02/09/2025
Ihlazo 30
Ibhalwe ngu:MH Vilakazi
"Usangidinelwe namanje kahle wakwethu uyazi nje mina ngihlezi ngizibhedela kunokushelela ulwimi nje isinoma ikanjani.Kwenzeka noma ngingaqondile ngithe angize nje ngizoxolisa ngendlela engikhulume ngayo nawe.Kushelele ulwimi ngahlulwa nawukudinwa."
"Ungazimosheli isikhathi Mgaga mina ngibona kuncono siyeke nokuba ngabangani ngoba uzogcine ungibishisa kulodaka oluxovayo.Angifune Kotha mlilo engawubasanga mina ngicela ubhekane nezindaba zakho nami ngizobhekana nezami."
"Hawu kusobala uwotha ubomvu mtakababa angikusoli.Kulungile ke ngizokushiya ubohle ngixolele mngani wami angazi nami ngingenwe yini.Ayikho nje into engiyenzayo ilunge konke nje kuyamosheka."
"Sonke sinezinkinga Mgaga angeke usizwe sikhiphela ukudinwa kwethu ebantwini ikakhulukazi esisondelene nabo.Asizona izingane kade ngithi uzoshintsha ngikubekezelela ngoba nakhu sisuka kude nawe kodwa hhayi ngife olwembiza.Nyakaza nsizwenye ngisafuna ukuba matasa nomkami."
Ahlaba kabuhlungu lamazwi kuMgaga wangakhohlwa ukuthi akhulunywa umngani wakhe kuye.Akaze acabange ukuthi luyofika losuku lapho eyozwa umngani wakhe ethi buphelile ubungani.Waziqinisa waphuma.
Kwase kubuya uDumisile neziphuzo wayicosha inxenye yenkulumo.Uthe efika neziphuzo wasukuma uMgaga wavalelisa."Hawu usuyahamba njalo?"ngokumangala."Yebo sengihembe niyosala kahle nibingelele undodakazi bo."wayesephuma ngomnyango uMgaga.
"Kwenzenjani baba ngahogela umoya wokubhimba kwezinto yini niqhathwa yini nomngani wakho."ehlala duze nomyeni wakhe uDumisile.
"Akukho okusiqhathile sekufike isikhathi nje sokuthi ubudlwelwano bami noMgaga buphele.Kanjalo nawe angifuni uphinde ukhulume nalomuntu ngizotshela noNono."
"Hawu baba kwenzekeni kanti engathi yinkulu nje lento.Awukwazi ukufika usuthi singasakhulumi naye kanjani ngoba sebefana nomndeni labantu."
"Sengishilo ngithe ningakhulumi noMgaga uSenzeni noMaDube ningakhuluma nabo."
Iyaqhubeka