LIT RADIO ZA

LIT RADIO ZA Lit Radio 88.4 is a Geographic based Community Radio Station based in Newcastle, KZN that was granted licence by ICASA in July 2026.
(6)

We cover areas in Amajuba District and nearby municipalities.

06/09/2026

Isexwayiso ngengozi eyenzeke ku N11 Amajuba Pass eduze kwase Inkwelo Resort

06/09/2026

Abafundi base Mawela bakhala nokunqanyulwa kwenkontileka yabo ekubeni bekumele bagcine ukufunda ngo September 2026.

AMAPHOYISA A KWAMHLANGA ACELA UKUFUNISWA UMA SEVEN OGWAZE OWESILISA AJOLA NAYE NGEMVA KWENGXABANO THEMBALethuAmaphoyisa ...
06/09/2026

AMAPHOYISA A KWAMHLANGA ACELA UKUFUNISWA UMA SEVEN OGWAZE OWESILISA AJOLA NAYE NGEMVA KWENGXABANO

THEMBALethu
Amaphoyisa aseMpumalanga KwaMhlanga, aqhuba umkhankaso wokuthungatha umsolwa owaziwa ngelika MaSeven, kulandela ukubulawa kukaMoshe Moses Kunene abejola naye.
Kubikwa ukuthi uKunene ugwazwe ngesikhathi kuqubuka ingxabano ekuseni ngoLwesithathu, mhla zintathu kuMandulo.
UMaSeven kusolwa ukuthi ubalekile endaweni yesigameko futhi usesohlwini lwabafunwa ngamaphoyisa. Sekuvulwe icala lokubulala.

Amaphoyisa anxusa noma ngubani onolwazi ukuthi axhumane noDetective W/O Kekana ku 079 293 7568 noma 082 922 9831. Umphakathi uyaxwayiswa ukuthi ungazami ukubhekana nomsolwa.

Isexwayiso ngokuduma kwezulu okulindelekile namhlanje ezindaweni eziningi okukhona kuzo I Newcastle,Danhausser, Ladysmit...
06/09/2026

Isexwayiso ngokuduma kwezulu okulindelekile namhlanje ezindaweni eziningi okukhona kuzo I Newcastle,Danhausser, Ladysmith, Madlangeni, Estcourt nezinye izindawo.

EZIBUHLUNGU AZIPHELI 💔💔UNgqongqoshe wezokuThutha uSboniso Duma uhambele umngcwabo wamalunga omndeni waka Dladla eawwmbez...
06/09/2026

EZIBUHLUNGU AZIPHELI 💔💔

UNgqongqoshe wezokuThutha uSboniso Duma uhambele umngcwabo wamalunga omndeni waka Dladla eawwmbezi ngenhloso Mthombeni yoduduza lomndeni okwadlula amalunga angu 5 engozini yemoto.

Amalunga amahlanu akadle efihlwa yilawa:-

uGogo Dladla (60)
uThabani Dladla (47)
uSiyanda Patrick Dladla (37)
uNontobeko Dladla (41)
uElihle Lusenhle Dladla (3)

Sengathi bangalala ngokuthula baduduzeke kulomndeni wako Mgabadeli.

Isimo sezulu esifundazweni KwaZulu-Natal namhlanje mhlaka 6 September
06/09/2026

Isimo sezulu esifundazweni KwaZulu-Natal namhlanje mhlaka 6 September

UMasipala wase Newcastle uza emphakathini nezinhlelo zokusiza umphakathi ngama learners licence kanye nezincwadi zokusha...
05/09/2026

UMasipala wase Newcastle uza emphakathini nezinhlelo zokusiza umphakathi ngama learners licence kanye nezincwadi zokushayela.

Bazotheleka ngakini kusukela mhlaka 08 September kuze kushaye mhlaka 11 September 2026, abafisa ukusizakala bayacelwa ukuthi baphathe I-ID Copy ne Proof of Residence.

Ofisa ukuthola olunye ulwazi angaxhumana no Buhle Shabalala ku 060 559 4243.

Injabulo yodwa namhlanje kubantu besifazane baku ward 18 eNewcastle njengoba iMeya uCllr Xolani Dube ihlele umcimbi woku...
05/09/2026

Injabulo yodwa namhlanje kubantu besifazane baku ward 18 eNewcastle njengoba iMeya uCllr Xolani Dube ihlele umcimbi wokubahlonipha. Ngokusho kuka Nhlanhla Miya weqembu le IFP inhloso ukuthi kudliwe isidlo sase mini nabesizafane bakule wodi bese bephiwa izipho okungo blanket.

05/09/2026

March and March Newcastle

March and March Newcastle iyaqhubeka edolobheni lase Newcastle.
05/09/2026

March and March Newcastle iyaqhubeka edolobheni lase Newcastle.

Address

Amajuba Education Centre
Newcastle
2940

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when LIT RADIO ZA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to LIT RADIO ZA:

Shortcuts

Share