Izindatshana NoBongwe New

Izindatshana NoBongwe New Umbhali wezindaba

02/09/2025

Ihlazo 30

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

"Usangidinelwe namanje kahle wakwethu uyazi nje mina ngihlezi ngizibhedela kunokushelela ulwimi nje isinoma ikanjani.Kwenzeka noma ngingaqondile ngithe angize nje ngizoxolisa ngendlela engikhulume ngayo nawe.Kushelele ulwimi ngahlulwa nawukudinwa."

"Ungazimosheli isikhathi Mgaga mina ngibona kuncono siyeke nokuba ngabangani ngoba uzogcine ungibishisa kulodaka oluxovayo.Angifune Kotha mlilo engawubasanga mina ngicela ubhekane nezindaba zakho nami ngizobhekana nezami."

"Hawu kusobala uwotha ubomvu mtakababa angikusoli.Kulungile ke ngizokushiya ubohle ngixolele mngani wami angazi nami ngingenwe yini.Ayikho nje into engiyenzayo ilunge konke nje kuyamosheka."

"Sonke sinezinkinga Mgaga angeke usizwe sikhiphela ukudinwa kwethu ebantwini ikakhulukazi esisondelene nabo.Asizona izingane kade ngithi uzoshintsha ngikubekezelela ngoba nakhu sisuka kude nawe kodwa hhayi ngife olwembiza.Nyakaza nsizwenye ngisafuna ukuba matasa nomkami."

Ahlaba kabuhlungu lamazwi kuMgaga wangakhohlwa ukuthi akhulunywa umngani wakhe kuye.Akaze acabange ukuthi luyofika losuku lapho eyozwa umngani wakhe ethi buphelile ubungani.Waziqinisa waphuma.

Kwase kubuya uDumisile neziphuzo wayicosha inxenye yenkulumo.Uthe efika neziphuzo wasukuma uMgaga wavalelisa."Hawu usuyahamba njalo?"ngokumangala."Yebo sengihembe niyosala kahle nibingelele undodakazi bo."wayesephuma ngomnyango uMgaga.

"Kwenzenjani baba ngahogela umoya wokubhimba kwezinto yini niqhathwa yini nomngani wakho."ehlala duze nomyeni wakhe uDumisile.

"Akukho okusiqhathile sekufike isikhathi nje sokuthi ubudlwelwano bami noMgaga buphele.Kanjalo nawe angifuni uphinde ukhulume nalomuntu ngizotshela noNono."

"Hawu baba kwenzekeni kanti engathi yinkulu nje lento.Awukwazi ukufika usuthi singasakhulumi naye kanjani ngoba sebefana nomndeni labantu."

"Sengishilo ngithe ningakhulumi noMgaga uSenzeni noMaDube ningakhuluma nabo."

Iyaqhubeka

02/09/2025

Ihlazo 29

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Waphithanelwa ikhanda wabathe uyathatha uyabeka kuvele kubheke le yayingqubuzana ngamandla imicabango.

(Waze wayinja nangu umfazi madoda sonke lesikhathi uthule nje neqiniso elide kangaka.Yinto engabuyiwe ilungiswe kanjani ke lena.USenzeni indodakazi yami.Ngisho ezwana kangaka amagazi ethu.Ngiyethemba ebengayiqondile lento ayishilo nokuthi ayilona iqiniso angeke uMgaga ayenze into efana nalena kwingane yakhe pho?Uma ngempela eyenzile kuzomele athole umanqoba wesijeziso.)

Yasho ingena imoto emzini wakhe isithabathaba somuzi.Wangena wayifaka egaraji imoto wayongena endlini.Wazithela kuMgaga ehlezi nomkakhe.

