Mtuba Daily Scoop

Mtuba Daily Scoop Special Reports, Breaking News, Sport Coverage, Local Business and National News.

Let us all support Pirates nd Sundowns today as they will be playing Caf Champions League🏆⚽🙏🏽
26/11/2024

Let us all support Pirates nd Sundowns today as they will be playing Caf Champions League🏆⚽🙏🏽

01/07/2023

Sekuhlaluke ukuthi belingaqali ukuvulela ngesibhakela kuzakwabo ikhansela lika masipala iNkosi Mtubatuba. Kubikwa ukuthi ikhansela leqembu I-EFF lesilisa livele lashuda ngesibhakela ikhansela le EFF okungelesifazane kuthange ngesikhathi abebethunye uMnyango wezokuBusa nokuBambisana nezindaba zobuholi bomdabu kanye namakhansela ka ANC ne EFF beduba umhlangano wokuhlala kwaloMkhandlu emva kwesinqumo senkantolo esachitha ubuholi okubukhona kulomasipala.

Usathuka izanya umndeni wakwaMlungwana endaweni yaseMchakwini, eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela isigameko s...
01/07/2023

Usathuka izanya umndeni wakwaMlungwana endaweni yaseMchakwini, eMtubatuba enyakatho nelikaMthaniya kulandela isigameko sokubulawa ngesihluku kwelunga lalomndeni uCabangile Mlungwana (66), obulawe ngokuxhonxwa ngogodo wazewashona, ebulawa ubhuti wakwamekhalwane.

UZamile Mlungwana oyilungu lalomndeni uthi kabasazi isizathu esenze ukuthi kubulawe ugogo wabo ngalendlela ngoba bekungakaze kubenengxabano phakathi kwabo.

16/01/2023

Sinethemba Mpontshane is sitting in his office planning for the day at uMkhanyakude in the small rural settlement in KwaZulu-Natal; four to five hours’ drive from of Durban.

Sinethemba is a Community Liasson Officer (CLO) at THINK. CLOs facilitate and implement community engagement and stakeholder relations activities in the district, participate in the development of and implementation of stakeholder engagement strategy, participate in the development of activities at the community and partner level, conduct stakeholder mapping to identify high-priority areas, develop and maintain updated stakeholder analysis, directory, mapping, engagements etc.

And Sinethemba does this and so much more. When you speak to Sinethemba, the first thing you’ll notice is how passionate he is about which is what we ALL about at THINK. He is born and breed in uMkhanyakude at Mtubatuba.

Sinethemba passionately shares his story, with the hope that it will inspire someone currently unemployed but wants to make a difference in their community; “I applied at THINK for a Driver’s and Data Capturer’s position; the way I was so frustrated and depressed because of being unemployed, after applying I called THINK office in Hilcrest and told the HR that I have been applying and I am not winning, yet I believe I qualify. I asked HR, “what am not doing wrong?”

Fast forward; I got an invitation to attend an interview for a Driver’s position, I remember I did not have money to travel to the venue which was at Jozini Tiger Lodge and I requested that I do it online, fast forward I got an offer from then HR Manager. I was waiting on the outcome of the driver's position, but got news I didn't expect.

Wanted to join THINK as a Driver but was offered a post I did not apply for; Admin and in exactly 12 Months I got another position CLO within the organisation. This changed my life for the better, to learn that there are people who did not know me but saw my capabilities and determination, hence they created an Admin position for me is something I’ll cherish forever!”

Sinethemba’s story reveals that anything is possible if you work on yourself, care about your community, persistent and love your work!

I-EFF yafika yanyakazisa ePhalamende.UKUPHELA kweminyaka eyisikhombisa kwasungulwa i-Economic Freedom Fighters (EFF), ku...
19/07/2020

I-EFF yafika yanyakazisa ePhalamende.

UKUPHELA kweminyaka eyisikhombisa kwasungulwa i-Economic Freedom Fighters (EFF), kuwubufakazi bokuthi iminyaka iyahamba abantu benganakile. I-EFF isungulwe ngo-July 26, 2013 eGoli , emuva kokuba uMnuz Julius Malema exoshwe kwi-ANC.

