27/11/2025
Usizi ku_Vusi Thwala osesthombeni 1 & 2 ucela usizo lokufuniswa umkakhe Nqobile Mkhize osesthombeni (3), ohlala endaweni yase Newcastle-Madadeni wamgcina ngonyaka ka 2023 January.
Skhulumile naye uMnu Thwala wasilandisa ngokwenzeka, uthi wayasebenza kwezinye zezinkampani ezinkulu eGoli imnyaka emningi kodwa bagcina bedilizwa ngeskhathi se covid-19. ukuvezile nokuthi bejwayele ukubuya njalo makuphela inyanga njengoba kade benomuzi eMadadeni nomama wezingane.
Kuthe ngo nyaka ka 2022 October wathola message yokuthi kuzophuma izimali zakhe zokudilizwa emsebenzini ,kulindeleke bazithole 2023 Feb. Uthi wajabula waxoxela nomkakhe , kwathi ngonyaka ka 2023 January waya eGoli njengoba bekunamaphepha okwakumele awasayine. Wacela indawo yokuhlala izinsukwane kumfowabo esalinde kulunge izimali zakhe.
Nangempela zithe zingaphuma wahamba emzini kamfowabo, wayohlala kwenye indawo ehanjiswa intombi aythola khona eGoli emvakokuphuma kwezimali. Uthi lentombazane yathi akathenge indlu kodwa ibesegameni layo kuzobalula ngoba yona ingeyakhona eGoli kuzoshesha. Uthi bagcina nayo lentombi umudla imali nabangan bayo, kuthe ngonyaka ophelelile wahlaselwa ukugula uMnu Thwala, nokuyilapho lentombi yamxosha khona endlini yazomlahla esbhedlela.
Uthi useyalulama manje esbhedlela ngoba useyakhona nokuhamba ,yize ukugula kusamnxinile kubuye kuvuke. Uyaxolisa kumama wezingane zakhe ucela azomlanda eGoli akasenamali yokubuya. Uyazi akaze athumele imali kumkakhe selokhu kwaphuma izimali zokudilizwa kodwa ucela kudlule konke lokho baqale kabusha usekhumbule nabantwana.
Syacela sizwe sakithi nilelekelele uMr Thwala kwababona uNqobile bamtshele cela ayolanda ubaba wezingane zakhe eGoli kuyaphuthuma.