22/07/2022
Bahlali nginibingelele ekuseni,Bahlali kunodaba olungeluhle lwasemthwana olungeluhle nhlobo lomndeni wase Mthwana ward 15 lapho sithola khona umndeni osokole ngendlela exakile.
Lomndeni uswele kakhulu njengoba kwazindlu ohlala kuzo zingekho esimeni sokuthi zingahlala abantu abaphilayo nabantu abanelungelo ngokomthetho sisekelo waseNingizimu Africa. Ukuchaza nje kancane izindlu azinamawindi, azinazivalo kanti enye indlu eyakhiwe ngodakatshe engawa nama inini.
Kubikwa ukuthi ikhansela liyazi ngaloludaba kanti futhi ne ward committee yakhona iyazi futhi isike yavakashela lomndeni kuyobuka isimo esibhekene nolomndeni kodwa konke lokho akwenzanga mehluko, isimo asikaze sish*tshe.
Umbuzo ke omile uthi kanti uyini umsebenzi we ward committee kanye ne khansela lakwa ward 15 uma kukhona umndeni osokole ngaloluhlobo sibe isimo saziwa?
Mr khansela ward 15 ne ward committee yakho akenenze umsebenzi wenu ngendlela enokuthuthukisa umphakathi nish*tshe nezimpilo zabantu nemindeni.
Izithombe asizifakanga since abomndeni becele kanjalo nanokuthi esinye sezithombe kuvele ward committee member ngenkathi ivakashele lomndeni.