Ezomphakathi Newspaper

Ezomphakathi Newspaper Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Ezomphakathi Newspaper, Piet Retief.
(3)

Iphephandaba Ezomphakathi lizinze eMpumalanga Province ngokunjalo Ezomphakathi Newspaper zikwethulela izindaba ezenzeka kulolonke elase Ningizimu Africa uma unesifiso sokudlulisa okwenzeka endaweni yangakini ePhephandabeni lakho ungaxhumana nathi

Wazalwa engumfana ophile kahle futhi onamandla njengazo zonke izingane. Kodwa impilo yakhe yashintsha esemncane kakhulu,...
19/06/2026

Wazalwa engumfana ophile kahle futhi onamandla njengazo zonke izingane. Kodwa impilo yakhe yashintsha esemncane kakhulu, enonyaka owodwa kuphela ubudala, ngesikhathi umama wakhe emthela ngephutha ngamanzi abilayo ohlangothini lwesokudla lomzimba wakhe.

Lokho kwamholela ekutheni ashe kakhulu, ezwe ubuhlungu obukhulu futhi adinge ukwelashwa ngokushesha. Odokotela benza konke ababengakwenza ukumelapha, kodwa ngokuhamba kwesikhathi amanxeba okusha adala ukugobeka nokunamathela kwemisipha, okwamvimba ukuthi akwazi ukwelula ingalo yakhe ngokugcwele.

Ngenxa yobunzima bezimali, umndeni wakhe awukwazanga ukukhokhela ukwelashwa okukhethekile okwakudingeka ukuze alungiswe ngokuphelele. Lokho kwaphoqa ukuthi bayeke ukuqhubeka nokufuna usizo lwezokwelapha, kwathi lo mfana waphila iminyaka eminingi ebhekene nemiphumela yale ngozi.

Ithemba labuya ngesikhathi ethola ulwazi mayelana nohlelo lokuhlinzwa oluxhaswe ngabaxhasi. Ngemuva kokuhlolwa nokulungiselelwa, wagcina esehlinziwe, kwakhululwa ingalo yakhe eyayikhinyabezekile ngenxa yokusha.

Ukuhlinzwa kwaba yimpumelelo enkulu, kwashintsha impilo yakhe ngendlela emangalisayo. Manje usekwazi ukunyakaza kangcono futhi usephinde wathola ithuba lokuphila impilo engcono kunakuqala.

Lolu daba luyisibonelo sokuthi usizo olufika ngesikhathi lungaguqula impilo yomuntu ngokuphelele, luphinde lunike ithemba kulabo asebephila iminyaka eminingi bezwa sengathi amathuba abo aphelile.

OWESIFAZANE USHISWE EPHILA YISOKA NGEMUVA KOKUTHOLA UMLAYEZO OVELA KOWAYEYISOKA LAKHE πŸ’”πŸ•ŠοΈKuvele imininingwane ebuhlungu ...
19/06/2026

OWESIFAZANE USHISWE EPHILA YISOKA NGEMUVA KOKUTHOLA UMLAYEZO OVELA KOWAYEYISOKA LAKHE πŸ’”πŸ•ŠοΈ

Kuvele imininingwane ebuhlungu ngesigameko sokubulawa kukaViwe Dalingozi (31), odabuka e-Engcobo e-Eastern Cape, okuthiwa washiswa ephila yisoka lakhe ngenxa yomona ngemuva kokuthola umlayezo wombhalo ovela kowayeyisoka lakhe.

UViwe wayethuthele eGoli ngenhloso yokusebenza, lapho ayesebenza khona njengomabhalane ehhovisi likadokotela. Kuthiwa waqala ukuthandana noMpho Thobane, owayeneminyaka ephakathi kuka-27 no-29 ngaleso sikhathi, futhi ubudlelwano babo base buqhubeke cishe izinyanga ezimbili kuphela.

Ngobusuku bangomhla ka-25 kuya ku-26 kuMfumfu, efulethini labo eFashion Lofts, kuPritchard Street enkabeni yeGoli, kuthiwa uThobane wathukuthela kakhulu ngemuva kokuba uViwe ethole umlayezo wokubingelelwa ovela kowayeyisoka lakhe.

