30/10/2025
Uthini umthetho ngabantu bokufika kuleli
Umthetho obalulekile lapha ubizwa ngokuthi:
Immigration Act No. 13 of 2002 kanye nezigaba zawo ezishintshiwe (Immigration Amendment Acts).
Baniningi abantu bangaphandle a bakuleli abaphinda bahlwebe ngokungemthetho baphinde benze nobugebengu obunzima.
1. Amaphepha agunyaza ukungena ngokuba kuleli.
Umuntu ongowangaphandle kufanele abe nalezi zinto ukuze angene ngokusemthethweni eNingizimu Afrika:
Valid Passport evela ezweni lakhe
Visa noma Permit ogunyaza ukungena nokuhlala (kuncika kuphinde kucacise inhloso yokungena)
Entry Stamp esivela enyangweni wakwa-Home Affairs noma eMingceleni yokungena.
Health Certificate (kwesinye isikhathi) Uma kuvela ezweni elinezifo ezithathelwanayo
2. Izizathu ezivumelekile zokungena e South Africa
Umthetho uvumela ukungena kwabantu bangaphandle kuphela ngezizathu ezilandelayo:
Uhlobo lweVisa / Permit Inhloso Isikhathi esivumelekile
Visitor’s Visa Ukuvakasha, ukuvakashela umndeni, noma ibhizinisi lesikhashana no kungaba izinsuku ezi-90 (3 months)
Work Visa (General / Critical Skills) Ukusebenza ngokusemthethweni Kuze kufike eminyakeni emi-2–5, kuncike ohlotsheni lomsebenzi.
Business Visa Ukuvula noma ukutshala imali ebhizinisini Imvamisa iminyaka emi-2–5
Study Visa Ukufunda ezikhungweni ezibhalisiwe Kuze kuphele isikhathi sokufunda.
Relative’s Visa Ukuhlala nomndeni oseNingizimu Afrika Kuze kube isikhathi esibekiwe ku-visa
Refugee / Asylum Permit -ukubalekela izimpi noma ukucashiswa okubuyekezwa njalo ngemva kwezinyanga ezi-6–12
3. Imisebenzi abavumeleke ukuyenza abantu bangaphandle.
Abantu bangaphandle bangasebenza kuphela uma benayo i-permit efanele:
Uhlobo lweVisa / Permit Umsebenzi Ovunyelwe... Work Visa Umsebenzi obhalwe egameni lomqashi othile
Critical Skills Work Visa Imisebenzi lapho kunesidingo esikhulu samakhono (njengezokwelapha, IT, engineering nokunye)
Business Visa Ukuphatha noma ukuqala ibhizinisi elisemthethweni nokumele kube ukuthi unemali ozoyitshala e ngaphezulu kuka 5 Million futhi izinhlobo ezithile kuphela Zama business abagunyazwe ukuwaqala.
Study Visa Umsebenzi wesikhathi esifushane (part-time) uma imvume ikuvumela.
Refugee Status Bangasebenza noma bahwebe ngokusemthethweni uma bethole i-refugee ID
Akekho ovunyelwe ukusebenza ngaphandle kwe-work permit.
Umqashi onezisebenzi ezingekho emthethweni naye uyajeziswa.
4. Ukuhweba aokuvumelekile.
Abantu bangaphandle bangahwebelana eNingizimu Afrika kuphela uma:
Benayo Business Visa noma Refugee Status evumela ukuhweba.
Behwebela izimpahla ezisemthethweni (hhayi izidakamizwa, izibhamu, noma izinto ezingekho emthethweni).
Bebhalisile ibhizinisi labo ku-CIPC (Companies and Intellectual Property Commission) noma kuLocal Municipality (trading license).
Bekhokha intela ku-SARS (South African Revenue Service).
Izindawo zokuhweba ezifana nama-spaza shops, street vending, noma retail stores ziyavunyelwa uma ilayisense ivumelekile.
🚫 5. Okungamele kwenziwe umuntu wangaphandle e South Africa
Uma esekhona ezweni, akumele:
❌ Ahlale ngaphandle kweVisa esebenzayo
❌ Asebenze ngaphandle kwemvume
❌ Asebenzise amaphepha awumgunyathi.
❌ Aphule imithetho yezwe (ubusela, izidakamizwa, udlame, njll.)
❌ Ahlale ngaphezu kwesikhathi seVisa yakhe
❌ Ahwebe ngaphandle kokubhalisa noma ngaphandle kwe-license nokwenza ama business abangavumelekile ukukwenza.
❌ Angene noma aphume ngokweqa emngceleni ngaphandle kwesigunyazo se-Home Affairs
6. Amacala abangawabekwa uma bephula imithetho
Uhlobo lwecala Incazelo umphumela
Illegal Entry Ukungena ngaphandle kweVisa Ukuboshwa noma ukubuyiselwa ezweni labo.
Overstaying Visa Ukuhlala isikhathi eside kunesivumelekile Inhlawulo, ukuvinjelwa ukungena futhi.
Working without Permit Ukusebenza ngaphandle kwemvume Icala lobugebengu, deportation
Fake Documents / Fraud Amadokhumenti angamanga Ukuboshwa noma ukudingiswa
Contravention of Immigration Act Ukwephula noma iyiphi ingxenye yomthetho Ukuboshwa, inhlawulo, noma ukuxoshwa
Criminal Conduct Izidakamizwa, ubugebengu, njll. Ukuboshwa + ukudingiswa (deportation)
8. Isikhathi esigunyazwa I-Permit / Visa
Uhlobo lwe Visa Isikhathi esivumelekile Iyakwazi yini ukwelulwa?
Visitor’s Visa kuze kufike ezinsukwini ezi-90 Yebo, kungenzeka kube izinyanga ezi-3 ezengeziwe
Work Visa Imvamisa iminyaka emi-2–5 Yebo, kungenzeka
Study Visa Kuze kube isiphetho sesifundo Yebo.
Business Visa Iminyaka emi-2–5 Yebo
Relative’s Visa Kuncike ekufakweni kwesicelo Yebo
Refugee Permit Ibuyekezwa njalo (6–12 months) Yebo
Umthetho ovumela ukungena: Immigration Act 13 of 2002
Ukungena ngaphandle kweVisa = icala
Ukusebenza noma ukuhweba ngaphandle kwe-permit = icala
I-permit inikeza isikhathi esithile, kodwa kumele ibuyekezwe ngaphambi kokuphelelwa
Uma ephula umthetho — angaxoshwa (deported) noma aboshwe.