Losisi uthi wathola icall kumuntu owangidlwengula, okungubaba engimaziyo futhi engimujwayele kakhulu esikhonza naye ebandleni aphinde Abe umshayeli wakhona ebandleni. Uthi losisi icall yayimuthembisa uR10k ukuthi angasho ukuthi umubonile lobaba engidlwengula.
According to losisi uyena owabona lobaba engidlwengula, okuyinto engingayazi futhi okuyinto engekho. So ngokusho kwakhe lobaba wase emuthembisa uR10k owawuzoba ivala mlomo, okuyinto engekho losisi wayezikhandela istory.
Mina ngaleyo kanti nganginayo iboyfriend engangifunda nayo futhi engase ngike ngalala nayo, ngoba losisi wathi mayethi ngidlwengulwe mangiphika kwathiwa ncono ngihlolwe ubuntombi bami. Nangempela bangihlola kwatholakala ukuthi angiseyona intombi nto.
Noma kunjalo ngabatshela ukuthi umuntu engake ngalala naye ubani futhi naye akazange angidlwengule siyathandana. Kodwa balokhu bengiphoqile ukuthi ngivume ukuthi ngidlwenguliwe. Kwakungelula ukuthi ngivume into engenzekanga ngisukele umuntu engimaziyo umsulwa.
Wagcina eboshiwe lobaba ngecala lokudlwengula , ngoba nomfundisi wase evutha ukuthi into enje ngeke ayifihle ebandleni lakhe, ngagcina ngishiye phansi iskole ngabaleka nasekhaya, kodwa ngagcina ngitholakela ngayofakaza enkantolo ngafakaza into engekho ngavuma ukuthi ungidlwengulile lobaba.
Wase egwetshwa ulife sentence lobaba ngento angayazi. Kodwa iqiniso lihambe lavela ngoba nami lento ibingangiphethe kahle, ngilokhu ngifisa ukuyiveza ngoba ngaze ngabhalela ukhozi FM"