Bagqamisa indaba yokunika abantu abamnyama umnotho nokubuyiswa umhlaba ngokushesha. Bathi izimayini kufanele zifakwe ngaphansi koMbuso ukuze kuhlomule abantu bakuleli

NgoDisemba 2014 babambe ingqungquthela yabo yokukhetha ubuholi eBloemfontein, yaba yimpumelelo.

Ngonyaka odlule ngoDisemba baye engqungqutheleni yobuholi ebiseNasrec, eGoli nalapho bekhethe ngempumelelo. I-EFF ifike ngomfutho kwezepolitiki yanyakazisa inkundla ikakhulu ePhalamende, lapho igqame khona kakhulu.

Abantu abaningi ababengalinaki iPhalamende bebegcina belinaka ngoba i-EFF ibihlala iqhamuka nezigameko ezingajwayelekile, kokunye ezinodlambedlu. Okunye okwenze i-EFF yehluka wukuthi igqame ngobuholi babantu abasha abahlala benomfutho.

Kabagcinanga nje ngokubanga umsindo kodwa namavoti abo anyukile ngonyaka odlule bathola izihlalo ePhalamende badlula amanye amaqembu abevele ekhona, nokuwubufakazi bokuthi bakhona abantu abawuzwayo umyalezo nombono wayo.

Ngo-2014 babethole izihlalo ezingu-25 bengena okokuqala okhethweni kanti ngonyaka odlule zenyukele kwezingu-44 nokuchaza ukuthi bengeze ezingu-19.

UNobhala -Jikele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini uthi ukukhula kwe-EFF, iqede iminyaka eyisikhombisa akuyona inhlanhla nje kodwa kungenxa yemigomo yayo ephusile.

Uthe imigomo yabo icace bha ngisho umuntu owelusa izimbuzi uma umbuza nge-EFF uyazi ukuthi imele ini futhi ayikaguquki. Uthe ngeke balwe babange izikhundla ngoba babeka abantu phambili hhayi izisu zabaholi beqembu labo.

"I-EFF yasungulelwa abantu baseNingizimu Afrika hhayi ukuhlomulisa abaholi bayo njengoba kwenza amanye amaqembu. Thina simele unogada, umuntu othela uphethiloli, osebenza ekhishini nasepulazini.

“Bonke nje laba abanganakiwe abadlala inhlupheko. Sifuna ukukhulula labo bantu. Izwe silithanda ngaphezu kwe-EFF, yingakho nanamuhla sisamile,’’ kusho uDlamini.

Ubonge abantu bakuleli ngokwethemba i-EFF nokuyamukela ngenkathi ingena kwezombusazwe.`

I-EFF egubha iminyaka eyisikhombisa yafika nokugqoka ngendlela ehlukile ePhalamende njengoba idlubha izimpahla zokusebenza nomakalabha.

PHANDO JIKELO/AFRICA NEWS AGENCY(ANA) Uthe sebeqinile ukhakhayi bakulungele ukuba ngabaholi bezwe kuwo wonke amazinga ngisho nakohulumeni basekhaya.

UDlamini uthe kulo nyaka ngeke bakwazi ukuba nomcimbi wokugubha kodwa bazofundisa abantu ngepolitiki ezinkundleni zokuxhumana.

Abahlaziyi bezepolitiki baveze imibono yabo ehlukene ngohambo lwe-EFF, lweminyaka eyisikhombisa.

UMnuz Xolani Dube weXubera Institute of Research and Development, uthi kufanele i-EFF ikalwe ngoshintho elwenze empilweni yabantu abamnyama.

“Uma besePhalamende bavela njengenye ikhempu ye-ANC ngoba bakhuluma izindaba zayo zangaphakathi namahlazo ayo abawahletshelwa yiyona i-ANC.

“Emakhanda abo nje kuduma izindaba ze-ANC. Indaba yepolitiki bona bayibuka njengebhizinisi lokuzenzela imali ukuze baphile. Kabanendaba kangako nabantu,’’ kusho uDube.