"Hawu usukhona baba besengithi ngiyakuthinta nje ngikwazise ukuthi ubaba kaSenzeni ukhona lapha."esho ezahaga uMnumzane womuzi uDumisile maqede baqabulane lwaluvutha amalangabi uthando lwabo wawungafunga luselusha njengoba ezinsukwini bebe bungaza iminyaka eyishumi nambili bashada ungazuthi luqale phansi."Sengikhona mkami kulungile ake ngizwe ukuthi ungiphatheleni lombhemu ngisacela okuphuzwayo nkosikazi."ngenkulu inhlonipho le nokuzithoba ekhuluma nowakwakhe uSgqemeza."Kulungile baba ngizokulethela."wayesethi shingili uDumisile.

Wayothi gqi esofeni uSgqemeza wayesethi swayi ebheka uMgaga.

"Mfwethu."

"Angiyena umfwenu hlukana nokungibiza ngomfwenu."eqinisa ubuso uSgqemeza wazizwa ethukuthela kakhulu uma ebona uMgaga wayesacabanga into ayitshelwe uMaDube.

"Hawu usangidinelwe kahle wakwethu uyazi nje mina ngihlezi ngizibhedela kunokushelela ulwimi nje isinoma ikanjani.Kwenzeka noma ngingaqondile ngithe angize nje ngizoxolisa ngendlela engikhulume ngayo nawe.Kushelele ulwimi ngahlulwa nawukudinwa."

"Ungazimosheli isikhathi Mgaga mina ngibona kuncono siyeke nokuba ngabangani ngoba uzogcine ungibishisa kulodaka oluxovayo.Angifune Kotha mlilo engawubasanga mina ngicela ubhekane nezindaba zakho nami ngizobhekana nezami."

"Hawu kusobala uwotha ubomvu mtakababa angikusoli.Kulungile ke kuzoba njengoba usho."

Iyaqhubeka

02/09/2025

Ihlazo 28

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Wawufuna ngithini wena phela umngani wami uMgaga ngangingeke ngivume wehlukane naye ngenxa yami yayizombulala leyonto."

"Kulungile ke asiyeke ukuxoxa ngalento.Lomngani wakho omthanda kangaka uyena odlwengule uSenzeni."

Wayikhahlela leyo uSgqemeza"Hhayi ke uyangiyeka ke manje.Usuzama ngayo yonke indlela ukulahla uMgaga nsambatheka yini nje lena oyikhulumayo manje.Angazi yini olindele ukuyizuza ngalento oyenzayo kodwa angeke isebenze lakimi."afake isandla ekhukhwini ekhipha uwalethi wakhipha imali wanika uMaDube."Usuzozibonela ke ukuthi ufika kanjani endlini."

"Kanjalo nje usuzovele ungishiye singakhulumanga kahle ngalento.Anginendaba nawe mina kodwa uSenzeni uyakudinga."

Wangamnaka uSgqemeza wayongena emotweni.Wayisusa wahamba.Wasala ebambe isifuba uMaDube.

Lase liyozilahla ngakunina uMgaga egudla ngendlela ebheke ekhaya.Kwaqhamuka imotoyabakwasidlodlo ishaya kancane yafike yena duze naye kwavuleka iwindi.

Wababheka uMgaga waphinde wabheka indlela lwase lumqanqa utwetwe ingabe beze kuyena yini?Losathane wengane ngabe ukhumbulile wase efika amaphoyiseni.Kuzicabangela yena uMgaga wayesephakamisa izinyawo yaphakamisa nemoto yamedlula kancane yase imvala ngaphambili kwehla elinye iphoyisa elithanda ukucela emnini liqhelile nasegadeni.Wayesecabanga ukujika akhe njejubane uMgaga.

"Mgaga"kusho lephoyisa.

"Yebo muntu womthetho ngingakusiza?"

"Hhayi bo wena wakwethu ungasho ukuthi awusangiboni uMandla Masuku awusamkhumbuli sasingena sonke isikole ngaphambi kokuba umndeni wami uthuthe lapha.

"Hhayi bo uMandla muphi ehh usaphila wena?"

