05/08/2026
Libonakala liya ngokuya yiba yinhlakanhlaka iqembu lezombusazwe iMKP. Ukushintshashintsha njalo kobuholi baleliqembu yikho okulenza libenhlakanhlaka usuku nosuku. Okunye osekuqapheleka ngaleliqembu ukungabi nesinkomfa zokukhetha abaholi, ubuholi balo buyisimbelambela nokugqama umndeni womsunguli walo.
Yehlukene imibono yabahlaziyi ngokuholwa nokuphathwa kwaleliqembu nangendlela elisebenza ngayo. Abanye abahlaziyi bathi umengameli walo wazinika yena amandla okuphatha leliqembu njengoba namanje ukuphathwa kwezimali zeqembu sekubekwe esandleni sakhe yedwa.