Izindaba Zezwe

Izindaba Zezwe hot news around South Africa

INGOZI EMBI EMTUBATUBASekushayisene kabi ama truck amabili kanye ne bus,emfolozi ngase protea hotel emtuba,imbangela yen...
17/07/2024

INGOZI EMBI EMTUBATUBA

Sekushayisene kabi ama truck amabili kanye ne bus,emfolozi ngase protea hotel emtuba,imbangela yengozi ayikaziwa kant silobe lapha singakatholi isbalo sabalime

Yibo laba abudubule babulala inkabi ebishaya uDonald Trump. Babe late kodwa ngoba inkabi bayibonile isondela ne 303 beku...
15/07/2024

Yibo laba abudubule babulala inkabi ebishaya uDonald Trump. Babe late kodwa ngoba inkabi bayibonile isondela ne 303 bekufanele bagadle kuqala. Inkabi ishaye 5 shots base beyibeka phansi. Ziyakora lezi nsizwa ngoba ziyihlabe iphakathi kwabantu yaya le nale yawa gilikidi bhuu phansi yafa.

Usenkingeni umasipala we NFP.Inkampani eqashisa ngama printers kumasipala wakwaNongoma iwathathe onke ngesankahlu. Ibiwa...
10/07/2024

Usenkingeni umasipala we NFP.

Inkampani eqashisa ngama printers kumasipala wakwaNongoma iwathathe onke ngesankahlu. Ibiwabhoncula behambe benxapha agh man shidi demede. Bathi sekuphele 3 months bengakhokhelwe. Abasebenzi sebephrinta e internet Cafe nakhona ngesikweletu makushiwo. Upetuke nxazonke uNongoma, kuhlasela umoya, kuhlasela umlilo sebephucwe amaprinters manje. Nencwadi yekhansela kukancane uyithole bahluphekile impela

IZINDABA: Owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, usezwakalise isifiso sokuhlangana nongumengameli we-MK Party uMnuz...
10/07/2024

IZINDABA: Owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, usezwakalise isifiso sokuhlangana nongumengameli we-MK Party uMnuz Jacob Zuma noJulius Malema we-EFF ukuze axolise ngamazwi awasho ngaphambi kokhetho.uthi usephila kabuhlungu emphakathini

OLUNYE UDABA: USihlalo we-EFF esifundeni iTheku nophinde abe yikhansela edolobheni, uMnuz Themba Mvubu, ukuqinisekisile ...
10/07/2024

OLUNYE UDABA: USihlalo we-EFF esifundeni iTheku nophinde abe yikhansela edolobheni, uMnuz Themba Mvubu, ukuqinisekisile ukuthi umbimbi oluntengantengayo ne-ANC lwabhidlika ezinyangeni ezine ezedlule.

Uthe manje sebehleli emabhentshini aphikisayo futhi bazothwesa i-ANC iziphendulele.

UMnuz Cyril Xaba uqokwe njengemeya yoMasipala waseThekwini. Ubengasibangi namuntu isikhundla. I-ActionSA ibiphakamise ig...
10/07/2024

UMnuz Cyril Xaba uqokwe njengemeya yoMasipala waseThekwini. Ubengasibangi namuntu isikhundla. I-ActionSA ibiphakamise igama lekhansela leDA, uMnuz Thabani Mthethwa, onqabile ukungenela umbango wesikhundla.

Abadune iloli elithwele utshwala baphazanyiswe ngamaphoyisa sebezobudlonya.Izigebengu zaseMthwalume eKZN zibambe inkunzi...
10/07/2024

Abadune iloli elithwele utshwala baphazanyiswe ngamaphoyisa sebezobudlonya.

Izigebengu zaseMthwalume eKZN zibambe inkunzi iloli likatshwala. Zithe seziphakathi kwemizi yaseMathulini zijabula zithi sezizophuza nezintombi zazo oMbali noSne noLungile aqhamuka amaphoyisa, iPOP yase Port Shepstone nama ADT Security guards. Kuchike izishebo zibaleka izigebengu zisavule ubhiya ngezinyo. Zintaze yonke indawo amaphoyisa ayazijaha namanje.

Omunye uthisha useqolwe amamillions eqolwa isthandwa sangare, angithi banempatho phela.Owangaphandle kuleli osesithomben...
10/07/2024

Omunye uthisha useqolwe amamillions eqolwa isthandwa sangare, angithi banempatho phela.

