Okuhle fm

Okuhle fm Okuhle FM is a digital radio station that broadcast from Melmoth "Mthonjaneni" to the whole world. Okuhle FM broadcast 24/ 7 using the power of the internet.

Aqhathwe kanje amaqembu emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup. IKaizer Chiefs ifakwe kwi-Group D kanti uStellenbosch yo...
03/11/2025

Aqhathwe kanje amaqembu emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup. IKaizer Chiefs ifakwe kwi-Group D kanti uStellenbosch yona yaqhathwa kwi-Group C

"ngizocela ungimele kulelicala""icala lani?""Kunomuntu ongikweleta 20 000 manje akafuni ukuwukhokha""unayo i proof Yeskw...
03/11/2025

"ngizocela ungimele kulelicala"
"icala lani?"
"Kunomuntu ongikweleta 20 000 manje akafuni ukuwukhokha"
"unayo i proof Yeskweletu?"
"Cha"
"Kuzoba nzimake kulwa naye proof ingekho"
"shuthi alikho lecala lethu?"
"kusho bani? mu Whatsapp manje umtshele ufuna R50 000 wakho"
"haibo ungikweleta R20k not R50k"
"enza ngoba ngisho wena uzokbuza kuthi akusewona yini R20k akukweleta wona bese uya Screenshot kuzoba iyona proof Yethu leyo"

YEHHENI 😂

uMtubatuba usuhlukene kabili, sekunobukhosi obushaobuzobusa, sukela ku N2 kuze kumele olwandle kuthiwa uNcube ophethe la...
03/11/2025

uMtubatuba usuhlukene kabili, sekunobukhosi obusha
obuzobusa, sukela ku N2 kuze kumele olwandle kuthiwa uNcube ophethe lapho

Brigadier Lesiba Mokoena wavalelwa ekhoneni waze wavuma ukuthi uqamba amanga kwi Madlanga Commission. Wathi wafakwa kwi ...
03/11/2025

Brigadier Lesiba Mokoena wavalelwa ekhoneni waze wavuma ukuthi uqamba amanga kwi Madlanga Commission. Wathi wafakwa kwi WhatsApp group kodwa akasendanga message, wathi esekhonjiswa i message yakhe waswela umgodi wokucasha. Manje i Commission isithe akabuye futhi, yena usethi cha ngeke akwazi ukubuya okwamanje usakhuluma nabameli bakhe.

YEHHENI

U SARS usekhipe isitatimende kunontandakubukwa wakuleli odabuka e Soweto u Mihlali Ndamase ukuthi ukweleta u SARS imali ...
03/11/2025

U SARS usekhipe isitatimende kunontandakubukwa wakuleli odabuka e Soweto u Mihlali Ndamase ukuthi ukweleta u SARS imali engango R580, 000 sekuhlangane nehlawulo. Lokhu kulandela ukungakhokheli kwakhe intela (unpaid personal tax income).

Umihlali ubekweleta imali engaphezu kuka R490,000 yase inyukela ku R580,000 isinama penalty nama interests. I later of demand bese kukade wayithola u Ndamase mhlaka 5 June.

Abe Sunday Word bathi uNdamase uzifakele amehlo khona kakhulu ngesikhathi ethenga izikhwama ezimbili ze Hermes Birkin ezibiza u R1 million. Uma bembuza wathi yena lokhi kuyi investment kuye.

Lokhu kwenza u SARS ecabange ukuthi uMihlali uyi influencer ehola kakhulu

U SARS ube esexwaysa wonke am content creator kanye nama celebrity to meet their tax responsibilities.

YEHHENI

Owayethandana no Vusimuzi Cat Matlala uTebogo Thobejane useveze ukuthi amadoda ayasaba ukumshela avele amshalazele nje n...
03/11/2025

Owayethandana no Vusimuzi Cat Matlala uTebogo Thobejane useveze ukuthi amadoda ayasaba ukumshela avele amshalazele nje ngenxa yokuthi asaba i ex yakhe uCat Matlala ukuthi uzothumela izinkabi zivele zidubule leyondoda esuke imshela , uthi akusilo iqiniso lelo naye uyadinga ukuthandwa Nkosyami Shelani zinsizwa.

Bafowethu musani ukusaba ukuthunywa uphuthu shelani intombi

YEHHENI

Amaphoyisa asheye oyedwa washona omunye walimala laphaya eMlazi namhlanje ekuseni.... kuthiwa igenge lena yabulala 3 wab...
03/11/2025

Amaphoyisa asheye oyedwa washona omunye walimala laphaya eMlazi namhlanje ekuseni.... kuthiwa igenge lena yabulala 3 wabantu eNanda ngosuku olulodwa...baphinde futhi ngolunye usuku babulala usomatekisi e Newtown A khona eNanda... kuthiwa bagadle kuqala Yebo bagadle kuQali basebesondezwa ngase zilwini.

Umhlangano weGNU obizwe uRamaphosa namhlanje
03/11/2025

Umhlangano weGNU obizwe uRamaphosa namhlanje

Kunokudideka kubantu  basesizweni sakwaMkhwanazi eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela isimemezelo seSilo sokuth...
03/11/2025

Kunokudideka kubantu basesizweni sakwaMkhwanazi eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela isimemezelo seSilo sokuthi sesisikele inkosi Qiniso Ncube kube nguyena obheka ingxenye yaleliyazwe esukela ku N2 iyogcina ngolwandle nenothe kakhulu ngezimbiwa.

Ngesikhathi sokuloba abaKhwanazi bekumenyezelwe ukuba bazohlangana eMgezanhliziyo bese belibangisa kwaNongoma ukuyobonana neSilo ukuzwa kabanzi ngalezinguquke ezithinta izwe labo nodaba lukaNcube.

Kwenzeka lokhu nje nesithangami sabezindaba ebesibizwe iSilo kwaKhangelamankengane kuvela ukuthi sesihoxisiwe kodwa kakukacaci ukuthi umhlangano waso nabaKhwanazi usaqhuebka yini.

Bazobhekana nenhlawulo enzima abanikazi nabashayeli bezimoto kwaZulu Natal okuzodlula umhla zingamashumi amathathu kuLwe...
03/11/2025

Bazobhekana nenhlawulo enzima abanikazi nabashayeli bezimoto kwaZulu Natal okuzodlula umhla zingamashumi amathathu kuLwezi (30 November 2025) bengawashintshile ama number plates wabo ezimotweni zabo kulandela ukuba kwamenyezelwa ukushintshelwa kwamasha.

Ezithombeni ezigciniwe:Owayengungqongqoshe wezokuThutha uSipho Hlomuka nowayenguNdunankulu wesifundazwe uDkt Nomusa Dube Ncube ngesikhathi kumenyezelwa ukushintshwa kwawo ngoLwezi wonyaka ka 2023.

ay lumahlikihliki Bafana bakithi eyasolundi lentombi.
03/11/2025

ay lumahlikihliki Bafana bakithi eyasolundi lentombi.

Address

Melmoth

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Okuhle fm posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Okuhle fm:

Share