16/07/2025
KUSABATSHAZWA ISIHLUKU NGOWESILISA OTHOLAKALE EJOZINI OWADUBULA WABULALA ISAGUGA WATHUMBA NABAZUKULU BASO EMONDLO
namanje usavutha ungabaselwe uMphakathi wase Jozini eNdaweni yase Mgabadeli kulandela ukubanjwa kowesilisa osekhulile obethumbe izingane endaweni yase Mondlo weza nazo eJozini, oyiphoyisa leNduna ngaphansi kobukhosi bakwa Nyawo uMnz Bheki Nyawo uthi yena wafonelwa owesilisa esingeke silidalule igama lakhe ukumvikela, wathi kunoMfowabo ofike ekhaya Nekudala bamgcina kodwa okubaxakayo ufike neyngane ezimbili zamantombazane manje bayamazi ukuthi akanazo iyngane, ngenxa yokuthi wake wenza Icala lokudlwengula eNgwavuma abasemethembi, iphoyisa leNduna lithi laqala laba nokuxwaya kodwa babe sebeyilandelela lento yalomlisa.
uNyawo uthi lowesilisa (umsolwa) wabe esehamba Ntambama waya komunye uMfowabo nokuyila abakhona khona ukuthi benze indlela yokumbamba njengoba baxhumana nalomunye umfowabo ukuthi bazofika engamphazamisi , nangempela bavuka ekuseni batheleka khona base bezithengisa amabhiya kwalomfowabo ukuze bekwazi ukuthola lomlisa, base becela uMfowabo ukuthi eMcele ngaphandle, bathi indlu ayekuyo yayivalwe konke namakhethenisi kungavulwe ndawo, uMfowabo wase eyomcela kwathi ngemuva kwesikhathi wase ephuma, nabathuka indlela ahlonipheke ngayo bafika bahlala naye base bazama indlela yokuthi ekhululeke ukuze bezombamba kahle, bathi bafika bamtshela indlela ekuphilwa ngayo kulendawo nokuthi kumele ebikwe enduneni ukuze nabantu bengamxwayi, bathi bambona ekhululeka naye eqaqeka, nokuyila ababese bembhuduma bazama ukumbamba.
IPhoyisa leNduna ngeskhathi lichazela Abezindaba ze Mcr abazifikele mathupha kulo lithe “sasibane (4) kodwa amandla ayekulowa muntu ayenzima ngoba wasiginqa phansi sonke, kwaze kwaphoqa ukuthi simbeke isandla (ukumthintathinta) ukuze sizomfaka ozankosi samfaka kodwa wasihlolela umhlolo asazi wazipeqa kanjani izandla zabuya ngaphambili wadla phansi futhi ukube kwakuyintambo yayizodabuka,