"Njengoba ungibona nje ngiyasho mani uma ngiqhamula lapha ukuthi le(walk )ngiyayazi(ahleke)"base bexhawulana.Base bengena emotweni ethi uzofike amshiye endlini.Base benaba ngengxoxo behleka.Wayesecathazela lombhemu ngesigameko esimehlele sokugstshengwa abaqwayizi kwaba nzima nokuthi ayovula icala ngoba engafuni lendaba igcine ifika kumkakhe nehlazo ke.Wayesethembisa uMandla ukuthi uzomsiza.
..

01/09/2025

Ihlazo 27

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

"Ngicela ungithembise angeke udinwe uzoqonda ukuthi kungani kwenzeka ngalendlela?"

Ayikhiphele eceleni imoto uSgqemeza edidwa ilenkulumo kaMaDube."Ukhuluma ngani?"

Agwinye amathe abheke eceleni adonse umoya aphinde awudedele."Hhayi bo wathula manje khuluma phela yini ongayisho engangidina nokumele ngiyiqonde?"

Aphendule ngokubhocobala acwebe izinyembezi emehlweni uMaDube.

"Uyakhumbula ngenkathi ngizama ukuzibulala?"

Avume ngekhanda uSgqemeza"Ngingalikhohlwa kanjani usuku olwagqamisa ubulwane bami.Angeke ngiphinde ngizixolele ngokwenzeka ngaloluyasuku savumelena nje ukuthi angeke nangephutha sikhulume ngalento."

"Ngiyazi nami angithandi ukukhuluma ngayo kodwa ngiphoqwa isimo nje ngamanje.Ngiyamazi ukuthi ukuphi uSenzeni nokuthi ubani omhlukukezile."

"Hhe Hhayi usuyagula phela manje uma umazi ukuthi ukuphi uSenzeni sifike kanjani lapha.NoMgaga uyazi ngalento?"

"Cha akazi?Nawe angeke futhi umtshele lutho."

"Ungazongihlolela mfazi engathi usuyakhohlwa ukuthi singabangani noMgaga iyodwa vo imfihlo engeke ngmtshele ngayo.Angazi nokuthi kwenzakalani futhi angifune kwazi sesiqedile ke ukukhuluma."

Wadumisa imoto uSgqemeza wayibuyisela emgwaqeni.

"USenzeni ingane yakho."esho ngezwana eliphansi uMaDube.

"Uyakhuluma?"

"Yebo ngithi uSenzeni ingane yakho."

"Ingane Yami?"ephinda emisa imoto asho ahlaselwe isivuthevuthe ashiselwe umzimba wonke ajuluke uSgqemeza.Ehle emotweni abambe ikhanda kade esola kodwa engafuni ukuyifaka ekhanda lento.Wehla noMaDube wamlandela"Yehlisa umoya ngiyaxolisa ukuthi angikutshelanga kodwa kwakuzosisiza ngani ngoba nawe unonkosikazi nami nginomyeni wami.Futhi kwakuyiphutha nje elikhulu esalenza sehlulwa imizwa."

Akukho phutha lapha senza into esasiyifuna ngaleso sikhathi kodwa usungagifihlela kanjani ukuthi uSenzeni indodakazi yonke leminyaka uthulile awusho lutho.Kungani ungitshela manje lento!?"

"Usuyavuma ukuthi kwakungelona iphutha engani waphika uma ngisho njalo."

Iyaqhubeka

01/09/2025

Ihlazo 26

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Indlela yayibheke esibhedlela eyihuzisa imoto uSgqemeza yayindiza lapha emgwaqeni kwakubaleka abantu uma iqhamuka babaze seyedlulile.Yafika ngaphandle kwesibhedlela ithe ingacima nje imoto wezwakala esekhwehlela uMaDube wayesephapheme."Thuli!..usuvukile uzizwa unjani ukahle?"edonsa umoya uSgqemeza emhlalisa kahle emotweni.Acele amanzi okuphuza uMaDube bamtholele athi bengaqeda kuwaphuza athi uSgqemeza akangene ngaphakathi bamhlolisise odokotela.Wenqaba wathi yena uzifunela uSenzeni bayambona nje ukuthi ukahle.Wabuyela emotweni kaSgqemeza yase iphenduka futhi igcwala indlela.