Uthe i-EFF iholele abantu ophathe izenza sengathi imele usizi lwabo kanti ifuna ukubasebenzisela izidingo zayo zezepolitiki. Ukhale nangendaba yeVBS Mutual Bank wathi yenze i-EFF yaba nogcobho uma kuvela ukuthi yaba nesandla.

UDube ukhale nangamalungu e-EFF ayesekhaleni le angena ePhalamende athula sengathi afile engabe aqhubeka nokulwela izitshudeni.

USolwazi Bheki Mngomezulu ongumhlaziyi wezepolitiki uyibona ngenye indlela i-EFF.

Uthi noma ngabe kukhona abangathandi kodwa i-EFF ifike nepolitiki eyehlukile ezweni.

“Ifike nabaholi abasebasha futhi babeka izinto ngembaba nokufike kwathandwa yintsha yabajoyina, yabavotela ngobuningi.

“Bathinta izihloko ezithinta abantu ngqo uma besePhalamende futhi kabananazi babuza ngomfutho, bangapheli mandla.

“Uma bekhuluma kabahhemi nje kodwa bayezwakala ukuthi balwenzile ucwaningo futhi bayayazi imithetho yePhalamende,’’ kusho uMngomezulu.

Uthe enye into ebasizile wuqhekeko lwe-ANC olusobala futhi i-EFF ibilusebenzisa kakhulu. Uthe isizwa wukuthi kunezingede eqenjini elibusayo eziphakela i-EFF amahlazo nezimfihlo zalo.

Uyincome kakhulu ngokuba nengqungquthela yobuholi ebe wuthula msindo.

UMngomezulu uthe kodwa akayiniki lutho i-EFF okhethweni lohulumeni bezindawo uma kwenzeka luba khona ngonyaka ozayo.

Iso-MDS

02/07/2020

I-IFP ixoshe imeya yayo kuMasipala eMtubatuba.

IXOSHIWE iMeya kaMasipala waseMtubatuba emele i-IFP uMnuz Velangenkosi Gumede ngoba esolwa ngokuba nesandla esilula kwi-ANC nokuhlulelwa ukuxosha imenenja yomkhandlu uMnuz Siyabonga Ntuli. UNtuli usolwa ngokudla khezo lunye ne-ANC.

UGumede kuthiwa uyalelwe yisigungu esiphezulu seqembu ukuba asule njengemeya, wafaka incwadi yakhe ngoMsombuluko.

Ngokuthola kuthiwa uGumede uzojutshwa eMkhanyakude lapho ayevele esebenza khona phambilini ngaphambi kokulethwa eMtubatuba.

Umthombo ongaphakathi eMtubatuba uthe uGumede uyashaywa ngoba kuthiwa akasiqinisi isandla kwi-ANC emkhandlwini.

“Okunye ashayelwa khona kuthiwa ucindezela abasebenzi bomkhandlu abangaphezu kuka-10, abamisiwe ngoba besolwa ngenkohlakalo, okunye kuthiwa uyahluleka ukuxosha imenenja kamasipala uNtuli osolwa ngokusebenzisana ne-ANC,” kusho umthombo.

Uthe i-IFP manje ithi izoletha imeya ezokwazi ukuxosha uNtuli.

“Iyakhohlwa i-IFP ukuthi umasipala kumanje ungaphansi komlawuli noma ingaphoqa ukuthi kukhiswe imenenja lokho ngeke kuze kuyisize,” kusho umthombo.

Ethintwa uGumede izolo uthe ngeke aphawule ngalolu daba ngoba luphethwe yiqembu.

“Anginawo amandla okukhuluma ngale ndaba kungcono uthinte iqembu,” kusho uGumede.

Ethintwa okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe i-IFP ngokulandela izinhlelo zayo zangaphakathi ithathe isinqumo sokuthi yenze izinguquko ngokushesha eMtubatuba.

“I-IFP ihlezi ibheke impilo nokusebenza komasipala ebaphethe uma kunesidingo bese yenza izinguquko njengoba yenza eZululand, KwaNongoma, eBaqulusini izikhawu ezimbili, eMtubatuba kabili njengoba manje sekungokwesithathu naseNdumeni,” kusho uHlengwa.

