12/01/2021
Inkulumo kaMongameli waseMnzansi emva kokuba isigungu sihlanganile namuhla.
Izwe lisazohlala ku level 3.
uMongameli ufisele abahlali unyaka ka 2021 omuhle wathi asihlale ethembeni. Uqhube wathi " Lonyaka mawusiduduze noma sesihanjelwe izihlobo, masihlangane sibe imbumba noma ukukubi."
Izinimbolo zalabo asebeke bathola leligciwane elaziwa nge COVID 19 emzanzi zime ku 190 000 thousand okwamanje. Abangene ezibhedlela bangu 148 000 kusukela ngonyaka ophelile ngo March 2020. Bese abafakelwe umoya bangu 15 000. Kwandlula emhlabeni abangu 4 600.
Izindawo ezithinteke kakhulu i-KZN, Western Cape, Limpopo kanye neMpunalanga iGauteng nayo uyeza ngokwezibalo.
Ngakho uyanxusa ukuba sigweme izixuku. Loku seloku akumemezela kusukela ngo March 2020. Unabe wathi singanqoba uma singalandela imiyalelo. Isimfonyo masingasuki kuwena mhlali. Wagcizelela kakhulu ngokuhamba imigcwabo njengoba abaningana belitapa khona leligciwane.
*Amasonto asavaliwe
* Amagigi avaliwe
* Isikhathi sokuba sibe emakhaya 05am -09pm.
*Ukuthengiswa kotshwala kuvaliwe
Kuvulwe Lezi ezilandelayo:
* Gym - indawo yokuzivocavoca
* Museum
* Restaurants Izindawo zokudlela
Kodwa utheke koxoxiswa nabamaSonto ukuba yini engenzeka ukuba abantu baThixo baqhubeke bakhonze.
Balinganiselwa ku 14 million akumele bagome maduzane. Uthi, lomjovo wokugoma imba eqolo. Ubiza kakhulu ukundlula imithi ye HIV.
Uzoqala ama nurse (Abahlengikazi) kulandela othisha,amaphoyisa ojele kanye nabasebenzi bakaMaspala bese kuba ilaba abasebenza ekhaya labadana (old age home). Sesobe sesilandela nathi singumphakathi.
Ukuvulwa kwezikole uzokusho emva komhlaba 15 January 2021.
Ukhuza umhlola ngokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane.