Izindaba zezwe RSA

Izindaba zezwe RSA Inhloso yaleli page ukuthola zonke izndaba zaKwaZulu Natal zishisa kancane ezezwe lonke syabonga

12/09/2026

Fri Sep 11 2026 11:00:00

Umholi weMK Party uMnuz Jacob Zuma

Image: sigciniwe

UPHENDULE ngokushesha umholi woMkhonto weSizwe Party (MKP), uMnuz Jacob Zuma, esabela ezikhalweni zamalungu aleli qembu zokushintshwa isinyelela kwamagama abantu abahanjiswe ohlwini lwe-IEC ukuba bavotelwe okhethweni lwangoNovemba 4.

Amalungu aleli qembu avuke umbhejazane ngoMsombuluko ekuseni, ase enikela emahhovisini eqembu aseThekwini, ebhikisha efuna izimpendulo ngokushintshwa kwamagama abantu abevoteliwe, kwase kufakwa ababekhale ngephansi ngesikhathi beqokwa ngokwama-ward.

Ngalolu suku, amalungu aleli qembu ayevutha engabaselwe efuna izimpendulo ngalokhu ayekubiza ngenkohlakalo yangaphakathi eqenjini.

Ayelimisa ngesihloko elokuthi leli qembu angeke lize lilibone elidlalayo uma kuya ngokuthi aliyilungisi le nkinga ngaphambi kokhetho olungoNovemba.

Yize kukuningi amalungu eMKP ayekusho kodwa abelokhu elimemeze njalo igama likaZuma ethi makangenelele ngokushesha, ngale kwalokho uyoyikhomba le nqola.

Kubonakala sengathi uZuma ufane nomabizw'asabele njengoba eseqhumise inkalivasi kwabathile ngenhloso yokulungisa lesi simo.

Leli qembu kushone elayizolo selikhiphe isitatimende lidalula ukuthi uZuma usehlakaze iPresidential Task Team njengoba abanezikhalo beyinuka ngokuba sekhaleni lale nkohlakalo.

Akagcinanga lapho, umemezele ukuthi loyo obekade eqokwe ukuthi uzoba yiMeya yeTheku uma kwenzeka leli qembu linqoba, uNkk Zandile Mkhwanazi, uyamsusa ngokuphazima kweso, wase ememezela igama likaMphostoli Mxolisi Phakathi.

UZuma ube esedlulisa ukuxolisa okukhulu kuwona wonke amalungu aleli qembu athintekile ngenxa yalokhu kushushumbiswa kwamagama angafanelekile.

Kulesi sitatimende, leli qembu ligcizelele kakhulu ukubaluleka kokuthi uZuma ufuna ukulibona lenza kahle kulolu khetho oseluseMome.

Kulesi sitatimende kuthiwa leli qembu alifuni nje kube nento ezobonakala iphazamisa umgqigqo waleli qebu njengoba luya okhethweni.

Umholi weMK Party uMnuz Jacob Zuma

12/09/2026

Fri Sep 11 2026 13:00:00

UBOSHWE eMsinga uNksz Hlengiwe Goodness Buthelezi, osolwa ngokuba sohlwini labasolwa ngokuhlela ukubulala uDJ Warras

Image: Supplied/SAPS

KUVELA ukuthi ubengomunye "womastende" abaqoqa imali ebantwini ababehlala ebhilidini iZambezi, eGoli, uNksz Hlengiwe Goodness Buthelezi (40), oboshwe amaphoyisa ngoLwesithathu ntambama, eMsinga, ngecala lokubulawa kukaDJ Warras.

UWarras wadutshulwa emini kwabha ngonyaka odlule, njengoba wayengomunye wezishoshovu ezazilwa nokuqhwagwa kwamabhilidi ngodli ngabantu bokufika kuleli.

UNksz Buthelezi kuvela ukuthi wayethandana noMnuz Victor Majola (44), yena osagcinwe ejele njengoha ehamba icala elifanayo. UMajola uzophindela enkantolo ngoSepthemba 18.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi emaphoyiseni, uveze ukuthi uNksz Buthelezi, wake wasabisa uDJ Warras ngesikhathi ehambele kuleli bhilidi.

U-WARRACK 'DJ Warras' Stock.

Image: Instagram

UWarras kuvela ukuthi ubethola imisebenzi yokuqapha amabhilidi ahlukene eGoli, ukuze angadliwa abantu abangafanele, nabagcina beqashisa kuwo ngokungemthetho.

"Kusolakala ukuthi wayenesandla ekutheni kuhlelwe ukubulawa kukaDJ Warras ngenxa yokuthi babelwa naye. Babehlalisa abantu kule ndawo ekubeni ingekho esimweni esikahle, kugcwele abokufika futhi nesimo sengqalasizinda singekho kahle ukuthi kuhlale abantu. Wabaleka kunezinsuku ezimbalwa uWarras edutshulilwe futhi bese siside isikhathi amaphoyisa emfuna engatholakali," kusho umthombo.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal, ngoLwesithathu ebusuku,0 akhiphe isitatimende eveza ukuthi lona wesifazane uboshiwe eMsinga.

UNksz Buthelezi uboshwa nje, amaphoyisa ake anxusa ngisho amalungu omphakathi ukuthi acela awasize ekutholeni umkhondo wakhe ngenxa yokuthi uyadingeka mayelana necala lokusocongwa kukaDJ Warras.

UColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uveze ukuthi uNksz Buthelezi usezodluliselwa emaphoyiseni aseGauteng, ngemuva kokuboshwa kwakhe.

"Umsolwa uboshwe endaweni yaseNgcengeni, eMsinga ngemuva, kokuthi amaphoyisa ethole umkhondo wokuthi ukuphi. Abaseshi bathole umkhondo wokuthi lona wesifazane ubhacile komunye umuzi kule ndawo. Ube eseboshwa ngemuva kokufika kwamaphoyisa kule ndawo, uzovela enkantolo maduzane," kusho uNetshiunda.
Link to the original article

26/06/2026

NONGOMA ,ULUNDI ,MELMOTH ,EMPANGENI, RICHARDSBAY,ESHOWE,GINGINDLOVU,MANDENI STENGA ,

IPOYINTI NAMADRAGS NOMZIMBA ZIYAKHALA MANJE

Address

MANGOSUTHU Drive
Obanjeni

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba zezwe RSA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba zezwe RSA:

Shortcuts

Share