15/06/2026
[Khethile Khethile]
Hey Njabs , please keep me anonymous. I'm a 24 yrs old male, I'm still a student at a university and I'm doing my final year.
So ngo 2023 ngahlangana nomama wengane yami wesibili. Sathandana kwakuhle, a month later ngathola ukuthi my ex girlfriend emakhaya ukhulelwe. Ngamazisa umuntu wami. Ekuhambeni kweskhashana, wafuna ingane naye and ngenxa yothando, ngamnika. I wouldn't say konke Kwakuhamba kahle othandweni lwethu but ngangimnakekela ngakho konke that I had. Kangangokuba ngangimphelezela ngisho kuma appointment aDokotela. Lomama wengane wokuqala ose makhaya ngangingahambi naye beacuse sathola ukuthi ukhulelwe sesihlukene and we kept it that way.
So, lo owesibili zashintsha izinto after esengibamba kaningi ngimjolela, khumbula phela ngisemncane ngsafika nase varsity, naye wayenezakhe iyndaba kangangokuba wayengijolela naye but okwaba isilonda esingapholi ukuthi kwakuthi noma ngimbambile esephutheni, she never completely honest, yet mina uma ngisephutheni ngangimhlonipha ngeqiniso lonke. I donโt wanna lie, wayengithanda yena, ngikhumbula nje ngimjolelile kanti leyo ntombazane izongbophisa for r**e ngenxa yokuthi nganqaba sithandane after sesilalile, but wama nami umuntu wami
Things became even harder this year, lapho eseqala ethi izinto engimenze zona ziyabuya kuye manje futhi zimenza angizonde, iskhathi eside ngimncenga ukuba angixolele, avume futhi athi uyangixolela but eventually it turned out she didn't.
Angfuni ukuqamba amanga, kuningi esesidlulisane kukho, kangangokuba sengake ngamthelela nangama STI ebengiwathola ngisamjolela, namanje awalapheki sinayo sobabili.
Sekukaningi sihlukana sibuyelana but this year was different, wake wangitshela ukut uthando lwakhe for mina luyehla, angi understand why because ngale kwamaphutha ami okumjolela akukho okunye ebengikwenza futhi, I've been the most loving boyfriend/baby daddy. Uma engivakashele bengimnakekela ngimgeza umuntuwami, ngimsula, ngimgcoba, ngize ngimphekele imbhala, ngimthengela ngisho impahla yokugqoka uma nginayo imali ngisho ama panty imbhala.
Obekungphatha kabi kakhulu ngaye futhi obekungapholi ukuthi akancengi ngisho esephutheni, amaphutha akhe amaningi ngiwaxolelile iqiniso ngingalazi lonke engigolozela ngize ngimshaye, but ngayeka because it makes me someone Iโm not. Ukuzehlisa nje into angayazi. Uma kuyimi ovakashele yena endlini yakhe, bengenza sure ukuthi uma ngfike ngibona ukuthi ushoda ngesishebo, bengmthengela, noma eshoda nge rice bengimthengela kodwa uma evakashele mina, she won't even notice ukuthi angnaso iSteelwool ngendlela abenganginaki ngakhona.
Sixabanile sibanga ukuthi, uthi akasenayo iVision ngothando lwethu, nakhona wakusho lokho ngoba ngimbuzile ngibona iBehavior yakhe engekho right.. Ngike ngazama ukukhuluma naye but ulokhu engitshela the way she is happy ngakhona without me, kubuhlungu angfuni ukungasho ngoba bengingasazicabangi ngiba nengane nomunye umuntu except her, futhi bengifuna ukuganwa nguye because I really believed uthando lungitholile ngisemncane. Le break up izongenza ngingasabi nawuBaba oqotho kwindodakazi yethu.
Ngicela I advise, should I fight for umama wengane yami or let her be?