14/07/2025
UTHOLE KULENGA AMAKETANGO ESANGWENI UNGQONQGOSHE WAKA COGTA OBEZOTHULA UMLAWULI EMKHANDLWINI WASE MKHANYAKUDE
Kuphoqe ukuthi engene ngendluzula eMasangweni oMkhandlu wase Mkhanyakude uNgqonqgoshe wezokuBusa nokuBambisana nezindaba zomdabu kzn uMf Thulasizwe Buthelezi obehambisana nabasebenzi base hhovisi lakhe kanye no Meya boMaspala abangaphansi ko Mkhanyakude kanjalo namakhansela, nobeze kuloMkhandlu ukuzokwethula uMlawuli ozolawula ukusebenza kwaloMkhandlu , uButheelzi uthe kuningi okungahambi kahle kulomkhandlu kanye nobudedengu bokusetshenziswa kwezimali , uthi kumthusile ukuthi mayezokwenza uMsebenzi njengokugunyazwa uMthetho sisekelo wezwe bese ethola kulenga izingidi eMkhandlwini.
uShenge uthi utholile ukuthi uMenenja Walomkhandlu, uSomlomo kanye noMqondisi babize umhlangano nabasebenzi bebatshela ukuthi evinjwe engangeni eMasangweni aloMkhandlu , nothe kuyishwa loku ngoba kuze kube manje abantu base Mkhanyakude abanawo amanzi , uButhelezi uthe bangamvimba yena kodwa ngeke bebavimbe abavoti ngo 2026 , okuyibona abanelungelo lokukhetha abaholi .Nalowo owayeyi Meya ngaphansi koMasipala wase Jozini uMfananaye Mathe ubeyingxenye yalomhlangano.
uNgqonqgoshe Buthelezi ugcine emethula ngaphandle kwamahhovisi alomkhandlu uMlawuli okungu Mnz Bamba Ndwandwe , nothi bamkhethe ngoba bemethemba futhi uwuqweqwe kwezokuphathwa koMaspala kzn , uShenge uthe abasebenzi kumele benze uMsebenzi ngendlela bengagcini sebegxambukela kuPolitiki , nothe namhlanje ekuseni eHluhluwe bekungahambeki kuvalwe uMgwaqo njengoba uMphakathi Ukhala ngamanzi wathi kodwa izimoto ezingabe zinika abantu amanzi (Waterkan) zithathiwe zazovimba yena ukuthi enganeni eMkhanyakude , nothe kuyacaca ukuthi ziningi izinkinga ezikulomkhandlu, kodwa banethemba lokuthi njengoba sekungenelele uMnyango waka Cogta bazozixazulula lezinkinga bebuyise nethemba kubantu base Mkhanyakude .
uButhelezi ube eseveza ukuthi ubumemile ubuholi baloMkhandlu okungu Meya, wacela noSomlomo ukuthi amcelele amakhansela , nothe ngeshwa uSomlomo umbhalele incwadi wathi konke loku abazokwenza kulomkhandlu akakwamkeli, uqhube wathi okudumaze kakhulu ukuthi laba abaqashwe njengezimenenja njengoMphathi kaMaspala okuwu MM kanye nabaqondisi kuyisibopho kubo ukuthi babekhona Kulomhlangano kodwa bakhetha ukungezi, uShenge uthe sebeyobhekana nemiphumela yokungezi kwabo.
Abenyunyana yabasebenzi bakwa Maspala I SAMWU ebebengaphandle kwamsango alomkhandlu bathe abamamukeli loMlawuli olethwe uCogta, ngoba wake wabakhona kulomkhandlu kodwa akabaphathanga kahle ngoba ubebuye egxambukele la engafuneki khona, manje ukubuya kwakhe kubavusela izilonda.