Izindaba zezwe RSA

Izindaba zezwe RSA Inhloso yaleli page ukuthola zonke izndaba zaKwaZulu Natal zishisa kancane ezezwe lonke syabonga

13/06/2025

Bathole ibheyili abasolwa ngokuntshontsha imali yakwa-Sassa engu-R260 million

12th June 2025
Abasolwa abayishumi abasolwa ngokuqola u-Sassa u-R260 million bathole ibheyili ephakathi kuka-R10 000 no-R30 000 umuntu ngamunye.

Abasebenzi abayisikhombisa bakwa-Sassa kusolwa ukuthi benza amaphrofayili omgunyathi ukuze bantshontshe imali ehloselwe abantu abampofu.

Bathole ibheyili ephakathi kuka-R10 000 no-R30 000 abasolwa ngokweba u-R260 million eNkantolo yeMantshi yase-Lensia ngoLwesine.

Umsolwa wokuqala nowesibili bathole ibheyili ka-R10 000 kwathi umsolwa wesine u-Ebenezer Telahyn wase-Ethiopia wanqatshelwa ibheyili kanti usazogqunywa esitokisini samaphoyisa.

Leli qembu kusolwa ukuthi lasebenzisa amakhadi omgunyathi ukuze likhiphe imali yabantu abampofu.

Babhekene namacala okukhwabanisa, ubugebengu be-cybercrime and fraud.

Abasolwa abayisikhombisa abasebenza kule nhlangano kusolwa ukuthi benza amaphrofayili omgunyathi.

Umbuso uthi kusolakala ukuthi u-R4 million wafakwa kuma-akhawunti omgunyathi kanti amaphrofayili asetshenziswa ukukhipha izizumbulu zemali ezindaweni okuholelwa kuzo abakwa-Sassa.

13/06/2025

Kuthiwa bekundiza inhlamba njengasetshwaleni phakathi kobenguMqondisi wesiFundazwe nomholi weNtsha ye-IFP kubangwa uxhaso luka-R100 million

12th June 2025
Sekuvele ukuthi umsuka wempi phakathi kobenguMqondisi wesiFundazwe nomholi weNtsha ye-IFP oyisikhulu ehhovisini likaNdunankulu uMnuz Thami Ntuli kubangwe izinkampani okumele zihlomule kule mali engu-R100 million yokuxhasa izinkampani eziphethwe yintsha eKZN.

Kuthiwa impi iqale emhlanganweni obushubile ehhovisi eliseMgungundlovu lapho uDkt Nonhlanhla Mkhize noMnuz Melusi Ndima ophethe uphiko lwentsha kuleli hhovisi likaNdunankulu bebesho ukubambana ngezandla.

Abebeyingxenye yalo mhlangano kuthiwa abafisi lutho ngenxa yenhlamba obekubizwana ngisho phansi kweziketi besho ukungqimuzana ngesibhakela.

“Ubungafunga ukuthi kusetshwaleni kuhlangene abantu benkamba abanodlame ngendlela obekuyiyo.

Okubangwayo lapha ukuthi uNdima ufike nezinkampani ebezifake izicelo kodwa uDkt Mkhize wakhononda ngokuthi azihlangabezani nemigomo ebekiwe, wazibuyisela emuva. Yilaphoke uNdima edinwe wathelwa ngamanzi ngoba ekhala ngokuthi UNdunankulu kufanele adlulisele lolu xhaso ngoMsombuluko emcimbini wokukhumbula intsha eyabulawa ngonyaka ka-1976 eSoweto ngomhlaka-16 ngoNhlangulana. Kodwa kutholakale ukuthi njengoba kubangwa izinkampani uDkt Mkhize naye akafuni ukusayina ukuze lolu xhaso luphume,” kusho umthombo.

Le mpi kuthiwa iphoqe uDkt Mkhize ukuba esule isigubhukane esihlalweni abesesibambe isikhathi eside .
Kuthe angasula kuleli sonto kwalandela izitatimende ezithi makaphenywe ngenkohlakalo ebiyenzeka kuleli hhovisi kusuka ngonyaka ka-2020.

