Nqubeko Community Radio station 100.5fm

Nqubeko Community Radio station 100.5fm Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Nqubeko Community Radio station 100.5fm, Broadcasting & media production company, 271 Murchison Street, Ladysmith.
(2)

Matric 2025 Results: National Pass Rate 88%1. Kwazulu-Natal 90.6%2. Free State 89.33%3. Gauteng 89.06%4. North West 88.4...
12/01/2026

Matric 2025 Results: National Pass Rate 88%

1. Kwazulu-Natal 90.6%
2. Free State 89.33%
3. Gauteng 89.06%
4. North West 88.49%
5. Western Cape 88.2%
6. Northern Cape 87.79%
7. Mpumalanga 86.55%
8. Limpopo 86.15%
9. Eastern Cape 84.17%

Kulimale abantu abayisithupha kwashona umuntu oyedwa engozini yezimoto eyenzeke kuR34  Margrave iHennies ngaphandle nje ...
12/01/2026

Kulimale abantu abayisithupha kwashona umuntu oyedwa engozini yezimoto eyenzeke kuR34 Margrave iHennies ngaphandle nje kwase-vryheid. Abezimo eziphuthumayo ababizelwe endaweni yesigameko athole, owesilisa obelimale kabi oshone esendleleni esephuthunyiswa esbhedlela.kulimale kanzima izingane ezineminyaka ephakathi kuka 3 no 10 Nabanye abantu abadala abathathu bible baphuthunyiswe esibhedlela

Sibongela ubafundi abangu 40 emzansi okubalwa nomfundi wase Bergville onqaqalaze phambili. Kubafundi abawu 40 abaphase k...
12/01/2026

Sibongela ubafundi abangu 40 emzansi okubalwa nomfundi wase Bergville onqaqalaze phambili.

Kubafundi abawu 40 abaphase kahle kunabo bonke eMzansi Africa ,abangu 8 obaKwaZulu Natal. Amagama ame kanje.

uNonduduzo Mkhize waseFulton School for the Deaf,

Amahle Ngidi waseSt Martins,

Olwethu Dladla waseTugela Secondary,

Thobane Shezi waKwaThintwa Deaf School.

Asanda Ndlela waseMasibumbane High School,

Senamile Tabate waseMathubesizwe Secondary School,

Simesihle Khuzwayo waseKing Bhekuzulu High School

no-Ethan Naicker wasePort Shepstone Secondary.

12/01/2026

Social Development.

12/01/2026

Umphakathi waseGlencoe enyakatho nesfundazwe KwaZulu-Natal, uvale umgwaqo u-R602 ohlanganisa iDundee noMnambithi. Abahlali bathi bafuna izinsiza kumasipala waseNdumeni ophethwe yi-IFP .
Video: Sihle Mavuso

UNgqogqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthi bonke abafundi bakamatikuletsheni ka-2025 kumele baziqhenye ng...
12/01/2026

UNgqogqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthi bonke abafundi bakamatikuletsheni ka-2025 kumele baziqhenye ngokusebenza kanzima nangokuzimisela kwabo. Lokhu ukusho nje kulindeleke ukuthi namhlanje amemezele izibalo zabafundi abaphase kahle kuzwelonke nasezifundazweni. Kanti Imiphumela yabafundi kulindeleke ukuthi ikhishwe ngoLwesibili. Imiphumela izokhishwa kuwo wonke amaphephandaba agunyaziwe.

Isimo sinjena njengamanje eMaphemvane njengoba umphakathi oya emsebenzini kanti abanye baya edolobheni eMnambithi bevale...
12/01/2026

Isimo sinjena njengamanje eMaphemvane njengoba umphakathi oya emsebenzini kanti abanye baya edolobheni eMnambithi bevalelekile ngenxa yokuthi umgwaqo uvaliwe akuhambeki umphakathi ukhala ngomgwaqo ongekho esimeni esikahle lona obheke eMhlumayo.