Uthe isimo eMtubatuba besingalawuleki isikhathi eside.

“Umyalelo esiwunikwe ngabantu njengoba siphethe usiphoqa ukuthi sithathe izinqumo ezinzima, lesi ngesinye sazo,” kusho uHlengwa.

Akusikho okokuqala i-IFP isebenzisa izembe eMtubatuba njengoba noMnuz Qhina Mkhwanazi wacelwa ukuba ashenxe kwafakwa uGumede.

Okunye okwadalela uMkhwanazi isigcwagcwa eqenjini wukuthi kwakukhona yena njengeso leqembu ngesikhathi umasipala unika umsebenzi inkampani yabaqaphi yaseThekwini evamise ukuthola amathenda emikhandlwini ephethwe yi-ANC.

Emaphepheni aqukethe imininingwane yale nkampani yaseThekwini, ikubeka kucace ukuthi yona iqale ibhekelele omakadebona boMkhonto weSizwe uma ithole umsebenzi.

17/06/2020

IZANGOMA ZEZULU ZIXWAYISA NGEMVULA ENAMANDLA NAMAKHAZA.

Izangoma zezulu kwa SA Weather Service, sezixwayise ngemvula enamandla namakhaza ashubisa umnkantsha ezindaweni ezisenyakathi nempumalanga yalesifundazwe.

Lamakhaza vele aseqalile ezindaweni eziningi, kanti lesimo kulindeleke siqhubeke okungenani izinsuku ezimbili.

Oyisangoma sezulu uJulius Mahlangu, uthi azobuz’ukuthi ungubo ngakhi ezindaweni ezakhele izintaba zokhahlamba, nalezo ezisenyakatho kubalwa uPhongolo, Nongoma, Jozini, Umhlabuyalingana, Mtubatuba.

Usenxuse izakhamuzi ukuthi zizivikele ngendlela efanele njengoba kulindeleke nemvula kwezinye izindawo.

10/06/2020

Isexwayiso ngamakhaza azoshubisa umnkantsha KwaZulu-Natal.

KULEZI zinsuku kuke kwathi ukufudumala, okungenzeka nokuthi abantu abaningi bese bewapakishe le kude amajakhethi nezingubo zokulala ezifudumalayo.

Kodwa ongoti besimo sezulu bathi ungaqali uzibeke kude lezo ngubo ezifudumalayo ngoba umsinga obandayo uyabuya KwaZulu-Natal kulolu Lwesihlanu esiya kulona. Bathi lokhu kuzozwakala kakhulu ogwini oluseningizimu.

NgokwabeSouth African Weather Services, lo msinga obandayo ozoqhaqhqzelisa amazinyo uzovunguza naseNtshonalanga neMpumalanga yeKapa kusukela ngoLwesithathu. Bathi uzobe ungahambi nje wodwa, uzobe uhambisana nomoya ovunguzayo, imvula ebandayo ezobe iyidliva ngempela.

"Umoya onamandla ulindeleke kakhulu eWestern Cape uzungeze njalo ezindaweni ezisogwini uze uyoshaya e-Eastern Cape ngoLwesine. Umoya onamandla kulindeleke ukuthi uphazamise nokuhamba kwezimoto emgwaqeni,"kusho isitatimende sabezimo eziphuthumayo.

Bathi lokhu kokhu kuphazamiseka kwezimoto emgwaqeni kuzoba mandla nakakhulu ezindaweni ezigudle ugu KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.

Imvula yona kulindeleke ukuthi iqale ngoLwesibili ezindaweni eziningi okuhlanganisa naseWestern Cape okuzobe kuyiyo ezokwandulela amakhaza azoshubisa umnkantsha.

Kulindeleke ukuthi amakhaza aze abe ngconywana ngoSonto kodwa koFree State lizobe lisakubuza ukuthi ungubo ngaki naseNorth West kuya koNothern Cape kuze kube wuMsombuluko.

