Uthukela News Times Plus

Uthukela News Times Plus "Izindaba zasoThukela zinjengoba zinjalo." To report news and business: 083 2972 906

KULIMALE kabi imoto kuHelpemekaar Road,ngaseMampemvane eMnambithi ngenkathi ishayisa inkomo namuhla kusihlwa.
23/08/2026

KULIMALE kabi imoto kuHelpemekaar Road,ngaseMampemvane eMnambithi ngenkathi ishayisa inkomo namuhla kusihlwa.

INHLANGANO I-AL-MDAAD IHLINZEKE UMPHAKATHI WASEZAKHENI NGAMANZIInhlangano engenzi nzuzo i-Al-Mdaad isukumele ukusiza ump...
23/08/2026

INHLANGANO I-AL-MDAAD IHLINZEKE UMPHAKATHI WASEZAKHENI NGAMANZI

Inhlangano engenzi nzuzo i-Al-Mdaad isukumele ukusiza umphakathi waseZakheni ngokuwuhlinzeka ngamanzi, kulandela inkinga yokunqamuka kwamanzi ebhekene nezinye izindawo.

Ikhansela likaWard 2 eZakheni, uSiphiwe Zwane, lithe kunenkinga enkulu yokungabikho kwamanzi ikakhulukazi endaweni yama-One Room.

UZwane ubonge kakhulu ukufika kwenhlangano i-Al-Mdaad namaloli amanzi, wathi usizo lwayo lufike ngesikhathi esifanele njengoba umphakathi ububhekene nosuku olunzima.

Uthe abantu bebedinga kakhulu amanzi ukuze bakwazi ukuwasha nokwenza eminye imisebenzi yasemakhaya, kanti abanye bebenemicimbi eyahlukene ebidinga ukusetshenziswa kwamanzi.

Inhlangano i-Al-Mdaad ithi isazimisele ukuqhubeka nokulekelela imiphakathi ebhekene nobunzima, ikakhulukazi lapho kunenkinga yokushoda kwamanzi.

UMPHAKATHI  waseDunoon, eKapa ungqongqise amadoda amane abesolwa ngobugebengu.Lamadoda abulawa nje kuthiwa bese bunyuke ...
23/08/2026

UMPHAKATHI waseDunoon, eKapa ungqongqise amadoda amane abesolwa ngobugebengu.

Lamadoda abulawa nje kuthiwa bese bunyuke kakhulu ubugebengu abantu bentshontshelwa,kusolakala wona.

ISANRAL IXWAYISA ABASHAYELI NGKUBAMBEZELEKA EMGWAQWENI U-N11 NGASEMNAMBITHIAbashayeli bezimoto abasebenzisa umgwaqo u-N1...
23/08/2026

ISANRAL IXWAYISA ABASHAYELI NGKUBAMBEZELEKA EMGWAQWENI U-N11 NGASEMNAMBITHI

Abashayeli bezimoto abasebenzisa umgwaqo u-N11 ngaseMnambithi KwaZulu-Natal bayelulekwa ukuthi balindele ukubambezeleka njengoba kuzoqala umsebenzi wokwakha nokuthuthukisa ukuphepha emgwaqweni.

ISouth African National Roads Agency (SANRAL) imemezele ukuthi kuzoba nohlelo lokumisa nokudedela izimoto, i-Stop/Go, ezindaweni ezahlukene ku-National Route 11, phakathi kwamakhilomitha angu-34 no-44. Lolu hlelo luyingxenye yomsebenzi oqhubekayo wokufaka izindlela zesikhashana zokwehlisa ijubane nokwenza umgwaqo uphephe, ikakhulukazi ezindaweni lapho izimoto zihamba ngesivinini esikhulu khona.

Ngokusho kwe-SANRAL, ukufakwa kwemigqa yesikhashana edala ukudlidliza ezimotweni, eyaziwa ngokuthi ama-rumble strips, kulindeleke ukuthi kuqale mhla **zi-1 kuMandulo 2026** futhi kuthathe cishe izinsuku eziyisikhombisa. Lo msebenzi uzothinta izimoto ezihamba ngazo zombili izinhlangothi zomgwaqo ezindaweni ezahlukene.

Umsebenzi uzokwenziwa ngokuvalwa kwengxenye yomgwaqo ngesikhathi, kanti izimoto zizobe zishintshaniswa. Abashayeli bangalindela ukulinda phakathi kwemizuzu engu-15 no-30 ngezikhathi ezimatasa, kanti ngezikhathi ezingamatasa kakhulu ukulinda kulindeleke kube phakathi kwemizuzu engu-10 no-15.

Abasebenzisi bomgwaqo bayakhuthazwa ukuba bahlele kahle uhambo lwabo kusenesikhathi futhi babekezele ngesikhathi umsebenzi usaqhubeka.

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asebophe abasolwa ababili ecaleni lokubulawa komshayi sibhakela wakuleli hZolani Tete (38) e...
23/08/2026

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asebophe abasolwa ababili ecaleni lokubulawa komshayi sibhakela wakuleli hZolani Tete (38) eMdantsane.