Owangaphandle kuleli osesithombeni ozibiza Henry Mugisha uqole R2.8 million kathisha wesifazane ona 55 waseGoli. Othisha abadala besifazane kabezwa kade sasibhala ngalento kodwa bayabaqeda. Kwaqala ngokuthi lo mlisa afike kwesinye isikole afice lo-thisha. Wazicelisa isikhala sokufaka ingane yakhe, kwaba ukuxhumana kwabo. Le nsizwa yaqala yamshela lo-thisha obesena 30 weminyaka efundisa. Bagcina beqomana kwenziwa konke kwezithandani. Lo thisha unamadodana amabili amancane akawakhulisayo. "Ngendlela abenethonya ngalo lo bhuti kangixwayanga lutho. Ubekhokhela yonke into noma ngabe siya kwi concert thizeni. Aze asize nabafana bami. Ngamkholwa ukuthi uqotho. Wasuke wathi mangiyeke eskoleni ngithathe imali ngiyitshale ebhizinisini naye uzofaka eyakhe. Ngavuma ngathatha yonke imali yami ngayifaka kule account ye company. Emva kwalokho wathi mangivakashele ekhaya ngiyobonga amadlozi. Mangibuya ekhaya kangisamtholi." Kubalisa lo gogo osemusha. Uthi ubalekile kodwa ku Instagram wakhe uyabonakala, uveze iMercedez entsha nobunye ubukhazikhazi. Uthi izingane zakhe wazitshela ukuthi uselivini kanti uyekile emsebenzini manje kabasenalutho. Amaphoyisa ayamfuna.

IMamelodi Sundowns isibuyise uSteve Komphela esikhundleni sakhe sokuba yiSenior Coash lapho ezosiza khona uManqoba Mngqi...
06/07/2024

IMamelodi Sundowns isibuyise uSteve Komphela esikhundleni sakhe sokuba yiSenior Coash lapho ezosiza khona uManqoba Mngqithi nethimba labaqeqeshi. UKomphela owashiya iSundowns ekuqaleni kwesizini edlule ukuyojoyina iMoroka Swallows, uvale isizini eyinhloko yabaqeqeshi kwiLamontville Golden Arrows

BREAKING NEWS: I-MK Party isihoxise OKWESIKHASHANA icala layo eNkantolo yoKhetho lapho ibiphikisa imiphumela yokhetho lw...
04/07/2024

BREAKING NEWS: I-MK Party isihoxise OKWESIKHASHANA icala layo eNkantolo yoKhetho lapho ibiphikisa imiphumela yokhetho lwangoMeyi 29. N**i izizathu zokuhoxiswa okwesikhathana kwalelicala

Kutenga iRand i-DA isabisa ngokuhosha imfe.I-Business live ibika ukuthi irandi liyatengatenga njengoba i-DA isabisa ngok...
28/06/2024

Kutenga iRand i-DA isabisa ngokuhosha imfe.

I-Business live ibika ukuthi irandi liyatengatenga njengoba i-DA isabisa ngokushiya kuhulumeni wobumbano. Uthin owakho umbono ngaloludaba ?

IZINDABA: Ubhekene nengwadla yokuqala kuhulumeni wobumbano kuzwelonke KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi i-NFP ibhalele i-IFP...
27/06/2024

IZINDABA: Ubhekene nengwadla yokuqala kuhulumeni wobumbano kuzwelonke KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi i-NFP ibhalele i-IFP ikhala ngokuthi yephule esinye sezivumelwano abafinyelele kuzo eThekwini ngaphambi kokuba ibunjwe ekuqaleni kwale nyanga.

Ngokwale ncwadi, i-IFP ivumile ukuthi iyeke ukugxambukela ezingxabanweni zangaphakathi ze-NFP, okuyiqembu layo elahlubuka ngo-2011 nguNkk Zanele KaMagwaza-Msibi ongasekho.

I-NFP iphinde isole abaholi be-IFP abafana noMichael “Mkhonyovu” Khumalo ngokuzama ukuvimba u-Ivan Barnes (umengameli weqembu) ukuthi afungiswe njengekhansela kumasipala wesifunda saseZululand wagcina eseyiMeya.

Address

Mtuba
Mtubatuba
3935

Telephone

+27782236419

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba Zezwe posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share