21/02/2025
Obejabulela ukuthola uMsebenzi wakwa Transnat kwi Facebook utholwe edindilizile eklajwe nangembazo
Ubehambe etshele umndeni wakhe ukuthi usetholelwe umsebenzi kwa Transnat owesifazane (37) ohehwe uMlisa thizeni lana kwi Facebook. Kubikwa ukuthi wahlangana noMlisa thizeni la enkundleni yokuxhumana i Facebook wamazisa ukuthi yena engamfaka emsebenzini inqobo nje uma engakhipha lemali yokugwaza umndeni uthi wahlanganisa imali engango 2K wayithumela kulesigilamkhuba , sibe sesitshela lowesifazane ukuthi akafike ndawana thizeni ezolinganisa umfaniswano uzoqala ukusebenza ngaksasa afike ngo 10 ekuseni nangempela wanikela khona usuka ekhaya nje uwazisile umndeni washiya nenombolo yakhe loMlisa. Kuthe ngakusasa sebekhathazekile ekhaya ukuthi akabuyanga ebusuku bayobika emaphoyiseni nebala aqinisekisa ukuthi kunesidumbu esibikiwe ndawana thizeni Uma benikela kuso kwaphela nasozwaneni bezithela kuye lowesifazane. Lesigameko senzeke endaweni yaseBolobedu eMopani inombolo yaloMlisa ayingeni. Abantu bayanxuswa ukuthi bengathenjiswa imsebenzi abantu ko Facebook angeke umuntu ongakwazi aktholele umsebenzi nanokukhiphake nje imali ko Facebook usuke umupha loyomuntu