30/04/2026
Iminyaka yindlule,
Ngika k'boni,
Ngibhale ngafunga,
Noma kubuzwa ngawe,
Ngyenza ngathi angikwazi,
Noma singa hlangana ngale bhadi,
Ngizo yenza ngathi angik'boni,
Kodwa inhliziyo ishayela kuma,
Imizwa iduka namazwe,
Ngiphelel' ngamazwi,
Ngyaz kwakumele ngivume,
Noma ngakonjwa nge sbham,
Asoze ngivume,
Ngisho mantji ngeke yenzo lutho,
Mina ngyalazi elami icala,
Ukuthanda wena kwaba ispheto Sam,
Wena bengik'thandisa kwase mafilimini,
Nakuy'ntlhavu bengy'thata ngesam isifuba.
Namhlanje ngyavuma,
Ngeke ngifele othandweni,
Angiyena u Senzo Meyiwa,
Naw'thanda umuntu uyohlezi uzama,
Kodwa inhliziyo ithanda,
Lapha ithanda khona.