Phakathi kwezinye izinto osekuthiwa akaphenywe ngazo kubalwa nokubuyiswa kowayeyiNhloko yeziMali uMnuz Ziphathe Cibane ngemuva kokuboshelwa icala le nkohlakalo yemali ebalelwa ku-R23 million yethenda yokuphekela umhlangano owawuseMtubatuba.

Lesi simo esenzeka ehhovisi likaNdunankulu sicasule uSihlalo weKomiti Le hhovisi likaNdunankulu nezokuPhepha uNksz Mbali Frazer .
Uthe ufuna UNdunankulu uNtuli azochaza ngokwenzakalayo njengoba ebalisa ngokuthi okwenzeke kuDkt Mkhize kungukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

Join our WhatsApp Channel

12/06/2025

11th June 2025
Kukhalwa ngomunye wabaholi abaqavile kuHulumeni waKwaZulu-Natal okuthiwa uyisoka lamanyala nosekwenze kwabeka abanye ozakwabo engcupheni ngenxa yokusebenzisa budedengu indawo yabo yokuhlala.

Kuthiwa lo mholi usephendule indawo yokuhlala oNgqongqoshe noNdunankulu igigi lezintombi ngendlela azishintsha ngayo.

Imithombo ihlebele iScrolla.Africa ukuthi sekukhala ngisho amaphoyisa agada kule ndawo eseMgungundlovu.
“Amaphoyisa agcine esebiza umhlangano ekhalaza ngokuthi lo mhlonishwa ukuziphatha kwakhe kwenza umsebenzi wawo wokubagcina bephephile unzima ngoba izintombo zakhe zifika zishintshana usuku nosuku. Okukhalise amaphoyisa ukuthi lokhu kubeka engozini izimpilo zabanye osopolitiki ngenxa yokuthi nezinkabi sezingavele zingene kalula bese zibulala lowo mholi ezimufunayo kalula,” kuchaza umthombo.

Kuthiwa izintombi zalo mholi zifika njalo ebusuku ngokwehlukana kanti abanye ozakwabo besifazane kuhulumeni kuthiwa bahlale bebabaza bekhuza umhlola.

Kuthiwa baze bakhale ngokuthi ukuziphatha kwalo mholi igama lakhe iScrolla.Africa esinalo kudicilela phansi imizamo kaHulumeni yokuvikela abesifazane ekuxhashazweni abesilisa.

11/06/2025

11 2025 12:25:19 PM

UKHULUME wajula umholi webandla lamaNazaretha iNkosi uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, ohola uhlangothi lwaseBuhleni, echaza okungaphakathi enhliziyweni yakhe ngezinsolo ezibucayi abeyanyaniswa nazo.

NgoMgqibelo amaNazaretha, aseBuhleni abehambise inkonzo yeSabatha esigodlweni eLudzidzini, kwaLobamba, Phakathi kwedolobha iManzini neMbabane, eSwazini.

Bekulindelekile ukuphawula koNyazi neNgonyama Mswati III maqondana nenkinga ekhona kuleliya lizwe.

UNyazilwezulu luphawule okokuqala ngezinsolo zokuthi luyathinteka enkingeni ehlasele izakhamizi zaseSwazini. Kulezi zinsuku indawo yaKwaNgwane ihlaselwe yinkinga yokuthunjwa kwezingane, ezinye zazo zitholakala zibulewe, izidumbu zao zinezimpawu zokucwiywa.

Kunabathile eSwazini, ikakhulukazi abasebenzisa izinkundla zokuxhumana, abebethi uNyazi neNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini banolwazi ngokuthunjwa kwezisulu. Iningi lazo kuthiwa zibanjwa uma ziya noma sezibuya ezikoleni.

Address

MANGOSUTHU Drive
Obanjeni

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba zezwe RSA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba zezwe RSA:

Share