03/06/2020

I-EFF ithi uRamaphosa uzophendula ngomonakalo ozodalwa utshwala.

I-ECONOMIC Freedom Fighters (EFF) isaqhubeka nokusola umengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi wenze iphutha elikhulu ngokuxegisa imithetho ethinta ukudayiswa kukatshwala kuleli. Bezigcwele phama izindawo eziningi ezisemadolobheni ezidayiswa utshwala abantu bebambe olayini kusukela ekuseni kungakavulwa ngisho iminyango yasezitolo ezidayisa utshwala ngoMsombuluko. Kwabaningi injabulo ibibhalwe emehlweni kanti kuze kwaqoshwa ngisho nama-video abantu becula belinde ukuthi bavulelwe.

Kusukela amemezela ukuthi buzodayiswa ngaphansi kwemithetho eqinile kuleli utshwala i-EFF yaphumela obala yathi ayihambisani nesinqumo sikamengameli. Osukwini obekubhiyozwa ngalo kujatshulelwa utshwala i-EFF iphinde yakugcizelela ukuthi ayihambisani nokudayiswa kukatshwala.

"Sisaphinda siyasho futhi ukuthi isinqumo ngotshwala sicabangela kuphela inzuzo yemali ezokwenziwa, hhayi izimpilo zabantu esikhathini sobhubhane nokunyuka kwesibalo sabathelelekile nabashonayo. Umonakalo odalwa ukuphuza ngokweqile utshwala awugcini kuphela ngokushaya umnotho kodwa kuphazamisa nenhlalakahle emphakathini. Ukudayisa utshwala, okunobufakazi bokuthi budala ukuthi abantu bangaziphathi kahle, kuzogqilaza abomthetho, ingqalasizinda yasezibhedlela kuphinde kudale nokushoda kwemithi njengoba kwaziwa ukuthi utshwala buyawehlisa amasosha omzimba," kusho i-EFF esitatimendeni.

Iqhube yaveza ukuthi ingcindezi kubasebenzi bezempilo iphansi njengamanje njengoba besehlile isibalo sabantu abangena ezibhedlela ngenxa yezingozi ezibucayi, iningi lazo ezithinta uphuzo oludakwayo.

"Ngaphandle kokwehla kwesibalo sabantu abangeniswa ezibhedlela, ucwaningo lwakamuva ngobugebengu kuleli luveza ukuthi ukuvalwa kukatshwala kunomthelela ekwehleni kwesibalo sokubulawa kwabantu, amacala okudlwengula, amacala okushaya ngenhloso yokulimaza kanye nawokuphanga uhlomile."

I-EFF inxuse uRamaphosa ukuthi alalele ososayensi odabeni lukatshwala ayeke ukuthobela izifiso zosomabhizinisi bakuleli abamhlophe.

03/06/2020

Kuzovulwa indawo yamalayisensi eMtuba.

SIZOVULWA kule nyanga isikhungo samalayisensi esaqala ukwakhiwa sizobiza uR19 million eMtubatuba kodwa sagcina sesibiza uR35 million. IMenenja kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Siyabonga Ntuli, uveze lokhu kade eyosihlola.

Saqala ukwakhiwa ngo-2015 kwakukade kuthiwe sizodla uR5 million kodwa ngenxa yokuthi umsebenzi awuqalanga ngesikhathi imali yenyuka yaba wuR19 million.

Isolezwe lithole ukuthi uMasipala waseMtubatuba wayikhokha imali yokuthi sakhiwe kodwa umsebenzi wokusakha awuzange uphele izindleko zaze zayofika kuR35 million.

“Sekwenziwe * -96% womsebenzi manje silindele ukuthi sivulwe kule nyanga. Kudingeke ukuthi sifake uR7 million othathe izindleko wazibeka kuR35 million ukuze kuqedelwe umsebenzi,” kusho uNtuli.

Uthe ngesikhathi isikhungo samalayisensi singekho abantu baseMtubatuba bebephoqeleka ukuthi bayowathatha kwezinye izindawo abale kuzo iHluhluwe noHlabisa.

