15/12/2025
"BESIYOZIDLELA INYAMA SITHOLE NEZIPHUZO BESE SICHATHUKA IEDOLOBHENI NOMFANISWANO WETHU WEQEMBU"
L**e luhle kakhulu usuku lweqembu le Inkatha Freedom Party ka-ward 05 lapho ebebeqhuba lenqubo yabo ethi njalo ngoLwesihlanu bafaka umfaniswano weqembu.
Usihlalo wasesigcemeni 05 ophinde abe ngumgcinimafa esiyingini saseMsinga aphinde abe nguSihlalo ezikweni akakulo eMachobeni uMkhetheni Zuma ehlangene noPhumelele Ngubane ongunobhala eMachobeni bahlela omuhle umbhiyozo.
Lombhiyozo ubungoLwesihlanu esisuka kulo mhlaka 12 kwephezulu, kanti inhloso bekungukuhlanganisa osihlalo bonke baka-ward 05
Echaza umnu Mkhetheni Zuma uthe " lona ngumbhiyozo wethu omuhle esiwuhlelele ubumnandi nje ukuthi sivale unyaka emvakokusebwnza kanzima, sithe ke namhlanje ake sithathe lolusuku sizozidlela inyama sithole nokubandayo sizijabulise nje sihlangene"
Uphinde wadlulisa ukubonga ukhansela waka-Ward 04 u-Cllr M Sokhela ngesamba semali engango R500 .00 akayikhiphe ngesikhathi oSihlalo befika endaweni yakhe bezodla inyama.
" sibenenhlanhla impela ngoba no Mnu Mali Mabaso usijabulele kakhulu wabe esefaka isandla ephaketheni naye wasithengela unemenayidi" esephetha uthe kube wusuku olumnandi kakhulu lolu.
Baqale kwaZenabe babe sebephetha ngokuyodla inyama eFerry Lifestyle njengoba bechathuke njalo baze bayofika khona ngezinyawo befake umfaniswano.
Kubika uMsasazelwa
Umsinga FM