Ngokwemibiko eyethulwa enkantolo, uThobane wathela uViwe ngophethiloli ngesikhathi elele, wase emshisa ngomlilo. Ngemuva kwalokho wabaleka waya endaweni yakubo eLimpopo.

Omakhelwane bathi bezwa ukukhala umuntu ecela usizo, bathola uViwe esegcwele amalangabi. Omunye womakhelwane, uMaletsatsi Ngoashe, wathi wabona uViwe egijima ephaseji lsakhiwo esha, ememeza ethi nguMpho omshisile. Naphezu kobuhlungu ayebhekene nabo, uViwe wakwazi ukushayela umalume wakhe ucingo emtshela ukuthi ushiswe ngomlilo futhi usaba ukuthi ngeke asinde.

Waphuthunyiswa esibhedlela enamanxeba okusha abucayi emzimbeni wonke, kodwa washona ezinsukwini ezimbili kamuva ngenxa yokulimala kwakhe.

UThobane waboshwa ezinsukwini ezimbalwa kamuva eLimpopo.Watholakala enecala lokubulala eNkantolo Yesifunda yaseGoli, wagwetshwa iminyaka engu-20 ejele. Nakuba kwakukhona izinselelo ophenyweni, ezaholela ekutheni icala lokushisa impahla lihoxiswe ngenxa yokushoda kobufakazi, inkantolo yamtholile enecala lokubulala.

Lesi sigameko siyisikhumbuzo esibuhlungu sodlame olubhekiswe kwabesifazane nokubulawa kwabo ngenxa yomona, okuyinkinga eqhubeka nokudla imizi eminingi eNingizimu Afrika. πŸ’”πŸ•ŠοΈ

19/06/2026

Umphakathi waseMkhondo ubuphumile nawo kuMarch and March uphinde wahambisa uhlu lwezikhalazo ka Home Affairs kanye nakuba Department of labor.

19/06/2026

Uyamenywa nawe kule Auction enkulukazi yase Daggaboy Auctioneers eMkhondo.

Ngomhlaka 20 June 2026 kusasa lokhu okusayo ngoMqgibelo lapha eDaggaboy Auctioneers kuzobe kunendali ka 50 %OFF

DaggaBoy Mkhondo

Auctioneers
062 374 0206

Nayi iLink for direction:
https://g.co/kgs/BijMcNR

UMNDENI UCELA USIZO NGOKUTHOLAKALA KUKASAMKELISIWE OLAHLEKA EKUPHELENI KUKA-MAYUmndeni kaSamkelisiwe Shabangu ucela usiz...
19/06/2026

UMNDENI UCELA USIZO NGOKUTHOLAKALA KUKASAMKELISIWE OLAHLEKA EKUPHELENI KUKA-MAY

Umndeni kaSamkelisiwe Shabangu ucela usizo emphakathini ukuze kutholakale ilungu labo elilahlekile, uSamkelisiwe, ongabonakali kusukela ngomhlaka 29 kuNhlaba (May) 2026.

Ngokusho komndeni, uSamkelisiwe wahamba ngomhlaka-29 May eya ekhaya njengoba ayejwayele ukwenza njalo uma ehambile la bekasebenza khona. La bekasebenza khona la eMkhondo ngesihluku bemfonela bembuza ukuthi ufike kanjani ekhaya, waphendula wathi ufike kahle cishe ngehora lesithupha kusihlwa.

Kodwa-ke, kusukela ngalolo suku akazange aphinde abonakale noma axhumane nomndeni wakhe. Umndeni waqala ukukhathazeka ngesikhathi engabuyeli emsebenzini njengoba bekulindelekile ngoMsombuluko. Isimo saba sibi kakhulu ngesikhathi izihlobo zakhe zifona zifuna ukwazi ukuthi ukuphi, kwacaca ukuthi akekho owaziyo ukuthi ukuphi ngempela.

Ngenxa yokukhathazeka okukhulu, umndeni wavula icala lokulahleka kwakhe eSiteshini Samaphoyisa saseMkhondo. Nokho, kuze kube manje akukabikho mkhondo noma ulwazi olusiza ekutholakaleni kwakhe.

USamkelisiwe ubegada omunye umama emzini ayesebenza kuwo, futhi wayejwayele ukuya ekhaya.
Ukunyamalala kwakhe kungazelelwe sekushiye umndeni wakhe usezinhlungwini ezinkulu futhi ukhathazekile ngokuphepha kwakhe.

