Ezomphakathi News

Ezomphakathi News Please Follow this page Ezomphakathi Newspaper ukuze uzothola Izindaba Zomphakathi

KUSHONE IZINGANE EZIMBILI NGOMLILO WOMKHUKHU ESANDFONTEIN E-MORULENGUmphakathi waseSandfontein, eMoruleng, ushaqekile fu...
23/06/2026

KUSHONE IZINGANE EZIMBILI NGOMLILO WOMKHUKHU ESANDFONTEIN E-MORULENG

Umphakathi waseSandfontein, eMoruleng, ushaqekile futhi udabuke kakhulu kulandela isigameko esibuhlungu somlilo womkhukhu esigcine sesithathe izimpilo zezingane zandawonye ezimbili.

Kubikwa ukuthi umlilo uqubuke emjondolo endaweni yaseSandfontein, kanti kusolwa ukuthi uqale ngenxa yekhandlela ebelisetshenziswa ukukhanyisa. Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, unina wezingane, uDimakatso Ndlovu, ubengekho ekhaya njengoba ebehambele umngcwabo eZeerust.

Ingane yokuqala, intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala, ishonele endaweni yesigameko ngesikhathi umlilo usabalala ngokushesha emjondolo. Enye ingane yakwabo yaphuma iphila kodwa ibishe kanzima emzimbeni.

Abezimo eziphuthumayo bafike ngokushesha endaweni yesigameko base beyiphuthumisa esibhedlela iMoses Kotane ukuze ithole usizo lwezempilo. Ngenxa yobukhulu bokulimala, le ngane yalaliswa egunjini labagula kakhulu (ICU), lapho odokotela bezame khona konke okusemandleni ayo ukuyisindisa,kodwa ngenxa yokusha okubi kakhulu, nayo igcine isishonile.

Address

Piet Retief
2380

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezomphakathi News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share