Abadlebeleki Entertainment/Crew

Abadlebeleki Entertainment/Crew Abadlebeleki Entertainment Pty(Ltd)
Contact :/0766237443
Website: www.Abadlebelekient.wordpr

Happy Easter Holidays to everyone may the holy spirit abide all the servants of the Lord
03/04/2026

Happy Easter Holidays to everyone may the holy spirit abide all the servants of the Lord

03/04/2026

Money doesn't like noise.. Thats why they don't play music in the bank..

03/04/2026
20/03/2026

Indida ngebhokisi ebelinesidumbu ebelingasuki phansi liqukuleke kuze kwabizwa inyanga nayo yafike yahluleka

INkulu imfihlo ngokufa koMuntu akafi nje bese kuthuleka kanjalo basuke bebona okwenzakalayo lapho isidumbu sakhe sesihlukene nomphefumulo. Lokhu sikuphawula phezu kwesigameko esenzeke endaweni yase Ngulule njengoba namhlanje kuphazamisekile ukuthi uBaba wekhaya uMr MKhize afihlwe ngenxa yokungaqukuleki kwebhokisi , kuthiwa belingasukumi phansi kwaze kwabizwa iNyanga ukuba izochela ngamakhathakhatha kodwa kwafana kubikwa ukuthi belingasindi kanje belinomuntu phansi kodwa okuxakayo umufi ubengasona isidudla. Kwale ngisho sekubizwa amadoda endawo adluphuthu afike ahluleka , kwabizwa izalukwazi ukuba zizoshweleza nazo zahluleka. Kuhambe kwahamba kwacatshangwa ukuthi kumele ibhokisi lingaphumi ngoMnyango kodwa kubhodlozwe udonga khona lizophuma khona ibhokisi kwayima liphuma.

Ngesikhathi sekufikiwe la ebekuzofihlwa khona emathuneni kuvele kwenzeka imbedumehlwana uyayazi insila yezinqa lagoloza futhi ukungena emgodini kanti kuthe amadoda endawo egumba ithuna ahlangana nenkunzimalanga yedwala phakathi nobekuzobanzima ukuthi ibhokisi lihlale emhlabathini cababa belizogunquza uma belifaka ngenxa yokungabhalansi kahle kwe Level. Kuphinde kwabizwa izalukwazi zazoshweleza kwanhlanga zimuka nomoya , kwabizwa isaNgoma sizoshaya umhlahlo sacacisa ukuthi njengoba kunguMnumzane nje kumele afihlwe esibayeni seziNkomo kwayima kuyogunjwa langena kahle ebebehambele lomgcwabo abayifisi indaba bathi babambezeleke ngisho ukuthi badle

20/01/2026

congratulations Nkulunkulu 🙏🏻

SIZANI!!!!Sacela ukufiniswa umndeni noma Izihlobo noma abamaziyo omkhulu osesithombeniUSHONILE💔Ubesebenza e Phoenix eseb...
28/09/2025

SIZANI!!!!

Sacela ukufiniswa umndeni noma Izihlobo noma abamaziyo omkhulu osesithombeni

USHONILE💔
Ubesebenza e Phoenix esebenzela iSealen Security iminyaka, uShonile esbhedlela emva kokugula oku ubambe fast💔 inking ama details akhe asiwazi ukuth Iphuma kuphi mara abanye bathi ngazuthi uDabuka KwaNongoma kodwa akaze abuyele emumva lasuka khona, kodwa kuthiwa ubejwayele ukuya eMaoti afike abushaye khona

Ushonele esbhedlela eMagandi💔 manje inkinga kmele alandwe ukuze afihlwe ngoba uma engalandwa kuzophoqa ukuth uHulumeni azincwabele yena and aksiyo into enhle leyo😟

Uma kukhona onolwazi ngaye Sacela athinte iBoss yakhe kuleziNumber
+27 31 500 1773
+27 84 613 2082

Ngyabonga
Please share nakuma Group amanye a around Amaoti kanye nakwaNongoma

25/09/2025
24/09/2025
24/09/2025

Ezihamba phambili kweZENDAWO

Emgwaqeni u-R33 ngaseGroblersdal kudlwengulwe owesifazane oneminyaka engu-22. Owesilisa oneminyaka engu-47 ubudala ubenikeze owesifazane u-lift endaweni yaseMotetema wabe esethola ithuba lokudlwengula ngesikhathi imoto yakhe iphelelwa uphethiloli endaweni eqhelile epulazini.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo isisulu besivaleleke nomsolwa ngemuva kokuma kwemoto. Esikhundleni sokuthi afune usizo noma aqinisekise ukuphepha kwakhe umsolwa kuthiwa usebenzise ithuba lokuhlala yedwa wamhlukumeza ngokocansi ngesikhathi esalinde usizo kusho uMasondo.

Lesi sigameko sishintshe ngesikhathi amalungu e-Groblersdal Farm Watch ezulazula endaweni, ebona imoto ebikade isolisa. Lapho bema ukuze baphenye, bathola iqiniso elishaqisayo lalokho okwenzekile. Amalungu omphakathi abeqaphile amvalele ngokushesha umsolwa amnikela emaphoyiseni aseGroblersdal.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGroblersdal ezinsukwini ezizayo ngecala lokudlwengula. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi ummangalelwa uyamataniswa yini namanye amacala odlame olubhekiswe kwabesifazane esifundeni.

yah its true Witches are everywhere
24/09/2025

yah its true Witches are everywhere

Address

Newcastle
Newcastle

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Abadlebeleki Entertainment/Crew posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Abadlebeleki Entertainment/Crew:

Share

Category