12/12/2025
I-KZN IKLELISWE NJENGESIFUNDAZWE ESINABANTU ESIHLASELWE WUBUBHA KAKHULU KULELI
IKwaZulu-Natal iqokwe njengesifundazwe esinobubha kakhulu eNingizimu Afrika njengoba cishe ingxenye yezakhamuzi zakhona idla imbuya ngothi.
Lokhu kuvele embikweni omusha weStats SA wobubha, ophinde uveze ukuthi bangu-23 million abantu baseNingizimu Afrika abathathwa njengabampofu. I-KZN isidlule iLimpopo njengesifundazwe esinesibalo esikhulu sabantu abadonsa kanzima, silandelwa yiNorth West ne-Eastern Cape.
IStatistician-General Risenga Maluleke uthe izinga lobubha lisephezulu kakhulu ezifundazweni zasemakhaya, nazo ezibhekene nokuntuleka kwemisebenzi. Ubuye wengeza ngokuthi izibonelelo zikahulumeni ziyaqhubeka nokusiza amakhaya amaningi. IWestern Cape iqophe amazinga aphansi obumpofu.