Manguzi News Updates

Manguzi News Updates Delivering news to the community of manguzi

02/06/2022

Bayalwa ngoKelly osebukwa njengombulali.

Ummeli kaKelly Khumalo uMagadalene Moonsamy uthi iklayenti lakhe uMaKhumalo uzobizwa naye azofakaza kuleli cala. Uthe bazofaka isicelo esiphumayo ePretoria High Court baphonsele inselelo okushiwo uAdv Teffo. "Sifuna ukwazi ubani lo fakazi owabona uKelly Khumalo edubula ebulala uSenzo ngephutha. Iklayent lami selehlulelwe ngento engahloliwe ukuthi iyiqiniso yini. Sesithule kwaze kweqa sifuna ukuzivikela." Kusho yena ekhuluma nabezindaba. UTeffo uthe cha ningajahi udaba olubucayi lolu ukudalula igama lofakazi kuzoba yingozi yithi ukuphola mama phola nu phola munu phola daa, kusho yena.

09/05/2022

IKAIZER Chiefs iyeke ingqayizivele yethuba lokuqoqa amaphuzu agcwele ngeSonto ebusuku ibhekene neMamelodi Sundowns, ngesikhathi uKeagan Dolly egeja iphenathi ebizoyiwinisa ngemizuzu yokugcina koweDStv Premiership eFNB Stadium, eSoweto.

09/05/2022

Uboshiwe otholwe nogebhezi lomfowaboSouth Africa - Cape Town - 25 September 2020 - Bishop Lavis Magistrate Court - There was a strong police presence at Bishop Lavis Magistrate Court as the murdwer accused in the assasination of top cop, Charl Kinnear a week ago. Community and media watch the remova...

09/05/2022

ULady Du usephoxwe nguyise wambiza ngegama elibi.

Usaziwayo obeshade nobelingisa kwiSbaya aziwa ngoFezile, uLady Du wenziwa imf...yikho eqamba amanga ngokukhula kwakhe. Lana ngamazwi ashiwo nguyise uDJ Choc oqophe ividiyo wadubhaya strong ngendodakazi yakhe. Kungemuva kokuthi uLady Du edalule ukuthi yena wakhula ehlupheka. Awu s**a maye aykhona uyise wavela. Bekungathi usanda kuthi haqa ngamandla ay zakhala wena yey! "Lento eshiwo uLady Du ukuthi wakhula ehlupheka ngamanga aluhlaza. Le ngane yakhuliswa yimi yaze yaba nakho konke. Yahamba yona ilokhu ihubhana namadoda. Ife...kayiphumuli kwamanje isaxoshana namadoda. Argha man demede mani. Ngaze ngayizala inj$ nxa." Kusho yena engathi uyafefeza mayekhuluma kuhle komuntu ongenamazinyo

Yeyi kubi emanguzi
23/04/2022

Yeyi kubi emanguzi

Kudlaliwe ngama 2000 aseManguzi

Owesilisa ongubhutimadlisa ngezinto zabantu usegile ama 2K amabili aseManguzi. Uxhumane ngowhataphu nalamantombazane wathi: "Ey ladies ngizonikhipha ngilindeni engojen." Kusho yena. "Ola mabura wethu, uyiB& # yethu wena." Kujabula lama 2K. Lo.mlisa ubizwa ngoSbu enjalo-nje kodwa lama 2000 ambiza Mabura. Kuthe lama 2K esadansela ingoma ethi awungibambe awungisondeze, kwase konakala. UMabura wokunuka wabo ubeseyipopolile ingozi. Phela ubesebone umnikazi wemoto okuyintombi yakhe wavele wanyamalala wawashiya kanjalo emotwe ama2k wathi uyabuya. Maye! Wafika lo madam speaker bekungathi uMakhadzi epiklela uBabes wodumo bebanga uMampintsha. "Ubani onifake emotweni yami hhe? UMabura yini lokho? Oh nisho uSbu. Lalelani imoto yami le yehlani! Manje. Elakho leli phenti?" Evutha bhe. Vele KwaMhlabuyalingana abafana bakhona banawo lomqondo yokufisa kodwa kabanakho bese beganga mlibe. Omunye sake sabhala ngaye. Yena wavela wayokweba izinkomo edlelweni wayolobola intombi esindisindiswe maqede wayishada ngepasi lomfowabo.

Esthombeni elinye lama 2k bese linyobozela wena wabona intashika idle amaqanda.

Address

R22
Manguzi
[email protected]

Telephone

+27607491592

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Manguzi News Updates posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Manguzi News Updates:

Share