Zwide Media

Zwide Media Zwide Media is an independent company that brings you the latest news around South Africa in Zulu.
(2)

Current affairs | Maskand News | Entertainment | Interviews and education.

08/09/2026

EZIBUHLUNGU ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”

Kushiswe Izimoto nezindlu zabantu bokufika ezweni lase Kenya, ukuze bebuye emazweni abo njengoba abahlali bathi sebekhathele abantu bokufika asebegcwele kulelazwe๐Ÿฅฒ๐Ÿ’”.

Follow Zwide Media

EZEMFUNDO๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™ŒUKHUZA EYOKUPHATHA IZIBHAMU BUDLABHA UMAVAVA.Ijabulise abaningi kaMavava kwenye yama podcast ekhuza abantu a...
08/09/2026

EZEMFUNDO๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ

UKHUZA EYOKUPHATHA IZIBHAMU BUDLABHA UMAVAVA.

Ijabulise abaningi kaMavava kwenye yama podcast ekhuza abantu abaphatha Izibhamu emzini yabantu budlabha uma bemenyiwe. Uthe "ungamane ungezi emcimbini umane uthumele isipheko kuphela uma uzozizwa ungaphephile uze ucabange ukuyophithizela nesbhamu emzini womuntu". Lenkulumo ithinte yaphinda yajabulisa abaningi ezinkundleni zokuxhumana bathi impilo uqiniso ishaye khona.

Eqhuba uthe isibhamu siyahlonishwa asiphathwa noma kanjan esidlangalaleni.

Follow Zwide Media

EZINHLE ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ๐Ÿ‘ŒKunconywe uDr 3 seconds ngothando alutshengise umculi owenza kahle kakhulu uSnqamu sodidla๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ.Udokotela uyen...
08/09/2026

EZINHLE ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ๐Ÿ‘Œ

Kunconywe uDr 3 seconds ngothando alutshengise umculi owenza kahle kakhulu uSnqamu sodidla๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ.

Udokotela uyena ofake lomculi estudio njengoba ethi ufisa ukubona impilo yakhe ishintsha. Kwenye yama podcast ekhuluma u 3 seconds uveze ukuthi uSnqamu uyindoda ephokophelayo empilweni futhi eneziphiwo eziningi ngakho ke ufisa ukumbona eyakude nempilo.

Follow Zwide Media

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿฅฒ๐Ÿ’”Uphumele obala umculi kamaskandi wasoPhongolo uGatsheni wacela abalandeli bakhe ukuthi bengavumeli abantu...
08/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿฅฒ๐Ÿ’”

Uphumele obala umculi kamaskandi wasoPhongolo uGatsheni wacela abalandeli bakhe ukuthi bengavumeli abantu abangamthandi becindezele umculo wakhe. Ubhale kanje

"Inhlabathi eka Nkulunkulu bafwethu wayidalela ukuthi silime kuyo, bese sivuna izithelo ๐Ÿ˜Š๐Ÿ™Œ๐Ÿ™kodwa ke abathakathi bavame ukuyisebenzisa ukufeza izifiso zabo nabo, beyithele epletini umuntu esathi usebenzela izingane zakhe naye.

Sengibe isisulu isikhathi eside abantu bethela inhlabathi ekudleni kwami, ngicela ningavimi ngami!"๐ŸŽค๐Ÿ˜ด๐Ÿ’”โš ๏ธ

Follow Zwide Media

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐ŸšจUKHUZA ABAKHULUMA AMAMPUNGE NGEGAMA LAKHE UNONGALO๐Ÿฅฒ๐Ÿ’”.Uphumele obala wakhuza ababhala izinto ezingelona iqi...
08/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿšจ

UKHUZA ABAKHULUMA AMAMPUNGE NGEGAMA LAKHE UNONGALO๐Ÿฅฒ๐Ÿ’”.

Uphumele obala wakhuza ababhala izinto ezingelona iqiniso u-Ayanda Msweli ezinkundleni zokuxhumana.

