03/11/2025
Impela kugcine kwenzekile owayengu Mongameli walelizwe uMnu Jacob Zuma ugcine ehlanganile no Mongameli wase Burkina Faso ๐ง๐ซ u Ibrahim Traore bakhuluma ngekusasa le Africa,u Ibrahim Traore ukujabulele kakhulu ukufika kuka Zuma ezweni lakhe.
Kuningike abakuxoxile okujulile okungalula ukuthi kusheshe kuvezelwe umphakathi njengamanje kakhulukazi njengoba nisahlukene kanjena nje e South Africa,kwakhona ukuthi kugcine kuvela ukuthi babonene kuyiphutha ngoba bekumele izitha zazi ukuthi ababonananga u Ibrahim Traore unqabile,yizeke abanye abelungu bengezona iziphukuphuku bayazi vele ukuthi u Traore ubengeke engabonani noZuma ngoba bayamazi uZuma nanezinto ababemenzisa zona bayazi ukuthi wayengazithandi kodwa ephoqwa ukuthi abafowabo bahambisana nezitha ivoti liyamudla.
UZuma ufike wabaceba abelungu ku Traore ukuthi basusa amakhosi emhlabeni wawo omuhle wayowampintshanisa nabantu emhlabeni omncane bathatha omkhulu bawusebenzisa qede abangawuhlomulisa ngalutho umphakathi kanye namakhosi,awazwi amakhosi abekiwe nje nabantu bawo kuthiwa awacele kuhulumeni wona alikho izwi analo,uthe umtshelile u Traore ukuthi ufuna izwe lase South Africa libuswe ngamakhosi,nengikholwa ukuthi uyilajhlile uZuma ngokuveza lokho phela abelungu bengalwa beze benqamuke intamo ngeke bevume nalomhlaba kalula ngakhoke usebanike umqondo wokuzilungiselela impi. Kodwa khona kukhona into ezayo.