Ngeso Lokhozi News

Ngeso Lokhozi News Iphepha elikwethulela izindaba

Isilo sikhuthaze ubumbano kubantwana
10/04/2022

Isilo sikhuthaze ubumbano kubantwana

10/04/2022

Kuchithwe isethejwa soNyazilwezulu kwaShembe kwaphinde kwehliswa abavangeli ezikhundleni

SIMUNCU isimo ebandleni lamaNazaretha ngaphansi Kohlangothi lwaseBuhleni kuMholi uNyazilwezulu, njengoba sekuvele ukuthi amakhosi esizwe akhonza kulelibandla asexoshe umfundisi oyisithenjwa saloMholi, abuye ehlisa nabavangeli abagcotshwe ilomfundisi ezikhundleni

Ngokuthola Ngeso Lokhozi kuthiwa isimo simanzonzo ebandleni njengoba amakhosi achithe Umfundisi Shozi, okuthiwa obeyisithenjwa soNyazilwezulu. Emva kokuchithwa kwakhe kwehliswe nabavangeli abagcotshwe ngaphansi kobuholi bakhe ezikhundleni, babuyiselwe ezikhundleni zokuba abashumayeli

Kukhona nezwi eliqoshwe elisatshalaliswa lapho amakhosi azisholo wona ukuthi asemchithile umfundisi Shozi ebandleni, ehlisa nabanye abavangeli futhi anxusa abaziyo ukthi abagcotshwa kungafanele ukuthi bazizele kuwona azobehlisa ezikhundleni

Ezwini eliqoshiwe kuzwakala owesilisa othi; sicela abavangeli abaziyo ukthi bagcotshwa kungafanele bazizele bona emakhosini kulungiswe indaba yabo. Noma ngabe sebelizwa limnandi kanjn ijazi lobuvangeli abese beligqoka kodwa mabbe nonembeza beze ngaphambili Banenhlanhla bona ngoba Shembe ubakhumbulile besaphila ukuthi belungise amaphutha abo ngoba lizoba sinda lelijazi abaligqoke ngokungemthetho, Uma sebedlulile emhlabeni

Umthombo Waleli khasi ongashayi eceleni uthe siyabamangaza isenzo samakhosi ngoba bona Bazi ukth abantu abanamandla okuthatha izinqumo ebandleni abefundisi

"Kuyacaca ukuthi abefundisi sebephuciwe amandla njengoba izinqumo sezithathwa amakhosi esizwe. Siyakuqala lokhukumaNazaretha. Baningi esizwe kuthiwa bazoxoshwa ebandleni ngaphandle kokwehluswa kwabavangeli ezikhundleni" kusho umthombo

Okhulumela uNyazilwezulu uMnuz Thokozani mncwabe; uthe baluzwile udaba kokuchithwa kuka mfundisi Shozi nokwehliswa kwabavangeli ezikhundleni

"uNyazilwezulu alubaxoshi abantu ebandleni kodwa lucele amakhosi ukuba alungise loludaba.

10/04/2022
10/04/2022

Usatshiswa ngokuboshwa umfowabo kaSenzo meyiwa

UMFOWABO kaSenzo meyiwa uSfiso uthi usola ukuthi kunemizamo yokumsabisa ukuze ayeke ukulandela udaba lokufa lukamfowabo

UMnuz Sfiso Meyiwa, uthi ushayelwe ucingo ngumuntu thizeni ethi usebenza ekomkhulu lamaphoyisa ePitoli, emazisa ukuthi uphenyelwa inkohlakalo futhi angase aboshwe maduze. Konke kuvele engxoxwen Ngeso Lokhozi elibe nayo noMeyiwa njengoba kuzoqalwa ukuqulwa kwecala

uSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelky Khumalo eVosloorus ngo2014

Kulindeleke ukthi kusasa kuqalwe ukuqulwa kwecala enkantolo eNkulu eNorth Gauteng. Kanti uMeyiwa isamile ekuthen abazoshushiswa abathinteki ecaleni lomnewabo. Ukholwa wukuthi kukhona abathile okufanele baboshwe kodwa bacanasa ngaphandle

Ababoshiwe nguMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya,Mnuz Bongani Ntanzi, Mnuz Mthombisi Mncube, Mnuz Mthokoziseni Maphisa noMnuz Sifisokuhle nkani Ntuli

UMeyiwa uthi usola ukuthi uzithintele esidlekeni sezinqandu ngokufuna ubulungiswa ngokufan koMnewabo

"Amaphoyisa azama ukungisabisa ngokuthi bafuna ukungibophela inkohlakalo ngoba kukhona engakuqaphela ecaleni ngase ngibikela Afriforum, ngaphambi kokuqokwa u-advocate Teffo. Bangifonela ngoMashi 29 bathi base Hhovisi elikhulu ePitoli bathi bazofika Kimi ngo Ephreli 6 noma7 bazongihlaba ngembuzo bathathe statimende. Ngibalindele ukuthi bazongiphoqa angibesabi kusho Meyiwa

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda mathe, uthintiwe ngodaba wathi ucela ukuthunyelelwa okubhaliwe ngoWhtaspp wathunyelelwa ngezindlela ezintathu kwaba yi- email, umqhafazo Kanye nowhtspp izikhawu ezimbili kodua yangabuya impendulo

Amaphoyisa avame ukunqaba ukuPhawula ngodaba lwecala likaMeyiwa ethi luphambi kwenkantolo futh uphenyo lusaqhubeka.

Kumashe Abe operation Dudula eThekwiniNgeslo Lokhozi: kumashe Abe operation Dudula enkabeni yedolobha eThekwini befuna b...
10/04/2022

Kumashe Abe operation Dudula eThekwini

Ngeslo Lokhozi: kumashe Abe operation Dudula enkabeni yedolobha eThekwini befuna bebuyiselwe emazweni abo abokufika abangenazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika

AQUNGELE iMvula ebeyidliva namakhaza amalunga e-Operation Dudula emashini yawo ebisenkabeni yedolobha eThekwini

KUMASHE Abe Operation Dudula eThekwini befuna kubuyiselwe abo kufika mhlaka emazweni abo kulabo abangenazo izimvume zokuba kuleli. Abetshalwe ngobuningi amaphoyisa kule mashi esuke eCity hall yayofika esteshini samaPhoyisa esisePhoyinti Abe Dudula bebehambise uhlu lwezikhalo

Bafuna babuyiselwe emazweni abo abokufika abangenazo izimvume zokuba seNingizimu Afrika futhi amaphoyisa anqande ukusatshalaliswa kwezidakamizwa, kuqiniswe ezokuphepha emngceleni nasechwepheni laseThekwini

Icishe yabambana ngezandla ngesikhathi iDudula ingena ePhoyinti lapho kugcwele khona abokufika kukhona ababeyijikijela ngamabhodlela bevela ngamawindi ezitezi

Kusize amaphoyisa angenelela ngokushesha isiphuma esandleni imashi ebihanjelwe nangamalunga ale nhlangano engenzi zuzo abesuka egoli

Bashiye uhlu lwezikhalo kumphathi siteshi uBrigadier sibongile Cynthia Ngubane

Address

Marshallstown

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ngeso Lokhozi News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ngeso Lokhozi News:

Share