Kwathi nya iskhathi lapha emotweni uMaDube ezibhekele ngaphandle kwemoto kusobala ukuthi ukude ngokomqondo.

"Besingekho ke kodwa isidingo sokuqinisa ikhanda odokotela bebezokuhlola nje bakunike abakunika kona.Uzothini uma ikuphinda futhi lento?"

"Musa ukuzikhathaza ngami uSenzeni engabe sikhuluma ngaye."kuphendula uMaDube evula iwindi engathi uyashiselwa.Acofoze ibhathini alivale iwindi uSgqemeza."Yona into kaSenzeni yinkulu kakhulu kodwa kumele uyikhulume nomyeni wakho hhayi nami.Uyeke nalento yokukhuluma isinoma kanjani phambi kukaMgaga angazi ikhanda lakho lisebenza kanjani yini lena ofuna ayicabange?"

"Sekumele ngisabe manje ukukhuluma ngoba nakhu yena ezocasuka phela akumina engathi akabe neconsi.Sengikhathele ilendoda mina semingakhi iminyaka ngiyibekezelela ngithi izoshintsha sekufike langikhathala khona."

Uchaza ukuthini ngalokho.Umyeni wakho lona esikhuluma ngaye kanti futhi ninengane naye ukubekezelelana kuwuphawu lwendlela enithandana ngayo naye.Ukube bekuwuwena ongenzi kahle emehlweni akhenaye ebezokuxolela akubezelele."

"Ungalinge nje umkhulumele ngoba awumazi izinto azenzayo nalemoto athi ugetshengwe yona nje kwazi bani ukuthi uyenzeni.Asiyeke futhi ukukhuluma ngaye kunento ekumele ngikutshele Yona."
"Yini leyo"kubuza uSgqemeza yase ihamba kancane imoto manje njengoba bexoxa.

Iyaqhubeka

31/08/2025

Ihlazo 25

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Kukubo kaNtobeko uMaMtshali noNtobeko baxoxa noSenzeni ekamereni.Babeshiye bevulile emnyango wafike wanqonqoza uMaDube wase esho phakathi "MaMtshali Tshali awuvele ngapha bo!Kanti Uphi lomfazi manje."

Aqhamuke uMaMtshali ethuke"Hhayi bo usuvele wakhalakathela nje MaDube yini ukhohlweni?"

"Nginqonqozile nje kwangekho osabelayo ngiyaxolisa ukuvele ngiphoseke ngicela ungibizele uSenzeni ngifuna ukukhuluma naye."

"USenzeni?"kubuza uMaMtshali ezenza odidekayo.

"Yebo ngimbonile engihlola ngewindi asingenzani izingane MaMtshali uyazi ukuthi ingane yami ikhona lapha kwakho.Angazi unitshele ukuthini uSenzeni nase nikhohlisana kanjani kodwa angeke ngihambe la ngingambonanga."eqinisa ubuso uMaDube ethatha amagxathu ambalwa ebheka bheka ngaphakathi endlini.Asheshe amvimbe uMaMtshali.

"Eyishi ngiyethemba angenzi iphutha.Kulungile ke ukhona vele uSenzeni kuningi mfazi akushoyo lomntwana engingakusho yena uhlukumezekile uma izothathwa kancane lento sizomswela uzozilimaza."nobuso base bugqamisa indlela adabuka ngayo ngalento uMaMtshali."Ntobeko!"..."Maaa.."esabela esekamereni uNtobeko."Woza noSenzeni lapha."