Noma ubani onolwazi olungasiza ekutholakaleni kukaSamkelisiwe uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa aseMkhondo noma azise umndeni wakhe ngokushesha kulenombolo 076 940 9639

Kuthulwe izilokotho eziningi kuNkosazana yase-Phola Park 2025, uMinenhle Dube, ngemuva kokuthi ephumelele ukuthola ilayi...
19/06/2026

Kuthulwe izilokotho eziningi kuNkosazana yase-Phola Park 2025, uMinenhle Dube, ngemuva kokuthi ephumelele ukuthola ilayisensi yokufunda ukushayela (Learner's Licence) njengengxenye yomklomelo wakhe wokunqoba lo mncintiswano.

UMinenhle uthole leli thuba eliyigugu ngenxa yoxhaso olwenziwe umsunguli womncintiswano kaMiss Phola Park, uDeneo Hlatshwayo obezimisele ukuqinisekisa ukuthi umnqobi akagcini ngokuthola udumo kuphela, kodwa futhi uyazuza ngamathuba angasiza ekwakheni ikusasa lakhe.

Lokhu kuyisibonelo esihle sokuthi imincintiswano yonobuhle ingaba negalelo elikhulu ekuthuthukiseni impilo yabantu abasha ngokubanikeza amathuba emfundo, ukuzithuthukisa kanye nokuzimela empilweni.

Abantu abaningi emphakathini babonge umsunguli kaMiss Phola Park ngokutshala imali nangesandla sakhe ekwesekeni intsha, kanti uMinenhle naye uhalaliselwe ngokuzimisela kwakhe nokusebenza kanzima ukuze afeze le mpumelelo.

Sifisela uMinenhle Dube inhlanhla nempumelelo njengoba eqhubeka nohambo lwakhe lokufeza amaphupho akhe nokuba yisibonelo esihle entsheni yomphakathi.

Halala Minenhle Dube! Halala Miss Phola Park 2025! πŸ‘‘πŸŽ‰β€οΈ

Amaphoyisa aseSenwabarwana abophe owesilisa, oneminyaka ewu 24 ubudala, ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu u...
19/06/2026

Amaphoyisa aseSenwabarwana abophe owesilisa, oneminyaka ewu 24 ubudala, ngecala lokubulala ingane eneminyaka emithathu ubudala kulandela uphenyo olunzulu.

Isigameko senzeke ngomhlaka 25 April 2026 lapha e-Dilaeneng Millennium Park, eTlhahla Village. Ingane kwabikwa ukuthi ishone ilele kodwa yabonakala inemihuzuko emzimbeni.

Ukuhlolwa kwesidumbu ngokuhamba kwesikhathi kuqinisekiswe ukuthi ishone ngenxa yokulimala ekhanda, nokuholele ekutheni kuqhutshekwe nophenyo kanye nezitatimende zofakazi ezihlanganisa umsolwa.

UStepfatger wengane uboshwe ngoLwesihlanu, 19 June 2026. Kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseSenwabarwana ngoMsombuluko, 22 June 2026

Amaphoyisa aseLephalale aqale uphenyo kulandela ukuduka kowesifazane oneminyaka ewu-37, uPhindile Ntombifuthi Phalatse, ...
19/06/2026

Amaphoyisa aseLephalale aqale uphenyo kulandela ukuduka kowesifazane oneminyaka ewu-37, uPhindile Ntombifuthi Phalatse, nezingane zakhe ezimbili uLebone Abongwe (12) noLethabo Zemvelo Phalatse (7), Bagcina ukuxhumana nomndeni wabo ngoJanuary 2026

Amaphoyisa avule idokodo lophenyo kanti uphenyo luyaqhubeka

Iqembu loMkhonto we Sizwe eMkhondo libambe isithangami nabezindaba ebesibanjelwe emahhovisi ale nhlangano namuhla.UMnumz...
19/06/2026

Iqembu loMkhonto we Sizwe eMkhondo libambe isithangami nabezindaba ebesibanjelwe emahhovisi ale nhlangano namuhla.
UMnumzane uFortunate Mnisi obekhulumela leliqembu kulesithangami uqale ngokukhuluma ngokubungaza iminyaka engu 50 intsha yango 1976 yalwa nohulumeni wobandlululo owawubacindezela ngokuba bafunde ngolimi lwesibhunu ( Afrikaans).