Lokhu kuza emva kokusabalala kwezindaba ezithi waxoshwa kabuhlungu emsakazweni Ukhozi FM kuthiwa waxoshwa ekuseni ethi uzongena kwathiwa umsebenzi uphelile. UMsweli uziphendulele kwenye yama post wathi " sacela ningahambi nikhuluma amanga ngegama lami, nibhale okungeyikho". Iningi likujabulele ukuziphendulela kuka Msweli.

Follow Zwide Media

EZINHLE ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ๐Ÿ™Œ๐Ÿ˜Š๐Ÿ‘ŒInjabulo kubalandeli bomculi kaMaskand uKhuzani ehlonishwa ngendondo yokuba umculi kaMaskand obambe iqhaza ...
07/09/2026

EZINHLE ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ™Œ๐Ÿ™Œ๐Ÿ˜Š๐Ÿ‘Œ

Injabulo kubalandeli bomculi kaMaskand uKhuzani ehlonishwa ngendondo yokuba umculi kaMaskand obambe iqhaza ekuthuthukiseni umculo wesintu kwezobuciko eSouth Africa. Lendondo uyinikwe yi Oxford University yase United Kingdom.

Follow Zwide Media

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐ŸšจZimkhalele owesilisa oweba Amalaptop kubantu maqede awadayise.Limshonele owesilisa (34) eVerulem C*D oweb...
07/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿšจ

Zimkhalele owesilisa oweba Amalaptop kubantu maqede awadayise.

Limshonele owesilisa (34) eVerulem C*D oweba ama laptopezimotweni. Kuthiwa namuhla uthe uyazama ukwenza into ayijwayele lamshonela wabanjwa umphakathi wase eboshwa masinyane. Uzame ukuqola Ingane ebisemotweni ihamba nomzali wahlwatha iskwama se laptop ngebhadi umzali wengane wamemeza abantu bamusiza.

Follow Zwide Media

07/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿšจ

Kuvalelwe Izingane ezindlini ngenkathi kudutshulwana kubanjwa Imoto yemali kwaNongoma ngasesigodlweni Kwakhangela. Amaphoyisa aphuthume avala umgwaqo uR66 oya Ophongolo nakwaNongoma.

Follow Zwide Media

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐ŸšจSekuphindwe kwabanjwa Imoto yemali KwaNongoma egedeni lesiGodlo sakwa Khangela umphakathi uphumile uyocos...
07/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿ”ฅ๐Ÿšจ

Sekuphindwe kwabanjwa Imoto yemali KwaNongoma egedeni lesiGodlo sakwa Khangela umphakathi uphumile uyocosha Imali esalile. Kubikwa ukuthi ishaywe yaba izicucu Imoto maqede bashaya bachitha nesamba semali engadalulwanga.

Follow Zwide Media

EZINGENAYO ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ•Š๐Ÿ•Š๐Ÿ’”SIYENYUKA ISIBALO SABANTU ABABULEWE EKHAYELISHA๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”๐Ÿ•Š๐Ÿ•Š.Ushone ujuqu owesifazane odubuleke ngephutha   eKhaye...
07/09/2026

EZINGENAYO ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ•Š๐Ÿ•Š๐Ÿ’”

SIYENYUKA ISIBALO SABANTU ABABULEWE EKHAYELISHA๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”๐Ÿ•Š๐Ÿ•Š.

Ushone ujuqu owesifazane odubuleke ngephutha eKhayelitsha esite C manje ntambama.

Sinyukile isibalo sabantu ababulewe kudubulana osamatekile eCape Town eKhayelitsha. Izolo kushone abantu ababili kwa K section eMthunzi street ku site B. Inhlangano iSANCO ifuna kuqiniswe ezokuphepha njengoba sanda isibalo sabantu ababulawa benganacala ๐Ÿ˜ญ๐Ÿ’”.

Follow Zwide Media

Address

Makhonyeni
Jozini
3969

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zwide Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Zwide Media:

Shortcuts

Share