21/04/2020
XOLA NHLIZIYO YAMI
Ngiyathatha ngiyabeka,
Ngokwengqondo ngiyakha,
Ngiyabhidliza,
Umqondo wam udidekile
Umphefumulo wam ukhathazekile, eyi ukube ngangazi.
Ngimbona uvele washalaza, Ngashawa amahloni,
Ngaqunga isibindi ngambingelela ngamuzwa evuma enensa yeeebo,
Kwavele kwangicacela ukuthi usechitha icala nalapho ayikho into ebuhlungu njengokuthi UKUBE NGANGAZI.
Yazi wen a'waz u'kuthi mina ngiyaz u'kuth u'ngenz i'silima uzama kungifihlela ngoba ufuna ukuthi mhla umhlab u'kwehlula uhlehlele Kimi.
Yize kunzima duduzeka phela nhliziyo yami angani ngiyaz u'kuth i'nhliziyo kayiphakelwa.
Sonkondlo ngale nkondlo uzubatshele ukuthi angeke kuhlale kunje.
U CEBOH imbongi Yase Ngwedze.