09/01/2026
Kwaze kwanzima indaba yolwandle lwase Mthwalume, sengathi ungathola usizo umndeni
Sawubona Chris besicela usizo lwakho kuno bhuti wethu owasilahlekela olwandle endaweni yase Mthwalume mhlaka 01 January 2026 olwandle lase sthafazini (eSihlonyaneni) igama lakhe nesibongo u Xolani Thembelani Zuke ona 32 years
Inkinga yethu ukuthi ngaso isikhathi sesigameko ngabo 16:00 a phonelwa amaphoyisa afika abheka athi ngeke akwazi kungena ulwandle ludiniwe, athatha statement ahamba u mndeni wona waqhubeka wasala wabheka u xolani wabonakala olwandle ephakamisa isandla aphinde abizwa amaphoyisa afika asho futhi ukuthi ngeke akwazi ukungena kunjena azobuya ngakusasa ngo 08:00. U mndeni ngakusasa mhlaka 02 January 2026 waphindela olwandle ngabo 04:00 wabheka wangaboni lutho kwahlaliwa kwalindwa amaphoyisa nabaka disaster bafika nge skhathi sabo, nakhona sebefikile abazange bangena olwandle bahambisa camera drown njena bathi abanoni lutho bahamba Abaphindanga babuya u mndeni wona buya zonke izinsuku olwandle ngethemba lokuthi khona zokuthola bese sihlala olwandle njena sivukela khona ekuseni siphathe into ezodliwa sibuyela emakhaya ngoba sesiyolala.
Kuhamba izinsuku njena akukho kwenzakalayo izolo( 07 January 2026) u cousin ka xolani uhambile waya police station eyofuna case number kwangathi amaphoyisa akazi nokuthi sikhuluma ngani amaphoyisa ase hibberdene police station lawa engikhuluma ngawo. Abafika bathatha I statement bakhohlwa ukufaka information ka xolani kwi system. Izolo Athena azo phone namhlanje namanje lutho asikaze sizwa lutho besicela bandla Uma khona indlela singasizakala ngayo sithola ithambo lakhe seside lesikhathi singazi kwenzakalani kubuhlungu njalo ukuvuka uya olwandle ngethemba lokuthi khona ozokuthola lutho kuthulekile njena ngathi akaze kwalahleka muntu๐.