Kwathuleka skhashana bavela abantwana.Izinyembezi zavele zagcwala amehlo kuMaDube wazibamba ngezinkophe "Hawu kodwa Senzeni ungenzani ngempela ufuna ukungibulala."esondela kwindodakazi yakhe eyinamathela eyiqinisa."Ngiyaxolisa mama bengingazi ukuthi ngithathe ini ngiyihkanganise nani ngivele ngaphithanelwa ikhanda."naye ekhala besabambene nonina."Angiqondi kodwa mina ukuthi kwenzakaleni ngoba phela bengithi sikhulumile nje ukuthi sizovukela emaphoyisemi?"bahambe bayohlala kosofa.

Abheke unina aphinde abheke phansi uSenzeni angazi aqale ngakuphi."Isizathu esenze ngabaleka ekhaya ukuthi ebusuku ngikhumbulile konke okwenzeka eNewlands nokuthi ubani owanginukubeza."

Wahlahla amehlo uMaDube wayeselindele ukumazi losathane ukuze amfundise isifundo angasoze asikhohlwe uyombamba ngezandla emhlukanise inhloko nesixhanti ngezakhe izandla.
.

31/08/2025

Ihlazo 24

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Useqala nokusola manje uMgaga ukuthi kukhona abamfihlela khona laba okumele akuthole.Into emcasula kakhulu ukuthi umngani wakhe engathi uthatha uhlangothi lomkakhe uyakukholwa ukuthi uSenzeni udlwenguliwe ekubeni yena ephikisana nalokho.Lithe lingavula irobhothi wayihlala emafutheni uSgqemeza kanti uzocishe ashayise kwentombazanyane okwedlule phambi kwemoto kugijima.Ukubone kanye uMgaga ngenye yalamantombazane ayewathathe esipotini."Yeyi Bamba lemoto Sgqemeza ikhiphele eceleni khona manje."

"Kwenzenjani manje siyaphuthuma nje sengime lani eceleni?"ebuza eshintsha amagiya uSgqemeza yayingekho nendawo yokuma njengoba kunogudlane onqenqemeni lwendlela.

"Manje uhamba ngenkani awuzwa ukuthi ngithi misa lemoto!"kubhavumula uMgaga ephendula ikhanda ebheka emuva wayengasayiboni lentombazane.

"Ungalinge ukhulume nami engathi udilika esihlahleni ungithatha kanjani kanti vele?!"edineka uSgqemeza kade ekubekezelela ukuthathiswa okwengane nokukhulunyiswa isinoma ikanjani ngoba nakhu engawuthandi umsindo.

Ayimise khona phakathi nomgwaqo imoto uSgqemeza ecasukile..Zishaye amahutha esingemuva njengoba yase ivale indlela yokwedlula imoto kaSgqemeza.Wayesehla egijima uMgaga weqa umgwaqo ebheka lentombazane kodwa akazange esayithola.Uthe esethi uyabuya yase imthele ngezintuli imoto yomngane wakhe wadinwa kakhulu wamshiya khona lapho.

"Nxi sesivele sangishiya lesiwula kwakundodani Yona le.Siyaxoxa ngokungezwani nje yena usethatha ngenhliziyo bengifuna ukubona nje ukuthi uzothini ngazi kahle ukuthi akunalutho abangayenza noMaDube sisuka kude kabi nomkami ekhona naye uSgqemeza.Into engidinayo ilena yokuvumelana noMaDube angaluzwa olwami uhlangothi.Kuzomele ngithole indlela yokuwuqeda nya nya nya lomsangano abawutshelwe uSenzeni ngaphambi kokuba atholakale.Uma ngingaphendula umqondo kanina Hawu ngiyobe nginqobile."wayesencenga ngocetshwayo ke uMgaga okwesibili izinyawo zazifutha njengoba nasekuseni ehambe kakhulu nje.

Iyaqhubeka

31/08/2025

Ihlazo 23

Ibhalwe:MH Vilakazi

Emotweni kaSgqemeza benoMgaga beyokwenza amaphepha abazowanameka yonke indawo ukuze nabantu basize ekutholakaleni kukaSenzeni.

