Mzansi Space

Mzansi Space Our Space | Our Stories
(2)

Ophethe amasotsha ezimikhumbi, SA Navy Chief Monde Lobese usemanzini abilayo iUnion Building iyamupheka ngokungalandeli ...
18/01/2026

Ophethe amasotsha ezimikhumbi, SA Navy Chief Monde Lobese usemanzini abilayo iUnion Building iyamupheka ngokungalandeli umyalelo kaMongameli Cyril Ramaphosa wokuthi izwe lase Iran lingasabi ingxenye yokuzilolonga kwamasotsha eBRICS obekuse Cape Town.

Ihhovisi likaPresident Ramaphosa lithi i-Iran kwakufanele ingasazilolongi kodwa ibukele nje kuphela (Observer Status). Bathi lokhu kungenxa yokuthi i-Iran ihlukumeza izakhamuzi zaleliya lizwe futhi ibulala izakhamuzi ezitoyitoyizayo.

uPresident Ramaphosa uyena uCommander in Chief of the South African National Defense Force.

uNgqongqoshe wamasotsha nokuvikeleka kwezwe uAngie Motsekga umemezele ukuthi uzovula ibhodi noma ikomiti elizophenya uku...
17/01/2026

uNgqongqoshe wamasotsha nokuvikeleka kwezwe uAngie Motsekga umemezele ukuthi uzovula ibhodi noma ikomiti elizophenya ukuthi ingani uphiko lamasotsha aseSA ezimikhumbi (South African Navy) ingalandelanga umuyalelo wokuthi i-Iran ihoxiswe ekuzilolongeni kanye namasotsha eBRICS. Uhulumeni wakuleli wakhipha umyalelo ekuqaleni kwalokuzilolonga kodwa wangalandelwa ngesikhathi.

Lomyalelo walandela ukusaba okwavezwa ngezinye izinhlangano mayelana nobudlelwane beSouth Africa kanye neMelika, obusencupheni

Liyaqhubeka namhlanje enkantolo yesifunda eModimolle, eLimpopo, icala labantu abasolwa ngokweba isamba semali engamaDoll...
16/01/2026

Liyaqhubeka namhlanje enkantolo yesifunda eModimolle, eLimpopo, icala labantu abasolwa ngokweba isamba semali engamaDollar eplazini likaMongameli Matamela Cyril Ramaphosa iPhala Phala

UMongameli wase Uganda uYoweri Museveni osebuse iminyaka engu40 yonke uthi ulindele ukunqoba lolukhetho obelukhona eUgan...
16/01/2026

UMongameli wase Uganda uYoweri Museveni osebuse iminyaka engu40 yonke uthi ulindele ukunqoba lolukhetho obelukhona eUganda izolo ngo80%.
Umbiko wanamhlanje ekuseni ovela kuIEC wase Uganda uthi uPresident Museveni usahamba phambili ngamavoti, akalanywa ngisho imbangi yakhe enkulu uBobi Wine.

UMongameli uCyril Ramaphosa uvakashele izindawo ezihlaselwe yizikhukhula kwisifundazwe iLimpopo. Asethembe lukhona usizo...
15/01/2026

UMongameli uCyril Ramaphosa uvakashele izindawo ezihlaselwe yizikhukhula kwisifundazwe iLimpopo.
Asethembe lukhona usizo afike nalo 🙏

15/01/2026

uNgizwe Mchunu ujoyine umbhikisho wothisha abangaqashiwe eKZN, lombhikisho oqhubekayo e Pietermaritzburg owothisha abafundile bakhwalifaya ukuba baqashwe kodwa iningi labo sekuphele iminyaka eminingi bengaqashiwe yize beshoda kakhulu othisha eKZN naseSouth Africa yonkana.

15/01/2026

Bayakhala abazali bezingane ezingakanikwa isikhala sokufunda eGauteng. Zilinganiselwa ku3000 izingane ezingatholile isikhala kwa grade 1 nakwa grade 8 ezikoleni zakulesiya sifundazwe.

Okubuhlungu ukuthi izingane eziningi zabokufika zinikiwe izikhala kube kukhona ezakulelizwe ezingakanikwa izikhala yize sekuqalile ukufunda ezikoleni.
iMarch and March Movement kanye neOperation Dudula bayalwisana nalokhu kodwa nabazali bezingane bokufika kuleli nabo basukumile bayazilwela.

Ngemizuzu yokugcina iSouth Africa itshengise ubugwala, yanxenxa i-Iran ukuba ingabambi iqhaza ngokuzilolonga kunye neSA,...
13/01/2026

Ngemizuzu yokugcina iSouth Africa itshengise ubugwala, yanxenxa i-Iran ukuba ingabambi iqhaza ngokuzilolonga kunye neSA, Russia and China ngaphansi kohlelo lweBrics.
Lokhu kuza ngemuva kwezinkulumo ezesabisayo ezivela kwi United States of America (USA)

Yazi kuyanda
13/01/2026

Yazi kuyanda

Lelikhehla laseMelika eliwusihlalo we-Foreign Relations Committee, lithi uDonald Trump kumele athathele uhulumeni waseMzansi izinyathelo eziqinile ngesenzo sawo sokubiza i-Russia, Iran and China ukuba bezoziqeqesha ndawonye 💣

U-Senator Jim Risch uthi lesi senzo sikhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni wase-South Africa ngamaphixiphixi. Uthi i-Foreign Policy yase-South Africa ithi abangabenzi ubungani bezempi namanye amazwe kepha uhulumeni ka-ANC wona uyakwenza lokho ❌

Uthi asiqine isandla manje ⚔️

Kuthukwa thina sithukwa ama Zimbabweans ngemuva kokuthuka amasotsha ethu eLimpopo River, eqaphe umncele.Ay kuyanda!
13/01/2026

Kuthukwa thina sithukwa ama Zimbabweans ngemuva kokuthuka amasotsha ethu eLimpopo River, eqaphe umncele.
Ay kuyanda!

13/01/2026

uNgizwe Mchunu weluleka ngesankahla izingane ezingaphumelelanga kuMatric 2025.
Ihlukene imibono ngendlela akhulume ngayo!

Linyukile izinga lokuphasa kuMatric. iClass ka2025 liphase kwaba u88% kanti ke kuyaqala emlandweni ukuthi izinga lokupha...
12/01/2026

Linyukile izinga lokuphasa kuMatric. iClass ka2025 liphase kwaba u88% kanti ke kuyaqala emlandweni ukuthi izinga lokuphasa kuzwelonke lifike ku88%

Ey ama2k ayawuvala umlomo 😂
Zihlakaniphe kukho konke lezingane! Congratulations class of 2025, nisebenzile 👏

Address

Johannesburg
4000

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mzansi Space posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share