“Isikhungo samalayisensi besiyingxenye yophenyo olunzulu ngokulahleka kwemali kodwa izinhlelo zentuthuko zingaphelile eMtubatuba. Siyajabula ukuthi sizovulwa ngoba sizongenisa uR2 million kuya phezulu ngonyaka esikhwameni sikaMasipala waseMtubatuba.”

Ngonyaka odlule uNtuli uthule umbiko oveze ukuthi kulahleke uR130 million kuMasipala waseMtubatuba kwabuye kwavela nokuthi kunabasebenzi abawu-21 ababesezikhundleni kungafanele.

UNtuli uthe uhlelo lokubuyisa imali eyalahleka luyaqhubeka ngoba balandela izincomo zombiko wangonyaka odlule.

Uthe kunodaba olusenkantolo ngenxa yokuthi abathintekayo baludlulisele khona.

“Ngesikhathi ngifika uMasipala waseMtubatuba ubunesikweletu sikaR90 million okusho ukuthi bekufanele sisebenzise imali yoxhaso nama-overdraft ukuze sikwazi ukusebenza. Njengamanje sizikhokhile izikweletu zethu, asisayisebenzisi ne-overdraft ngoba siqoqa ama-rates kaR2.4 million ngenyanga. Lokhu sikwenze ngokukhuluma nabakhokhela ama-rates,” kusho uNtuli.

Uthe ukuqoqa kwabo imali engaphezu kukaR2 million kusho ukuthi bazokwazi ukusebenza izinyanga ezimbili uma kungase kuthiwe ayikho imali engenayo.

“NgokoMnyango weziMali sidinga uR3 million ukuze sikwazi ukusebenza izinyanga ezintathu uma kuwukuthi akungeni mali. Sisishintshile isimo sethu sezimali ngonyaka owodwa. Ukungathembeli emalini yoxhaso kusho ukuthi isikwazi ukwenza izinhlelo zentuthuko ezihlelwe wuhulumeni kazwelonke bese thina senza izinhlelo zentuthuko ezihlelwe wumasipala,” kusho uNtuli.

Uthe seluyaphela uhlelo lokuthuthukisa iKwaMsane Sport Complex oludle ngaphezu kukaR30 million.

IMeya yaseMtubatuba, uMnuz Velangenkosi Gumede, ithe kuningi okushintshile selokhu kwaqashwa uNtuli ngoba kunozinzo ezimalini zikamasipala. “Siyaqhubeka nokusebenzisana nomlawuli ozoba nathi kuze kube wu-Okthoba kodwa siyasibonga nesinqumo sokuqashwa kukaNtuli ngoba silenze uzinzo kwezezimali,” kusho uGumede.

01/06/2020

Kuhlehliselwe uJuni 8 ukuvulwa kwezikole.

USHIYE abazali othisha nabafundi abaningi bedidekile uNgqongqoshe wezeMfundo kuzwelonke uNkk Angie Motshekga ehoxisa isithangami nabezindaba ebesilindelwe ngabomvu ngeSonto kusihlwa ngokuvulwa kwezikole.

Kunokukhuluma nesizwe ngalolu daba, uMnyango wezeMfundo uthumele isitatimende esiveze ukuthi ukubuya kwabafundi bakaGrade 7 nabakaGrade 12 ezikoleni sekuhlehliselwe uMsombuluko ozayo (Juni 8).

"Leli sonto kumele lisetshenziselwe ukulungiselela othisha nokubaqeqesha, ukuhlanzwa kwezikole kanye nokuqinisekisa ukuthi kukhona konke okudingekayo ezikoleni ngaphambi kokubuya kwabafundi," kusho uMnyango.

Ngokwesitatimende umkhandlu woNgqongqoshe bezeMfundo kuleli uhlangane ngoMgqibelo ukudingida izinhlelo zokuvulwa kwezikole.

Umkhandlu uthole imibiko kwizinhlaka ezilekelela uMnyango ezinhlelweni zokuqinisekisa ukuthi izikole zikulungele ukuvula. Kuleyo mibiko kuvela ukuthi sebelungise okuningi esikhathini esifishane, kodwa kusawu-80% kuphela wezikole osukulungele ukwamukela abafundi.

