25/10/2025
                                            Sthandwa sami MaMchunu ngiyazi uyalilandela lelipheji okusho ukuthi uzoyibona lencwadi. Ngiyazi ukuthi ngakuphoxa waze wangibhulokha. Angikugxeki ngalokho.
Mina akaze ngisho ukuthi angisakuthandi. U-Ayanda lo owayethatha ifoni yami ekubhalele amameseji. U-Ayanda sengitholile ukuthi wangidlisa kodwa ubhuti ungihambise enyangeni yayongikhipha intando. Angimfuni u-Ayanda mina ngithanda wena.
Ngicela silungise izinto. Ngicela ungasho ukuthi ngikukhumbula ngoba ngingasasebenzi. Akaze ngikukhohlwe ukuthi nje leliqili langifakela intando ebhiyeni ngase ngilahla wena.
Ngiyakucela Phakade wami. Ngicela ungithinte ngowathaphu enambeni yami.
From Scelo
                                         
 
                                                                                                     
                                                                                                     
                                                                                                     
                                                                                                     
                                                                                                     
                                         
   
   
   
   
     
   
   
  