
25/08/2025
USEWAHOXISILE AMAZWI AKHE OKUSHIYA EMCULWENI OWASEMNAMBITHI.
Umculi kamaskandi wesifazane waseMnambithi uNdie Sthole ubesebhale ekhasini lakhe wathi useyashiya emculweni, usephinde waxolisa kubalandeli bakhe wabathembisa ukuqhubeka nokubapha umculo yize kunzima.
Lomculi ubebhale kanje"Emvakwanamhlanje ngithathe isnqumo sokuwuyeka lomculo noma ingekho into eseduze kwenhliziyo yam ukwendlula umculo lapho ayikho into ehlukumezana emoyeni njengawo lomculo ngyaz abantu abayi nganxanye bengemanzi bakhona bakholelwa kulemzamo yam laboke ngizobapha Ep yokugcina enezingoma ezingaphekwa 4 ukube kuya ngami ngabe iphuma kwaksasa ngizoth khumu kulezinto zomculo ngiyaz khona ozothi ngehlulekile cha ngiyakuzonda ukwehluleka abaziyo babonile ngizame phambi kwabo namanje bengisazama futhi bengisazozama kodwa ngiyathanda ukuphila ngepeace ngingumuntu othanda abantu kusizani ukukhala b4 stage mawphambi kwabantu uhleke ai khumu zithandwa ngbonge kwababe inxenye yemzamo yam nabahambe nam kwaze kwalana ngyabonga kodwa kulapho abalwisana nemzamo yam kuyeza ukufa ekaze uyothini kunkulunkulu ulwisana nento yakhe aybeke kumuntu" abalandeli nabatha bakhe babe sebemqinisa idolo bamuncenga ukuthi angawuyeki umculo ngoba bayawuthokozela.