Mgaga"Uyazi kunento engingayithandanga lapha Mngani wami engifuna siyilungise nje ingaze iphume endleleni."engavezi zinyo ngenkathi esho njalo uMgaga.

Sgqemeza"Yini leyo Manje ingabe ilena oyenze izolo ngife olwembiza ngawe Mgaga bengingakaze ngilubone lolo hlangothi lwakho."eshintsha ema erobhothini njengoba livalile.

Mgaga"Bengithi sesikhulumile nje ngalokho sedlula.Uma uselapho wena indaba yakhi ke leyo.Yini ebihlikisa ngenkathi umkami ethi ukube ubukhona bengeke ngithathelwe imoto ngoba wena uyindoda emadodeni uyavumelana nokuthi uyindoda encono kunami?"

"Hawu kahle Mgaga bekumele ngithini mina ebezincokolela noMaDube ngokunganaki nje usungaze uyithathe ngenhliziyo leyonto.Angeke siqhathanise ubododa bami nobakho izindlela zabantu azifani njengoba nokwenza kushiyana nje.Musa ke ukunakana nezinto ezingabalulekile uSenzeni ulahlekile kumele atholakale sizophinde sithole nalomgulukudu omhlukumezile."esho ngokunganaki naye uSgqemeza ukuthi ucasuke ngempela uMgaga phela akusaqali ukuthi uMaDube akhulume kanje.

Iyaqhubeka

30/08/2025

Ihlazo 22

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

MaDube edinwa indlela ayiphikisa ngayo yonke lento uMgaga.Ngendlela akhuluma ngayo ungazuthi uyalazi yena iqiniso okuyilona.Yini wena wayiphikisa kangaka lento abantwana bamantombazane bedlwengulwa kangaka lapha eMzansi.Ngiyofela ezandleni zakhe lona ongcolise ingane yami wayimoshela impilo awubheke njemanje isibaleke ngisho ekhaya into angakaze ayenza uSenzeni."Yini wena wayiphikisa kangaka lento abantwana bamantombazane bedlwengulwa kangaka lapha eMzansi.Ngiyofela ezandleni zakhe lona ongcolise ingane yami wayimoshela impilo awubheke njemanje isibaleke ngisho ekhaya into angakaze ayenza uSenzeni.Sengiyabona abantu bafika kanjani esinqumweni sokubulala umuntu angena kanje amabhungezi emntwini.Khona nje isizogxila kanjani ezifundweni zayo ilokhu icabangana nalento."

Ngemuva kokwethulelwa indaba ngesehlo esibi esehlele uSenzeni enye yamadodakazi akayifake enhliziyweni yakhe uSgqemeza.Yamfaka amabhungezi ngempela lento bafika akashongo lutho wanikina ikhanda nje walokhu enxapha kwakusobala kukhulu ayekucabanga.Bafika kubo kamngani waphuma umama kaNtobeko kwangathi ebevele ebalindele.

"MaDube ngiphuthumeni bo isitholakele yini intombazane ibuyile?"esho egijima eza kuMaDube owayehamba phambili.

Abheke phansi uMaDube abhocobale wayebonakala ukuthi ukhungathekile"Eyishi benginethemba lokuthi sizomthola lapha noma uNtobeko abe nolwazi ukuthi singamtholaphi uphi yena usebuyile?"

"Ohh yebo ubuyile..Ntobeko awuvele ngapha bo."

"Ngiyeza mama kancane nje.."

"Ngiyakucela ke mngani ungalinge nje uvele.Sizobuye sikhulume kahle ngalento."

Avume ngekhanda uSenzeni asale ekamereni.Aphume uNtobeko afike abingelele ngenkulu inhlonipho ngaphandle kwabadala.Base bembuza ngoSenzeni waphiphitha wathi akaze amtshele lutho ugcine ukukhuluma naye nje ngocingo ngenkathi emazisa ukuthi usola ukuba unukubezwe ngokocansi ngenkathi eseNewlands.

