Ezomphakathi Newspaper

Ezomphakathi Newspaper Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Ezomphakathi Newspaper, Piet Retief.
(3)

Iphephandaba Ezomphakathi lizinze eMpumalanga Province ngokunjalo Ezomphakathi Newspaper zikwethulela izindaba ezenzeka kulolonke elase Ningizimu Africa uma unesifiso sokudlulisa okwenzeka endaweni yangakini ePhephandabeni lakho ungaxhumana nathi

Isikole saseNqobile Primary School eMkhondo namuhla ngoLwesihlanu 07 November 2025 sibe nomcimbi wokuvalelisa abafundi b...
07/11/2025

Isikole saseNqobile Primary School eMkhondo namuhla ngoLwesihlanu 07 November 2025 sibe nomcimbi wokuvalelisa abafundi bakwa Grade 7 eTown Hall eMkhondo.

Lomcimbi ubuhanjelwe umnu Nzimande owayewuPrincipal khona eNqobile eminyakeni endlule, uNzimande ukhuthaze labafundi ngokubaluleka kwemfundo kanye nokuziphatha uma usafunda, ukhansela Nkosi obemele uMayor wase Mkhondo ukhansela Ngelosi Ndhlovu, oThisha kanye neSGB.

Oyisekela lika Principal uNkz T Dlamini ngesikhathi ekhuluma ugcizelele ngokubaluleka kwemfundo njengoba labafundi ngonyaka ozayo kulindeleke ukuthi bayoqala e-High School, obemele SGB umnu Mgoba Simelane ubonge othisha indlela abazikhandla ngayo bebambisene nomkhandlu wesikole, waphinde wabonga nabahleli balomcimbi obe yimpumelelo.

NgoLwesine eLimpompo kubanjwe inkunzi owesifazane oneminyaka ewu 43 ubudala ngesikhathi engenelwa abasolwa abayishumi ab...
07/11/2025

NgoLwesine eLimpompo kubanjwe inkunzi owesifazane oneminyaka ewu 43 ubudala ngesikhathi engenelwa abasolwa abayishumi abangaziwa, abebehlome ngezibhamu.

Labasolwa kuthiwa bangene ngenkani endlini bathatha imali yesitokofela nokuyisamba esingadalulwanga kanye nomakhalekhukhwini ngaphambi kokuba babaleke ngezinyawo endaweni yesigameko.

Icala livuliwe uphenyo luyaqhubeka.

07/11/2025

Lapha eThekwini namhlanje kuhlangene umphakathi kanye nabavela emaqenjini ezepolitiki, inhloso yombhikisho ukuzama ukunqanda ubugebengu obenziwa abantu bokufika lapha enkabeni yeTheku.

Umbhikisho ubheke esiteshini samaphoyisa ePhoyinti lapho kuzohanjiswa khona incwadi yezikhalazo

07/11/2025

Nqobile Primary School grade 7 Farewell Function

Your support will be kindly appreciated 🔥🤞 Umdlalo Wamnzi wezi nsizwa🏆🥇 ozobe ubambelwe eMkhondo at Thandukukhanya e 4Wa...
07/11/2025

Your support will be kindly appreciated 🔥🤞 Umdlalo Wamnzi wezi nsizwa🏆🥇 ozobe ubambelwe eMkhondo at Thandukukhanya e 4Ways

07/11/2025

UMLAYEZO UVELA KU-INBOX AMAPHEKA AWATHOLILE AWA NTOKAZI TRACY THABEDE

Hello admin please help me by posting this documents someone found them and ask me to post them here so we can find the owner of the documents

My number is 0766959794

UMasipala weSifunda i-Gert Sibande uthathe isinqumo sokubungaza lolusuku ngokwendlulisa umlayezo emphakathini ngokubalul...
06/11/2025

UMasipala weSifunda i-Gert Sibande uthathe isinqumo sokubungaza lolusuku ngokwendlulisa umlayezo emphakathini ngokubaluleka kokunqanda izinhlekelele,loluhlelo belubanjelwe ehholweni elisedolobhen kaMasipala(Town Hall) eMkhondo.

Lokhu kufundisa kwenzeke ngezifundo ebezenziwa abafundi bezikole ebezihambele lomcimbi ,njengoba zenze imiboniso ebinezifundo ,izinkulumo,kanye nezinkulumo mpikiswano.