UMnisi uveze ukuthi labafundi kuvele ukuthi njengoba babemasha beya eOrlando Stadium batholana phezulu nombutho wamaphoyisa ku VilakaIazi Street nalapho izingane zalahlekelwa khona izimpilo zazo ukuze kukhululeke intsha yanamuhla .

UMnisi uqhathanise ingcindezelo yango 1979 yentsha ,nengcindezelo yentsha yanamuhla njengoba intsha yakuqala yayicindezelwa uhulumeni wobandlulola ,kulapho intsha yamanje icindezelwa indlela ezenzeka ngayo izinto njengoba ingawatholi amathuba emisebenzi ngaphandle kokuba ijoyine amaqembu eze Politiki athize ,amathuba okuthola ama tender ayiwatholi intsha uma ingenayo i connection nabathile.

UMnisi ukhale ngokuthi indawo yase Mkhondo indawo enkulu kodwa ayinazo izikhungo zemfundo ephakeme ,futhi ubuye wakhala ngodaba lwezitandi ezithengiswe ngezimali ezishisiwe u Masipala uMkhondo kodwa azange bacabangelwe labo abangenamandla okukhokha lezomali.

Udaba lokwenyuka kwezinga lentsha engasebenzi eMkhondo nalo alisalanga kulenkulumo.

UMnisi ube esenxusa intsha ukuba ingalwi ngamandla manje ,kodwa ilwe ngokusebenzisa ilungelo layo lokuvota eyalinikwa inkululeko eyayithola ngezithukuthuku zentsha ka 1976.

Lelilungelo uMnisi ulichaze njengelungelo layo lokukhetha ubuholi ebufanayo kanye nokuzwakalisa izwi layo .

UMnisi unxuse ukuba intsha nabantu base Mkhondo ukuba baphume bayobhalisela ukuvota kusasa ngomhlaka 20 -21 ukuze balethe ushintsho ezimpilweni zabo .

Ukubhalisela ukuvota kuvezwe ukuthi kubalulekile njengoba i budget ikhishwa ngenani labantu abavotile noma ababhalisele ukuvota,uma lilincane kwenza kube nzima ukwenza izidingongqangi .

Izikhungo zizovulwa ngehora lesishiyagalombili(08:00)zivalwe ngehora lesihlanu (17:00pm).

Ezinye izikhungo zizoba no block 1 no 2 ukuze kube lula ukubhalisa nokuba ukuvota kuphele ngesikhathi .

Izikhungo kubalulwe ukuthi zenyukile zisuka ku 79 ziya ku 105 njengoba kukhona nezikhungo ezithintekile ezishintshile .

Lezozikhungo ezithintekile kubalwe ukuthi zizohanjelwa izikhulu zalenhlangano ukuze zicacise kubantu loluhlelo olwenziwe uIEC lokushinthwa kwabantu eziteshini zabo.

Labo abathintekile kuloluhlelo lokushintshwa kwezikhungo banxuswa ukuba balalele baye lapho abashintshelwe khona njengoba ukuqhubeka kwabo bevota ezindaweni abasuswe kuzo kuyokwenza bavotele amaKhansela okungewona.

Kuyobuye kwenyuse kakhulu inani labantu abavote kulezokhungo abasuswe kuzo okuyophakamisa imibuzo ngokwenzekile kulezokhungo.

Esephetha uMnisi ubalule ukuthi iqembu lo Mkhonto we Sizwe aliyibekezeleli inkohlakalo ,njengoba limxosha otholakale enza inkohlakalo.

19/06/2026

IQEMBU LOMKHONTO WESIZWE EMKHONDO LIBAMBE ISITHANGAMI NABEZINDABA EBESIBANJELWE EMAHHOVISI ALO EDOLOBHENI EMKHONDO.

Address

Piet Retief

Opening Hours

Monday 06:00 - 17:30
Tuesday 06:00 - 17:30
Wednesday 06:00 - 17:30
Thursday 06:00 - 17:30
Friday 06:00 - 17:30
Saturday 06:00 - 14:00

Telephone

+27785756114

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezomphakathi Newspaper posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ezomphakathi Newspaper:

Share