29/03/2021
GABHA LAMAGABHA
Wehlul' abaningi gabha lamagabha,
Izelelesi nabahlakaniphile bayagoba..
Ngiba nengebhe, uma ufika ngikucabanga..
Ngiyiqalekise imnyaka yakho,
Namhlanje ngiyinhlwa, ngawe nje.
Indodana ijikela uyise ngawe nje.
Baphi abanumzane bemizi?
Baphi abafazi nezazi?
Ziphi izicebi ezaziwayo?
Ziphi izintokazi zakwabo?
Imilomo isibomvu,kuhle kwemilomo yezinyoni
Ziphi izifundiswa zakithi?
Ngiyakwesaba gabhalamagabha
Ngiyakwesaba gabha lamagabha unezehlakalo eziningi..
Unamandla ngempela uma usufikile,
Wenz' omama badel' abantwana,
Wenza izintokazi ziphele ubuhle,
Wenza izinsizwa ziphenduke omakhehlana,
Ushiya kukhalwa imizi eminingi,
Abant' bakhala ngezinsizwa uma usubabambile,
Bakhuumbule izinsuku esezadlula,
Bakhumbule ubuhle ababenabo,
Kungeke kusajuka lutho,
Imali ayibonwa ngenxa yakho,
Kube ukuhola pheliyane!
Kuhlengezel' izinyembezi kubantu,
Kuqale ingoma yokubalisa,
Ningibona nje, ngangingenje ngenziwa u....
Umlomo ubomvu tebhu,
Izihlathi zimnyama bhuqe,
Izinyawo zimhlophe kuhle kweqhwa,
Gabha lamagabha ngiyakwesaba...
Uyakwazi ukubambezela abantu.
Ngiyakwesaba gabha lamagabha.
Lenkondlo ibhalwe u lungani shabangu