Kubuye kwabalulwa nezindlela zokulwisana ne climate change okubalwe khona ukuba kutshalwe izihlahla ezizokhuculula ukuncola kumoyampilo (oxygen )nokunye .

Izifundo zokugwema izinhlekele kubonakala zidingeka kakhulu njengobaziqhubeka izigameko zokugasela kwezinhlekelele ezigcina nolwendlula nemiphefumulo zibuye zonakalise izindawo zabantu nezingqalasizinda .

Iminyango ebhekelele izinhlekelele isinxuse ukuba abantu abahlala ezindaweni ezihlaselwa izikhukhula ukuba bakhe izindawo ezizohamba amanzi ama drain ,bakhe nezindonga ukuvikela amanzi .

Imililo ingagwenywa ngokusebenzisa umlilo ngokucophelela ,kuqashelwe izinto ezisebenzisa ugesi ,nokunye.

Kulomcimbi kubuye kwafundiswa ngokuhlanzwa kwamanzi emakhaya okuwukuwabilisa imizuzu emithathu ,ukuze abile imizuzu emithathu kunxuswe ukuba uma abila amanzi kumele uvule isivalo segedlela ukuze aqhubeke ebila.

Okwesibili ukuba ufake isivalo se Jik emanzini awu 20 litre bese ugoqoza imizuzu emithathu ukuze wehle ubulale amagciwane .

Okwesithathu ukufaka iChloroflog I Sachet eyodwa Ku 20 litre yamanzi bese ugoqoza.

UMMC uKhanseka uMkhwanazi uhlomukise izikole ebezibambe iqhaza kulomkhankaso.I-Piet Retief H**r Skool iphume isithathu ,i-Piet Retief Combined School iphume isibili ,esizishaye emakhanda zonke zaphuma unombolo 1kube i-Alpha &Omega School.
Gert Sibande District Municipality

Ibibhalwe emehlweni injabulo kumphakathi wase Mkhondo ngenkathi kuqhubeka umcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni komtapowol...
06/11/2025

Ibibhalwe emehlweni injabulo kumphakathi wase Mkhondo ngenkathi kuqhubeka umcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni komtapowolwazi ,obubanjelwe ehholo iSthuli Hleza namuhla .

Lomcimbi wokuvulwa ngokusemthethweni ko mtapowolwazi ubuhanjelwe iminyango ka hulumeni okubalwa kuyona uMnyango wezobuciko amasiko nezemidlalo ,uMnyango wezeMfundo ,uMnyango weZolimo,Mphazima Funeral Services kanye neminye ,uMasipala uMkhondo nawo ubuyingxenye yalomcimbi njengoba izikhulu zaloMasipala bezikhona ,uMasipala weSifunda iGert Sibande, nezinhlaka ezahlukene , abafundi ,umphakathi kuhlanganise nabakhubazekile bebeyingxenye yalomcimbi ,amaqembu ezokunandisa nawo abekhona.

Ukuvulwa komtapho wolwazi eMkhondo kubonakale kubuyisa ithemba kulomphakathi njengoba bese kuyisikhathi eside ungenawo umtapo wolwazi emva kokuba washiswa amalungu omphakathi ayengagculisekile ngezikhalazo zawo.

Umphathiswa Womnyango wezamaciko amasiko nezemidlalo umama uLeah Mabuza uyena owethule lomtapo emphakathini wase Mkhondo ,enkulumeni yakhe unxuse umphakathi wase Mkhondo ukuba upheze ukucekela phansi izingqalasizinda zika hulumeni ngenxa yokungafezwa kwezimfuno zawo ,ngoba ugcina ungasenazo izinsiza ,ukusho lokhu emva kokuba umphakathi wase Mkhondo washisa umtapowolwazi.

Eqhubeka uthe umtapo uzoba usizo okukhulu ikakhulukazi entsheni njengoba kukhona I WiFi yamahhala ezosiza ekubeni intsha ikwazi ukusesha ulwazi oludingayo ezifundweni zayo.

Labo abafuna izikhala ezikoleni zemfundo ephakema bazokwazi ukufaka izicelo zabo besebenzisa iWifi yamahhala ,futhi bazokwazi ukufunda online bafundele amakhono emfundo ahlukahlukene ezikoleni zemfundo ephakeme baze bagogode .