Wajama uMgaga wayesethi abahambe ngoba lengane ibamoshela isikhathi kuyacaca ayazi lutho.

Iyaqhubeka

30/08/2025

Ihlazo 21

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Ababaze kakhulu aze ahlahle amehlo uSgqemeza ethi usacela yonke indaba njengoba injalo ukuthi yenzeke kanjani yonke lento kuqhamuke uMaDube eseshesha ephethe isikhwama sakhe eselungele ukuhamba."Sobuye siyixoxa ungabhedi mfwethu phambi kwalomfazi ngiyakucela."sakuhleba njengoba esondela uMaDube.

Nisalitshelwe izindaba nina lapha Baba kaSamu siyabonga ukufika ngokushesha ave ungumngani oqotho.Ngiyazi futhi ukube ubukhona ebengeke ethathelwe imoto ubaba ngiyakwethemba wena uyindoda yangempela.

Ahleke kancane uSgqemeza"Khululeka MaDube phela nifana nomndeni wami nina angisoze nganilahla.Uthi imoto yenzenja.."asheshe amshaye ngeso uMgaga awuvale umbuzo ashintshe indaba bangene emotweni kwase kuyocingwa uSenzeni.Emotweni base bemtshela ngesigameko esehlele uSenzeni kepha uMgaga ethi yena akayithembi kahle into eshiwo uSenzeni ayihlangani.

Wayesafuthekile emotweni uMgaga ethenga amehlo ukuze engasolakali.Wayeqhubeke njalo nokuthi yena akayikholwa ukuthi yenzeke ngempela lento."Nkosikazi ungangizwa kabi.Kodwa lentokaSenzeni ingicabangisa kaningi sizothini uma engadlwengulwanga phela lezingane zethu sezangcola kabi.Asingasheshi ukucabanga ukuyovulana namacala nokuthathela izinto phezulu uma simthola undodakazi kuzomele sihlale naye phansi.Simncenge uma esehlula simphoqe ukuthi akhulume iqiniso ngayo yonke lento."

MaDube"Ngikuzwa kahle baba nami ngiqale ngacabanga kanjalo kodwa ngiyamthemba mina uSenzeni uma ethi udlwenguliwe kunjalo nje.Angazi ukuthi iliphi leqiniso osalifuna wena."

Mgaga"ahh uhlupha lapho kewena umthemba Ini ubukhona yini edlwengulwa.Ngisakhuluma nawe yona lento usuvele wathatha isinqumo wena.Akuyona into ongavele uyinqume nje lena MaDube kumele senze isiqiniseko ukuthi sithola iqiniso ngaphambi kokuthatha izinyathelo.Kusho wena nje uthi uthe uSenzeni akasakhumbuli kahle wayedakiwe.Asingalwi ngento esingayazi uSenzeni uyena owazi iqiniso"

MaDube"Uyabonake usuyaqala futhi ucuphe uchuku...

Iyaqhubeka

28/08/2025

Ihlazo 20

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

Base bebuyisana oMgaga nomkakhe bahlala phansi baxoxa ngodaba lukaSenzeni imimoya iphansi.Indaba yayingamvezi umenzi wokubi owenze lobulwane enganeni ngokukaMaDube naye uSenzeni wayengazi ukuthi ubani omhlukumezile nokuthi okunye ithi akasakukhumbuli kahle.Kwaqala kwathi bohlololo kuMgaga phela into eyayimshisa kakhulu aze ajuluke nje wukuthi wayezitshela ukuthi uSenzeni ukhumbulule ukuthi uyena omdlwengulile wadedela umoya esezwa ukuthi akwaziwa kahle."Manje sixokwenzekanjani ke baba ngoba imoto phela asisenayo.Sibamba amatekisi?"

"Hhayi khululeka mkami kushiyeke kimi lokho eyamatekisi angeke isebenze mina wonke etekisini.Umlungu engathunga isicholo impela angeke."

