Mbikiza NBC-Media Updates

Mbikiza NBC-Media Updates 🙏Shembe Is The Way ✨
💬Sikhuluma ngobuNazareth🤍
📖Thixo Ulilanga lethu sonke 🎤
💯⚡NBC-Ebuhleni Home

UShembe owu Nyazi Lwezulu Inkosi yase Zulwini , wamukelwe ngentokozo kwelamaSwati❤️✍️.
23/05/2025

UShembe owu Nyazi Lwezulu Inkosi yase Zulwini , wamukelwe ngentokozo kwelamaSwati❤️✍️.

Uyincwele🙌"UShembe akafi MaNazareth uShintsha iBhantshi, angene kwi nyama entsha aqhubeke nomsebenzi KaNkulunkulu.ISabat...
09/05/2025

Uyincwele🙌"

UShembe akafi MaNazareth uShintsha iBhantshi, angene kwi nyama entsha aqhubeke nomsebenzi KaNkulunkulu.

ISabath Selingenile bantwana base Zulwini🤍

Amen.

Uyincwele🙌 "..MaNazareth asikhumbuzane ukuthi akukho okuhlula uShembe Inkosi enkulu yase Zulwini nasemhlabeni, eyehla em...
07/05/2025

Uyincwele🙌 "..

MaNazareth asikhumbuzane ukuthi akukho okuhlula uShembe Inkosi enkulu yase Zulwini nasemhlabeni, eyehla emaZulwini yazoba nathi kulelizwe lezoni. Asinawo amandla okukala uShembe ukuthi ufikaphi futhi asisoze Samazi kahle ukuthi uwubani ngoba akafani nathi. UShembe weza kulelizwe ngoba siyizoni phambi kwa Jehova unkulunkulu wethu owumdali weZulu nomhlaba, wazosifundisa indlela yenkolo nokudumisa uJehova kuphela.

UShembe MaNazareth asingamushibhisi (cheap) sizibone singabantu abangamulwela izimpi ekbeni ewumnikazi wezinto Zonke futhi engumnini Wabantu bonke, ngisho Nalaba abamethukayo uwubaba kubona uShembe ngoba angeke bengamukhothameli Uma esemephambi kwabo, futhi angeke ehlulwe ukuzibonakalisa Uma sekumele bemazi ukuthi uwubani.

Okwethu esukuyela kuShembe ukusilusa asikhombe indlela eya Kubaba wethu umdali weZulu nomhlaba kulomuzi asakhela wona oKhazimulayo, esiyofinyelela kuwo ngokumesaba uNkulunkulu, sihloniphe nemthetho yakhe asilobela yona bese Kuba iziyalo asiphe Zona njalo _"njengokuthanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena, Hlonipha uyihlo noNyoko Ukuze insuku zakho zande ezweni" nezinye iziyalo eningi njll..

Amanye Ama Nazareth asenza izinto ngokumukholwa uShembe, asemuhambela phambili as if yibona abazi ukuthi uShembe uzilawula kanjani izinto. Asike sfunde MaNazareth ukunika Inkosi⚡ yaseZulwini indawo yayo mhlampe nakithi kuzoncipha ukuphambuka ezindleleni zika Shembe.

Amen!

21/04/2025

Uyincwele "🙌

Vuka Nathi Sokhanyiso
Ngalemini yakho
Khanyisela Amehlo wethu
Nenhliziyo zethu'

Thatha nasi iSbusiso before wenze konke oSukwini🤗

Amen🙏

19/04/2025

"Uyincwele "🙌

Inkinga enkulu noma usumethuka uyazibukela nje😀👏.. Ulwe wedwa no Satan wakho- ngoba vele asikho isdingo sokuthi anakane nabantu basemhlabeni ngoba akalingani nabo🤞 futhi bonke abantu abakhe, uyabasindisa nalabo abangakamazi ukuthi uwubani, abangazi inhloboni yento uShembe. Ukhalo lwakhe alulingani no lwethu bantu base zweni, ulapha emhlabeni nje yingoba vele wazela Zona Izoni ezingazi lutho ngo Nkulunkulu, ezimethukayo futhi. Thina esesimbonile uNkulunkulu ukuthi uhlezi nathi, asibakhulekise nabanye bembone.. Sifane nobaba wethu -singabethuki. No Jesu babemuthuka, leyomimoya yabo isasekhona, abasamboni ngisho esefikile uthumekile.

Amen🙏

Engameni likaYise! Elendodana! Umoya oNcwele!UShembe lona esimlandelayo, yiwona 'Moya ONcwele' okukhulunywa ngawo ku lam...
19/04/2025

Engameni lika

Yise!
Elendodana!
Umoya oNcwele!

UShembe lona esimlandelayo, yiwona 'Moya ONcwele' okukhulunywa ngawo ku lamagama amathathu, akekho futhi omunye onawo ngaphandle kwaShembe kulomhlaba esiphila kuwo njengamanje, lomoya umenza simubize ngo Nkulunkulu ngoba umdali weZulu nomhlaba yiwo lomoya akawuthumela Kuba Profeth Bakhe ngoba umdala lomoya, wawu khona umhlaba usayi Pharish futhi wenza nezimanga engeke zenziwa omunye umuntu kulelizwe, kwagcina ngaye uJesu oyindodana.. Lomoya yiwo owawuthum uMoses nabanye aba Profeth kodwa thina saba nenhlanhla ngoba we Hlela kuthi e Afrika entabeni yase Nhlangakazi wazohla nathi.

Into exaba abantu benkonzo manje, nabantu abangafuni silandele uShembe.. Ukuthi bona abakambulelwa ngalo Moya ukuthi ukhona uhlezi nathi futhi, unkulunkulu wawuvusa endlini kaMzazela kaNhliziyo la e-Afrika, abantu basalindele ukuthi uvuke kumaJuda futhi😀.. UJesu Indodana KaNkulunkulu iyawazi lomoya futhi uyazi naye ukuthi awusoze waphela, uyohlala nathi ingunaphakade_ yikho uShembe sithi ushintsha ibhantshi ngoba lomoya ungena kwenye inyama uqhubeke uhlale nathi, unkulunkulu usasithandile ngawo akakasishiyi.

Imini ye Sabath mayibe yinhle kwabancwele nabamkhonzayo Thixo, abagcina ne Sabath lakhe ngendlela efanele.

Amen! 🙏

15/04/2025

"Uyincwele 🙌✨..

Bantu bakithi, Uma uShembe ubuye umungabaze ukuthi ungophelele, Musa Phela ukumema iningi ufune lonke limungabaze.. Mayenzeke kuwe wedwa leyonto nedalwa zakini ezilahliwe ngawe ngokungabaza into enkulu kangaka esiyibona phambi kwethu bese isiphilisa thina esikholelwa kuye uShembe⚡..

Amen🙏

Address

Johannesburg Central

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mbikiza NBC-Media Updates posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share