12/01/2026

Kunokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto eMaphemvane njengoba umgwaqo uvaliwe ngenxa yokuthi abantu bevale umgwaqo, umphakathi ukhala ngomgwaqo lona obheke eMhlumayo ukuthi awukho esimeni esikahle badinga ukulungiselwa wona i department of transport,kuzokhumbuleka ukuthi ukuvalwa kwalomgwaqo kuza emva kokuthi i department yakwa Transport isezinhlelweni zokulungisa umgwaqo u Helpemekaar Road lona obheke e Uitvaal.Izimoto eziningi zisebenzisa umgwaqo obheke eWasbank uma ziya eMnambithi edolobheni ,kanti izimoto eziphazamiseke kakhulu ilezi eziqhamuka eMhlumayo. Kuyanxuswa abashayeli ukuthi besebenzise ezinye izindlela.

Abosizo lokuqala sebephuthume eColenso la lunengozi yezimoto ezibalelwa ku 3.Imininigwane ngabalimele ayikaphumi njengob...
11/01/2026

Abosizo lokuqala sebephuthume eColenso la lunengozi yezimoto ezibalelwa ku 3.
Imininigwane ngabalimele ayikaphumi njengoba kuyinto esanda kwenzeka

11/01/2026

Spokesperson from UKZN.

Bayabonga  abomndeni wakwaMadonsela eRoosboom. Ibekwe ngesizotha intokazi yakwaMchunu uMiss Simphiwe Zinhle Mchunu obula...
11/01/2026

Bayabonga abomndeni wakwaMadonsela eRoosboom.

Ibekwe ngesizotha intokazi yakwaMchunu uMiss Simphiwe Zinhle Mchunu obulawe obezibiza ngesoka lakhe eThekwini njengoba ubefunda esikhungweni semfundo ephakeme University of KwaZulu Natal, nokho kyavela ukuthi ubenza izifundo zobuthishela, kodwa lawo maphupho ashabalala yize inhlansi yethemba ibisibonakala. UZinhle ubulawe oweslisa odabuka eKuvukeni ngokwemibiko evelayo, yize imbangela egcwele yokubulawa kwakhe uZinhle ibingagqamile kodwa okfike kwaduduza kakhulu umndeni ukufihla ithambo lakhe ngesizotha ngosizo lukamaspala.

Umeya Cllr Zama Sibisi, usomlomo Cllr Bheki Sithole namakhansela kamaspala bebeyinxenye yale nkonzo yokuphelezela uMiss Simphiwe Zinhle, nokho ubulawe ngesihluku njengoba kuvele ukuthi lo mlisa wambulala wamqoba wamfaka kwi Suitcase wayomgqiba maqede wabasa iklobe lo mlilo ukzama ukudidisa umkhondo, kanti izikhulumi ebezikhona bezifisa ukuthi umenzi wobubi engathi engabolela ejele. Khona manjalo sisakhuluma ngomuzi wakwaMadonsela, kudebuduze nje ngaphakathi eRoosboom kwaDladla udutshulwe umama ngomhlaka 31 December 2025 ngenkathi kuqhunyiswa amacricket kanti loyo msindo usuhamba nomuntu nokho indawo yase Roosboom iyindawo ebukeka inezehlakalo ezimbi ngokusho kwezikhulumi. Kanti nabavela kwisikhungo semfundo bebekhona.

11/01/2026

Kufunwa imoto emhlophe number plate FT70WCGP,okubikwa ukuthi intshontshiwe namhlanje, Kanye ne trailer kuN3 ngase Mooi river. Ongaba nolwazi angashayela amaphoyisa noma uDrikus Botha ku0769410607

Address

271 Murchison Street
Ladysmith
3370

Telephone

+27366310620

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nqubeko Community Radio station 100.5fm posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nqubeko Community Radio station 100.5fm:

Share