Newcastle FM

14/03/2026

Phakamisa ikasi lakho uyilalele ukuphi iExclusive Weekend Drive nobani?

14/03/2026

Topic:Yiphi isocial Media oyisebenzisa kakhulu olungapheli usuku ungangenanga kuyona. TikTok
Facebook
Instagram
Whatssap
X?

Qala ngegama lakho nendawo yangakini?

Zwakala woza eBosco food town uzotitiliza endalini
14/03/2026

Zwakala woza eBosco food town uzotitiliza endalini

14/03/2026
Ungaphuthelwa yindali eBosco food town namhlanje
14/03/2026

Ungaphuthelwa yindali eBosco food town namhlanje

14/03/2026

Sikhuluma indaba yesithembu, ucwaningo luveza kuthi abantu abaningi besifazane bangena esithenjini ngenxa yokuzuza okuthile kowesilisa bahlale even bezithola behlukumezeka, ngokubona kwakho kuhle, isithembu sihle noma sibi kungan usho lokhu?

bhutiMusa standing in forSandile Mahlaba

Inkantolo ephakeme yaseMgungundlovu isigodlile isinqumo ecaleni eliseNkantolo elithinta ukukhishwa kuka Mengameli weqemb...
13/03/2026

Inkantolo ephakeme yaseMgungundlovu isigodlile isinqumo ecaleni eliseNkantolo elithinta ukukhishwa kuka Mengameli weqembu iTeam Sugar South Africa uMusa Thwala.

Inkantolo iveze ukuthi ngokusho koMthethosisekelo weqembu iTSSA uMengameli noma umsunguli akufanele aphikiswe noma aqondiswe izigwegwe, ngakolunye uhlangothi kuvele kuthi kukhona abebezama kuwuphikisa umthethosisekelo phambi kwejaji, inkantolo ithi lolo udaba lwangaphakathi eqenjini okufanele lulungiswe ngaphakathi eqenjini emhlanganweni noma kwizinkomfa.
Mahlaba

UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UQINISA UKUZIBOPHEZELA EKULWENI NOBUGEBENGU 13 KuNdasa 2026 Ibamba leMeya kuMasipala wesifun...
13/03/2026

UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UQINISA UKUZIBOPHEZELA EKULWENI NOBUGEBENGU

13 KuNdasa 2026

Ibamba leMeya kuMasipala wesifunda Amajuba, uKhansela Thembelihle Mthembu, namuhla lihlanganyele nabaholi besifundazwe kwi Mbizo ekuhloswe ngayo ukulwisana nobugebengu, okuwumhlangano owenzeka njalo ngekota wokudingida izindlela zokulwa nobugebengu nokuvikela imiphakathi.

Lo mhlangano ubuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMhlonishwa Thami Ntuli, ehambisana no Mnyango weZokuphepha nezokuXhumana komphakathi. Inhloso yawo bekungukuhlanganisa omasipala, abezomthetho kanye nabaholi bomphakathi ukuze bathole izindlela zokubambisana ekulweni nobugebengu esifundazweni.

Osolwazi kanye neziMeya zomasipala bakhuthazwe ukuthi babambe iqhaza kule mikhandlu njengoba omasipala kuyibona abasondelene kakhulu nemiphakathi, ngakho-ke badlala indima ebalulekile ekuqinisekiseni ukuphepha kwabantu.

Phakathi kwezindaba ezibhekwe kakhulu kube wudaba lokulawulwa kwezindawo ezidayisa utshwala. Kukhulunywe ngokuthi ukwanda kwezindawo ezingekho emthethweni ezidayisa uphuzo oludakwayo kudlala indima enkulu ekwandeni kobugebengu emiphakathini. Kuphawulwe futhi nodaba lokuphatha izibhamu ngendlela engaphephile, kwacaca ukuthi lokhu akuvunyelwe futhi kuzobhekwa ngeso elibukhali ngabomthetho.

Ekhuluma eceleni komhlangano, iBamba leMeya uKhansela Thembelihle Mthembu ukugxekile kakhulu lokhu kwanda kwamacala okuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

“Njengo mkhandlu Amajuba sikugxeka kakhulu konke ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. Lombiko esiwuzwe lapha uma kubikwa awusithokozisanga nhlobo. Lobu bugebengu abunakwamukeleka emphakathini wethu. Sizoqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bethu namaphoyisa esifunda kanye nabanye ababambiqhaza ukuze sandise imikhankaso yokufundisa nokwazisa umphakathi ngodaba lodlame olusekelwe ngobulili. Labo abaphula umthetho kumele bazi ukuthi bazobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMthembu.