Ubuye wakubalula ukuthi iGert Sibande isezinhlelweni zokwakha imitapoyolwazi kuzo zonke izindawo zamakhosi ukuze abantu bakuleli bathole ulwazi .

Umphathiswa ubonge ama Khosi ngomthelela anawo eMkhondo nangokwenza ukuba kuphumele ukwakhiwa kwalomtapo yolwazi.
Ama friends of library anxuswe ukuba avikele umtapowolwazi.

Esephetha ubalule ukuthi lomtapo unothisha abazosiza abafundi ngama homeworks babasize nangakho konke abakudingayo naku ma computer .

Ezokuphepha bezisezingeni eliphezulu kulomcimbi njengoba umbutho wamaphoyisa SAPS abekhona kulomcimbi ukuqinisekisa ezokuphepha ,ukugwema izigameko zokwebiwa kwezimoto nokunye .
DCSR

Kuboshwe abesilisa abane abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-32 ubudala abasebenzela inkampani ezimele yonogada eqapha imi...
06/11/2025

Kuboshwe abesilisa abane abaneminyaka ephakathi kuka-29 no-32 ubudala abasebenzela inkampani ezimele yonogada eqapha imizila yamatekisi Elukwatini naseNhlazatshe, baboshwe ngoLwesibili ebusuku.

azovela eNkantolo yeMantshi yaseChief Albert Luthuli namuhla, zingama-5 kuLwezi wezi-2025.

Ukuboshwa kwabo kulandela isigameko esenzeka ngoLwesibili, mhlaka 04 November 2025, lapho kwamiswa khona imoto yohlobo lweToyota Avanza eyayishayelwa owesilisa owayediliza impahla kwesinye sezitolo ezinkulu ngaseNhlazatshe Crossing.

Umshayeli weAvanza usola ukuthi wavinjwa yilaba basebenzi bonogada befuna ukusesha imoto yakhe, ngesikhathi enqaba, kwaqubuka ingxabano. Wabe esezama ukubashiya kodwa bamlandela bashaya imoto ngamatshe bamdubula.

Ube esegijimela esiteshini samaphoyisa eyovula icala, kuthe ngokuhamba kwesikhathi balandelwa baboshwa eNhlazatshe No. 05 bathweswa icala lokuzama ukubulala.

Amaphoyisa aseMiddelburg Flying Squad Unit abophe abasolwa abathathu abaneminyakaephakathi kuka 30 no 38 abesifazane aba...
06/11/2025

Amaphoyisa aseMiddelburg Flying Squad Unit abophe abasolwa abathathu abaneminyakaephakathi kuka 30 no 38 abesifazane ababili noyedwa wesilisa. Abasolwa baboshwe ku-N4 Road eMiddelburg ngomhlaka-04 November 2025.

ILoli kuthiwa belibheke ku-N4 Middelburg Toll Plaza phakathi belinabagibeli abathathu, abesifazane ababili baseMozambique kanye nomshayeli wesilisa. Uphenyo luveze ukuthi kungenzeka ukuthi lo mthwalo wawubhekiswe eGoli kwatholakala izimpahla zomgunyathi zimboziwe.

Inani lezimpahla lilinganiselwa ku-R1 Million bobathathu abasolwa babekwe icala lokutholakala nezimpahla zomgunyathi.

Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg maduze.

06/11/2025
UKhansela waseMkhondo eDriefontein kuward 18 nophinde abe uMMC uMthandeni Mkhabela izolo kusihlwa ubandakanyeke engozini...
06/11/2025

UKhansela waseMkhondo eDriefontein kuward 18 nophinde abe uMMC uMthandeni Mkhabela izolo kusihlwa ubandakanyeke engozini kumgwaqo uN2 uma ubheka E-Ermelo.

Abezimo eziphuthumayo bafikile endaweni yesigameko ngenhlanhla enkulu uKhansela uyaphila kodwa ulimele waphuthuswa esibhedlela ukuba ayothola ukwelashwa.

Address

Piet Retief

Opening Hours

Monday 06:00 - 17:30
Tuesday 06:00 - 17:30
Wednesday 06:00 - 17:30
Thursday 06:00 - 17:30
Friday 06:00 - 17:30
Saturday 06:00 - 14:00

Telephone

+27785756114

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezomphakathi Newspaper posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ezomphakathi Newspaper:

Share