20/01/2025
IzEnzo 19:2
wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.”
Ungubani uMoya oyingcwele?
1.Uyisiqu sesithathu sikaNkulunkulu.
•UNkulunkulu uYise
•uNkulunkulu indodana
•uNkulunkulu uMoya oyingcwele.
Uyisethembiso uJesu asethembisa abafundi, engakanyukeli kuBaba ezulwini.
Izenzo 1
Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”
IzEnzo 1:8
kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
3UNgumfundisi wethu, osifundisayo.
NgokukaJohane 14:26
Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
4.Ungumsizi wethu
KwabaseRoma 8:26
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
Uhlalaphi uMoya ongcwele?
Uhlala kithi.
Uma sikholwa samukela iziqu ezintathu zikaNkulunkulu, including uMoya ongcwele.
17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.
Lize lithi izwi
Kwabase-Efesu 4:30
Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
1 kwabaseThesalonika 5:19
Ningamcimi uMoya ongcwele.
Ziyini izithelo zikaMoya ongcwele?
KwabaseGalathiya 5:22-26
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.
Nkosi busisa isifundo ngoMoya ongcwele.
Sisize siqonde ukuthi ungubani, uhlalaphi futhi ziyini izithelo zakhe.
Ngegama likaJesu Krestu waseNazaretha.
Amen