IBamba leMeya liphinde lagcizelela ukuthi uMasipala wesifunda uzosebenzisana kakhulu nabomthetho, izinhlaka zomphakathi kanye nohulumeni bezinye izigaba ukuze kutholakale izixazululo eziqinile zokuvikela izakhamuzi zesifunda.

Indali eBosco food town ngamanani phansi iqale namhlanje iyoze iphele ngomgqibeloPhuthuma ungaphuthelwa!!
12/03/2026

Indali eBosco food town ngamanani phansi iqale namhlanje iyoze iphele ngomgqibelo
Phuthuma ungaphuthelwa!!

UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UXOXISANA NOMPHAKATHI WASE DANNHAUSER NGENDABA YOKUSILELA KWAMANZI11 March 2026UMeya Obambil...
11/03/2026

UMASIPALA WESIFUNDA AMAJUBA UXOXISANA NOMPHAKATHI WASE DANNHAUSER NGENDABA YOKUSILELA KWAMANZI

11 March 2026

UMeya Obambile woMasipala Wesifunda Amajuba, uKhansela Thembelihle Mthembu, namuhla uhlanganyele noMeya woMasipala waseDannhauser, uKhansela Bongani Radebe, kanye nezikhulu zoMnyango Wezobunjiniyela bakwaMasipala, ekuxoxisaneni nomphakathi waseWard 1 endaweni yaseKoppie Allen (Skobhareni) eDannhauser. Lo mhlangano ulandela izikhalo kanye nemibhikisho yomphakathi mayelana nokusilela kwamanzi kule ndawo.

Inhloso yalo mhlangano bekuwukunikeza ubuholi bakamasipala ithuba lokulalela ngqo izinkinga ezibhekene nomphakathi, kanye nokwabelana ngolwazi mayelana nemizamo esaqhubeka yokulungisa izinselelo zokutholakala kwamanzi kule ndawo.

Amalungu omphakathi aveze ukukhathazeka okukhulu ngokuphazamiseka kwesikhathi eside kokutholakala kwamanzi, eveza nobunzima obubhekene nemindeni ngenxa yalokhu. Ubuholi bakamasipala buvume ukuthi ukukhathazeka nokudumala komphakathi kuyaqondakala.

Ekhuluma ngesikhathi somhlangano, uMeya Obambile uKhansela T. Mthembu ugcizelele ukuthi umasipala uyayiqonda kahle imiphumela yokusilela kwamanzi empilweni yansuku zonke yabantu bendawo.

UMasipala Wesifunda ukhumbuze umphakathi ukuthi lokhu akusona isikhathi sokuqala bekhuluma nabo ngalolu daba. Emasontweni amabili adlule, izikhulu zikamasipala bezivakashele le ndawo zinikeza umbiko ngenqubekela phambili kanye nesiqiniseko sokuthi uMasipala uyaqhubeka nokusebenza ukuthola izixazululo zezinkinga zamanzi.

Njengamanje, amaloli amanzi asetshenziswa njengendlela yesikhashana yokusiza umphakathi, nakuba uMasipala uvuma ukuthi lokhu akukwanelisi ngokuphelele izidingo zomphakathi.

Izikhulu zikamasipala ziphinde zanikeza umphakathi ulwazi mayelana namaphrojekthi nemizamo eqhubekayo ehlose ukuthuthukisa ukutholakala kwamanzi kulezi zindawo ezithintekile.

UMasipala Wesifunda Amajuba uphinde wagcizelela ukuzibophezela kwawo ekusebenzisaneni noMasipala waseDannhauser kanye nomphakathi ukuze kutholakale izixazululo ezisimeme, nokuthi izakhamuzi zithole amanzi ngendlela ethembekile.

UMasipala uqhubeka nokuncenga umphakathi ukuthi uhlale uzolile futhi usebenzisane nawo njengoba amaqembu ochwepheshe eqhubeka nomsebenzi wokulungisa izinselelo ezikhona.




Address

100 Allen Street, Blackrock Casino
Newcastle
2940

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Newcastle FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Newcastle FM:

Share

Category