KZN Local News

KZN Local News KZN Local News
The Voice of KZN
Bringing you accurate, real-time news from every corner of KwaZulu-Natal. Your province. Your stories.

IZOTHATHA IZINSUKU EZIMBILI INGOMA EHLELWE UMASIPALA WASONDINI.Njengoba uLundi kungenye yezindawo eziyisizinda zengoba n...
13/09/2026

IZOTHATHA IZINSUKU EZIMBILI INGOMA EHLELWE UMASIPALA WASONDINI.

Njengoba uLundi kungenye yezindawo eziyisizinda zengoba ngenxa yamagoso adumile nohlobo lwezinsizwa ezineqhaza elikhulu eNgomeni kaZwelonke lokho kube nomthelela wokuthi uMasipala ube nohlelo lwengoma oluhlelela izinsizwa zasondini zibulalane ngoShameni. Ingoma ihlelelwe umhlaka 26 no 27 September 2026 eSikhalelumuzi Sports field ku Ward 18 ngo 8h00 ekuseni. Amagoso noma besingakacoshi ukuthi mangaki esewonke kodwa kungekudala sizokulethela inani kanye nokuthi yimaphi alindelekile.

Ilokhu ubanakekele njalo abantwana (Izintombi zomhlanga) uMasipala waseMthonjaneni. Buka ngoba namhlanje ngaphambi kokub...
11/09/2026

Ilokhu ubanakekele njalo abantwana (Izintombi zomhlanga) uMasipala waseMthonjaneni. Buka ngoba namhlanje ngaphambi kokuba bahambe ubahlanganise e- Indoor Sports Centre wabanika okokudla, okokuziqapha ezifweni zabesifazane wase ubakhiphela amaphoyisa azobaqapha endleleni. Asinanazi ngokujwayelekile bayanakekelwa ngokudla phambili uyabahlinzeka uMasipala ngosuku lwango Mgqibelo kuze kuve yiSonto ekuseni ngisho sebebuya ubanike ukudla uphinde ubagade ngamaphoyisa emumva naphambili alikho ibhasi elidlula elinye neligijima ngokweqile.

Mthonjaneni Local Municipality πŸ™πŸ™πŸ™πŸ™

10/09/2026

Somdisha.

10/09/2026

πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯πŸ”₯

Sekuqalile kubhizi eMashobeni esigodlweni njengoba kubhekwe eMkhosini womhlanga kulempelaviki esibheke kuyo kusuka ngomh...
09/09/2026

Sekuqalile kubhizi eMashobeni esigodlweni njengoba kubhekwe eMkhosini womhlanga kulempelaviki esibheke kuyo kusuka ngomhlaka 11-13 September.

Ziyobe zibulalana ngoshameni izinsizwa mhlaka 26 September 2026 eMkhandlwini Sports ground ku Ward 12 KwesaKwaBiyela Obu...
09/09/2026

Ziyobe zibulalana ngoshameni izinsizwa mhlaka 26 September 2026 eMkhandlwini Sports ground ku Ward 12 KwesaKwaBiyela Obuka engomeni ehlelwe uMasipala waseMthonjaneni. Izolo mhlaka 09 September kube nomhlangano lapho kube nezinguquko njengoba bekuvele kunengoma ebihlelwe uMculi kaMasikandi odumile Obuka uSgwebosentambo Masolution le ngoma egcine iqondana nalolusuku. Amagoso alundelekile angu 49 kodwa azokhoshwa wo Association abakhona eMthonjaneni abangu 7 abazokhipha amagoso angu 7 u-Association ngamunye.

Ingoma kubikwa ukuthi iyoqala ngehora leshumi ekseni kanti kulindeleke izinkumbi zabantu, imibiko evelayo iveza ukuthi kungenzeka kubekhona no S'hlalo wase Durban Central uComrade Sizwe Mavava Skhakhane. USgwebo wenze isimemezelo sokuthi ingoma abeyihlelile ayisezukuba khona egameli lika Sgwebo kodwa uzodedela le kaMasipala ngoba nayo izokwenza umsebenzi ofanayo wokukhuthaza uthando nobumbano ezinsizwemi kodwa umehluko ukuthi sekuzongena amagoso ngokukhethekile njengesivumelwano ngoba maningi amagoso eMthonjaneni jikelele. Amagoso amukele ngo Elethu lengoma ancoma anconcoza. UKhansela Mankomane uthe babone kukuhle behlele ingoma ibe nganeno kokush*tshwa kwezandla ezibusayo nezixhasa amagoso njengoba kubhekwe okhethweni nje kodwa akukho nhloso ebandakanya ukukhankasa kodwa makungenzeka kuphathe esinye isandla ngeke usafika uZibandlela amagoso ethokoze njengenjwayelo. Nokho athe Amagoso "Siyinkatha thina" ebala noSgwebo lapho athi "ubuholi buzobuya buqhubeke nokuhle yibo abazovota" buka uNkululeko Xulu uye oqale lendaba benanela nozakwabo.

Usevumbuke kwelinye iqembu obengenele esobuCandidate kwelinye iqembu akangaphumelela ku Ward 8.
08/09/2026

Usevumbuke kwelinye iqembu obengenele esobuCandidate kwelinye iqembu akangaphumelela ku Ward 8.

UMasipala ukhuculule imfucuza endaweni yaseNdundulu ngaseNkantolo yenkosi wehla njalo waze wafika ngasezimakethe ugudla ...
05/09/2026

UMasipala ukhuculule imfucuza endaweni yaseNdundulu ngaseNkantolo yenkosi wehla njalo waze wafika ngasezimakethe ugudla umgwaqo R 66/34. Uphinde watshala izihlahla eNkantolo njengoba kuqalwa inyanga eyaziwa ngeyokugubha ukuhlonishwa kwemvelo nokutshalwa kweziHlahla kuzwelonke (National Arbor Month in South Africa) negujwa kusuka mhlaka 1-7 evikini lokuqala lokuqala kuka September (National Arbor Week) ngamafuphi. Iminyango ebiyinxenye: Umnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha neMvelo, Mondi, Mnyango Wezemililo, Izinhlekelele Nokuhlenga, uMnyango ezokuhlanzeka kweemvelo eKing Cetshwayo nase Mthonjaneni.

03/09/2026

Nansi Promo iphumile.

Malindela Rsa Produsa πŸ™πŸ™πŸ™

IMadanga Production and Trading Enterprise ikwethulela uMusic Festival eHlabathini Creche eMelmoth ngomhlaka 27 Septembe...
03/09/2026

IMadanga Production and Trading Enterprise ikwethulela uMusic Festival eHlabathini Creche eMelmoth ngomhlaka 27 September 2026 ngo 9 ekuseni kanti kungenwa mahhala. Abazonandisa ilaba abakwi Post kanye nomphathi wohlelo kanti ngeminye imininingwane ikhona inumber esezansi kwi poster.

Address

Mthonjaneni

Telephone

+27762821937

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when KZN Local News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to KZN Local News:

Shortcuts

Share