NGICELA NINGUFUNISE UMNDENI WAMI ENGINGAKAZE NGIHLANGANE NAWOSanibonani nonke. Igama lami ngingu Siyabonga Madonsela, ng...
23/08/2026

NGICELA NINGUFUNISE UMNDENI WAMI ENGINGAKAZE NGIHLANGANE NAWO

Sanibonani nonke. Igama lami ngingu Siyabonga Madonsela, ngazalwa mhla ziyi-14 kuMandulo 1998.

Ngifuna ukuthola ubaba wami wangempela kanye nomndeni wakithi. Ngokwalokho engakutshelwa ngumama, igama likababa kuthiwa ngu Themba Madonsela (anginaso isiqiniseko ngokupelwa kahle kwegama lakhe), kanti umfowabo kuthiwa ngu Sfiso Madonsela.

Kuthiwa abazali bami babehlala ndawonye e Johannesburg ngeminyaka yawo-1990, kodwa bahlukana ngesikhathi nginezinyanga ezimbili kuya kwezintathu kuphela ngizelwe.

Umama ungitshele ukuthi ubaba wami kanye nomndeni wakubo kungenzeka ukuthi bahlala KwaZulu-Natal, mhlawumbe endaweni yaseBergville, nakuba nami ngingaqiniseki kahle ngendawo.

Sekuyisikhathi eside kakhulu ngifuna ukuthola ubaba wami, futhi ngingabonga kakhulu noma ngubani onolwazi olungangisiza ukuthi ngimthole noma ngiphinde ngixhumane nomndeni wakithi.

Uma kukhona omaziyo uThemba Madonsela noma uSfiso Madonsela, noma onolwazi olungasisiza, sicela usithumele umlayezo wangasese noma ushiye umbono ngezansi.

Siyacela ukuthi nabelane ngalo mlayezo ukuze ufike kubantu abangase bakwazi ukusisiza. Ukwabelana kwakho kungasiza ekutheni ngithole umndeni wami kanye nezimpande zami.

Ngiyabonga kakhulu ngothando, ububele kanye nosizo lwenu.

Isibikezelo sezulu sanamuhla
23/08/2026

Isibikezelo sezulu sanamuhla

USESHADELWE U-AYANDA NTANZI.
23/08/2026

USESHADELWE U-AYANDA NTANZI.

YAMUKELE OFISHI ABAKHULU I- IFP Inhlangano iNkatha Freedom Party(IFP) namhlanje yamukele amalungu amasha ebekade ebambe ...
22/08/2026

YAMUKELE OFISHI ABAKHULU I- IFP

Inhlangano iNkatha Freedom Party(IFP) namhlanje yamukele amalungu amasha ebekade ebambe iqhaza eliqavile kwiNational Freedom Party .

Phakathi kwabo yimeya yaseDumbe uMnuz Sbusiso Mkhabela ophinde abengusihlalo walenhlangano kuzwelonke, uNkz Teddy Thwala onguNobhala jikelele weNFP kumaspala Abaqulusi, ukhansela uMnu Mthunzi Xulu, uKhansela uMnu Thulani Ntshingila wesiyingi Abaqulusi

uMnu Sphamandla Ntombela obengusotswebhu weNFP kwisifunda iZululand nekhansela, uMnu Sizwe Hadebe osekomidini elephezulu leNFP eZululand, uNkz Khanyisile Jiyane, uMnu Msawenkosi Maphumulo onguSihlalo wenhlangano, uMnu Bonginkosi Mncwabe ongumgcinimafa eMgungundlovu kwiNFP, uMnu Mlungisi Mncube ophethe intsha nabanye.kuphinde kwamukelwa amanye amalungu amasha amukeliwe awu-200.

INHLANGANO I-UYINENE MRWETYANA FOUNDATION IFUNA UHULUMENI ATHATHE IZINYATHELO EZIQINILE UKULWISANA NE-GBV INhlangano elw...
22/08/2026

INHLANGANO I-UYINENE MRWETYANA FOUNDATION IFUNA UHULUMENI ATHATHE IZINYATHELO EZIQINILE UKULWISANA NE-GBV

INhlangano elwisana nodlame olibhekiswe kubbantu besifazane nezingane i-Uyinene Mrwetyana Foundation isinxuse uhulumeni ukuba enze okwengeziwe ekulweni nodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV) eNingizimu Afrika.

Lenhlangano kanye neNyuvesi yaseKapa babambe imashi enokuthula yaminyaka yonke ykukhumbula u-Uyinene Mrwetyana eMain Road phakathi kwaseClaremont ne-UCT.U-Uyinene wadlwengulwa wabe esebulawa eClareinch Post Office eClaremont ngo-Agasti 2019.Unina kanye nomsunguli wesikhwama, uNomangwane Mrwetyana, uthe ukhathazekile ngokuthi uhulumeni akabonakali ethatha lolu daba njengoluphuthumayo.Wathi inhlangano izoqhubeka nokulwisana nodlame olubhekiswe kwabantu besifazane nezingane. .

Address

150 Murchison Street, Office No. 4
Ladysmith
3370

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Uthukela News Times Plus posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Uthukela News Times Plus:

Shortcuts

Share