28/03/2025
Engakwenzelwa uShembe uThingo Lwenkosazana ๐ ebuncaneni bami.
Ngonyaka Ka 2004, ngangisemncane kakhulu ngfunda u Grade 2 eskoleni samaNdiya eJacob's esibizwa ngokuthi i-Arlipho Primary School. Ngangigibela eWemma station Uma sengiya endlini Lana sasiqashe khona nabazali ngangi hlala nabo ubaba Kanye nomamncane Kanye nabafowethu. Abafwethu bengingafundi nabo kulesiskole, befunda kwesinye bona duze nala sasihlala khona ngoba besihlala eClairwood. Ngakhoke ngangihamba ngedwa mangiya eskoleni ngi mncane nginjalo kodwa bengingabi nenkinga, ngisho ngilahle Imali ye Bus, ngangihamba ngonyawo from Jacob's to Clairwood endlini. Ngelinye ilanga ngaze ngabonwa iPhoyisa lesifazane Langthatha Langbeka eClairwood etolo ngase ngehlake ngaya endlini ngiphephile.
Into engiyiqaphelile manje sengimdala, uShembe uyakukhosela Uma umkhumbula ngezikhathi Zonke ๐ค.. Endlini ubaba wayewufakile umoya wokuthi siwenze njalo uVuka Nathi* kanjalo futhi no Lala nathi* sasiwenza ngisho engekho yena ngoba wayesebenza ebuya nasebsuku emsebenzini. Kodwa kwakungisiza Nami lokho njengomntwana wayefunda ekdeni nabafowabo ngoba uShembe uyena engabona langalimbe ukuthi ngihamba naye.
Kwakunomfanake eskoleni owayemdala kimi ngisho naku mfowethu engimlandelayo wayemdala, ngyacabanga ukuthi wayengamuhlula naye ngamandla ngoba ngalesoskhathi umfowethu wayefunda u Grade 4, yena Lomfana wayefunda u grade 7. Lomfana ke Ngangingamazi nhlobo kodwa waba umfana oyimisa kabi impilo yami eskoleni, ebuye engiphuce lemali yokugibela masekmele Ngibuyele endlini.
Lomfana ngangivele ngimbone nje esephambikwami angibambe Inkunzi kodwa enganawo amandla okungishaya, kodwa afike ayithole lemali. Kuhambe kwaze kwafika Lana engingasayi khona eskoleni ngenxa yakhe, ngo March angyanga inyanga yonke eskoleni kwaze kwaba siyavala. Umama wabuza I Report ngathi bathena sizowathola masivula, ngangingasho endlini ukuthi khona umfana ongimisekabi ngithule nje.
Iya Qhubeka kwi comment๐ novuthondaba lwayo...