UMgaga weboleka ifoni kaMaDube wayeseshayela umngani wakhe uSgqemeza ucingo wacela ukuthi aphuthume afike kwakhe kunesimo esiphuthumayo.Wayengaqhelile kakhulu uSgqemeza futhi esebenzela endlini ngalolusuku.Ngokuphazima kweso wabe efika kwaMgaga.Kwezwakala ukuduma kwemoto waphuma eqhasha uMgaga wayejahe ukuyokhuluma kuqala nomngani wakhe kufihlwe udaba lwayizolo lwasesipotini angaze asho into ezomembula izinqe ngamanga akawabumbele uMaDube.

Waze wagijima kunokuvula isango waphumela ngaphandle wayeseya emotweni kaSgqemeza embingelela."Usukhona ndoda yamadoda"esho emxhawula esephumele ngaphandle kwemoto noSgqemeza."Uthe kuyaphuthuma mfwethu bengingeke ngisahudula izinyawo yize ungiphoxile nje izolo akushintshi ukuthi ungowakwethu wena.Ngiphuthuke kwenzenjani uMaDube noSenzeni bakahle?"

Mgaga"Eyi ngiyazithoba kuwe Mngani wami okwenzeke izolo ngiyacela kuphelele phakathi kwethu nangephutha ungaze ukuveze kulomfazi.Ngenze ubulima obuphindiwe mngani wami ukube ngikulalelile sikhuluma nje lamantombazane angithathele yonke into ngisho imoto imbala."

Iyaqhubeka

28/08/2025

Ihlazo 19

Ibhalwe ngu:MH Vilakazi

MaDube"Usho njalo yena.Akusho mina musa ke ukudinelwa kimi ngabe yimina obuza wena.Idlwengulwa kanjani ingane ukhona ujike ungazi lutho ngalokho?"

"Hhayi bo mfazi uyazizwa ukuthi uthini ?Ungafuni ukungicasula wena biza yena uSenzeni azochaza lembudane."kubhavumula uMgaga.

MaDube"Usho ngaliphi ukuthi imbudane engani uqeda ukuthi awazi ngalento manje isiyimbudane?"

Mgaga"Ngithe biza uSenzeni...Senzeni!!"asukume adlathuzele ayombheka ekamereni angamtholi abuye kumkakhe esevutha engabaselwe."Umfihlephi lomntwana kanti ngakubuza ngaye walokhu ungiziba nje?"eseyimpi eza kuMaDube uMgaga."Ngimfihlile ungazongibhedela wena ngingafihlaphi umuntu ongaka ngithi ngimfihlelani?"ngokucasuka naye uMaDube.

"Ukhuluma nobani ngaleyondlela musa ukungichukuluza mfazi ufuna ukubonani umthetho wakho?Iphi pho lengane uma ungayifihlanga ishonephi?"

"Ubuza bani ukube ubunendaba ukuthi ikuphi ngasikhathi sini ubungeke ulale esigangeni.Angigadanga uSenzeni mina uphinde futhi ukhulume nami ngaleyondlela uzobona."esho ekhomba uMgaga emehlweni uMaDube waysewotha ubomvu naye.

Abohle uMgaga wayengafuni ukulwa nowakwakhe"Okay ngiyaxolisa ke MaDube angifune kulwa nawe mina.Ngikhathazwa ilento ongitshela yona ukuthi uSenzeni udlwenguliwe.Ingiphithanisela ngekhanda nje."

MaDube"Ngiyaxolisa nami baba Yona ilukhuni lento.Inkinga ke naye uSenzeni usevele wavuka washaya wachitha angimazi ukuziphi izinkalo.Angazi ngempela yinto ezothiwani ke lena sizomfunaphi nje."

Iyaqhubeka

Address

5th Avenue
Johannesburg
2090

Telephone

+27637065404

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindatshana NoBongwe New posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindatshana NoBongwe New:

Share

Category