"Umkhandlu ubukhathazekile ngokuthi kwezinye izifundazwe izinto zokuvikela abafundi azikafiki, ezinye izikole bezingakakulungeli ukubuya kothisha nabafundi," kusho isitatimende.

UMnyango ube usuthatha isinqumo sokuhlehlisa ukuvulwa kwezikole namuhla esisekwe izinyunyana zothisha, izigungu ezengamele izikole, inhlangano yezikole ezizimele, SA Human Rights Commission, Principals Association, SA National Association , Specialized Education, nezinye izinhlangano.

Noma kuvunyelwene ngalokhu, uMnyango wezeMfundo eWestern Cape wona uthe usukulungele ukwamukela abafundi ezikoleni namhlanje futhi ngeke usahlehla ngoba kuningi osukwenzile ukulungiselela usuku lwanamuhla.

UNkk Motshekga kulindeleke ukuthi enabe ngesinqumo soMnyango namuhla ngo-11 ekuseni.

31/05/2020

ICovid-19 yakha isisekelo seNHI - Ramaphosa

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi indlela abantu abalashwa ngayo selokhu kuqubuke iCovid-19 ifana nesiqalo sohlelo lomshwalense wezempilo oluhlongozwayo noluzosetshenziswa yiwona wonke umuntu eNingizimu Afrika, iNational Health Insurance (NHI).

Ekhuluma nabahleli bamaziko ezindaba (noMheli weSolezwe uSlindile Khanyile ubekhon) ahlukene namhlanje uRamaphosa uthe uma umuntu ehaqwe iCoronavirus ulashwa kunoma yisiphi isikhungo sezempilo futhi akekho ovinjwayo.

Uthe ukuqubuka kwalesi sifo akufikanga kuphela nezinselelo kodwa kulethe namathuba amasha.

“Ngenxa yeCovid-19 kudingeke ukuthi sisheshe sithuthukise ezempilo zethu ukuze zikwazi ukusiza wonke umuntu ngisho ngabe kuthiwa umuntu ongenawo amandla okukhokha nokuyiwona mgomo oyinsika ye-NHI. Ngingathanda ukuthi sonke sikubuke lokhu njengesiqalo se-NHI.

“Njengoba kungabantu abangu-52% asebesindile lokhu kuwubufakazi bokuthi yiziphi izinselelo ezempilo zethu ezikwazi ukumelana nazo nokuthi zizokwazi ukumelana nezinselelo ezinkulu uma sekudlule iCovid-19. Manje sakha isisekelo se-NHI, singathanda ukubona iCovid-19 isishiya sesine-NHI esingaziqhenya ngayo,” kusho uRamaphosa.

URamaphosa uthe bangu-30 967 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqwe yiCovid-19 kanti abantu asebehloliwe bangu-710 000.

Uthe kuzokwengezwa ukuhlolwa kwabantu njengoba sizonyuka isibalo sabantu abazobuyela emsebenzini njengoba izwe lizongena esigabeni sesithathu sokuvalwa kwezwe kusukela kusasa.

Uthe ukuthuthukisa ingqalasizinda yezempilo yinto emqoka ngalesi sikhathi futhi ubatshelile abaholi bezifundazwe ukuthi kumele kuthi kwakhiwa lezi zibhedlela zesikhashana kodwa kubhekwe nendlela yokunweba lezi ezivele zikhona.

URamaphosa uphinde wagcizelela ukuthi ukuvalwa kwezwe thaqa kwakwenzelwa ukunqanda ukubhebhetheka mawala kweCoronavirus kodwa ngeke kuvinjwe unomphela ngoba kumele abantu badedelwe baphindele emsebenzini futhi awukwazi umnotho ukuyekelwa uwe unomphela.

“Kumele sikwazi ukuphila naleli gciwane,” kusho uRamaphosa.

Iso-MDS

Address

Mtubatuba, Kwazulu Natal
Mtubatuba
3935

Telephone

+27713101668

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mtuba Daily Scoop posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share